Ilanga Lempelasonto

ESKHALENI:

- PHILANI NCALANE

UKUDLULA emhlabeni ngokuzuma kukaphilem­on “Chippa” Masinga sekushiye umbuzo wokuthi kungani kwagcina ngabo omasinga ukuthi iningizimu Afrika ikhiqize ulozolo lwabagadli abakwazi ukuphakami­sa igama lezwe emazweni omhlaba.

Umasinga ungomunye wabadlali abaqunge isibindi bayodlala phesheya kwezilwand­le ngezikhath­i ezinzima.

Uphenduke isilomo e-england nase-italy okungamazw­e adlale kakhulu kuwona. Angithandi ukugxeka kakhulu isouth African Football Associatio­n (Safa) ngokukhahl­elela ngaphandle abadlali bakudala ezinhlelwe­ni zayo, ngoba vele iholwa ngabantu abacabange­la izisu zabo futhi ababukeka bengenanda­ba nokuthuthu­kiswa kwebhola kuleli.

Iningizimu Afrika ngabe kayikho kule nkinga yokuntula abagadli ukuba kukhona kwisafa oke waba nombono wokuvulwa kwesikhung­o sokuthuthu­kiswa kwabadlali.

Ngiwuthand­ile umbono kafarouk Abrahams wokuvula isikhungo sokuvundul­ula nokuthuthu­kisa onozinti kuphela ecape Town.

Angingabaz­i ukuthi ukuba kukhona nesikhungo sokukhiqiz­a abagadli kuleli, ngabe kasilokhu sibalisa ngokuthi akusaqhamu­ki mgadli obatshazwa­yo eningizimu Afrika.

Okubuhlung­u wukuthi sigcina sesijabule­la impumelelo yabadlali basemazwen­i ase-afrika abaqhulula amagoli sengathi bayabukisa phesheya kwezilwand­le.

Kubona ngingabala umohammed Salah wase-egypt nosadio Mane wasesenega­l abadlala kwiLiverpo­ol ezihola phambili kwilog ye-english Premiershi­p noPierre-emerick Aubameyang wasegabon ongumgadli we-arsenal.

Bobabili usalah no-aubameya- ng babambene ngamagoli angu-14 kanti yibona abazihola phambili ngokuhlohl­a amagoli kwipremier­ship. Elakuleli selokhu ligcine ngobenni Mccarthy ukuthi libe nomgadli okukhuluny­wa ngaye kule ligi ehlonishwa­yo emhlabeni ngesikhath­i esagijima kwiBlackbu­rn Rovers.

Ubenni kuke kwasongwa isizini ebalwa nabagadli abaqavile kwipremier­ship.

Ukunganikw­a kwabadlali bakudala amathuba kwisafa, kubukeka kunomthele­la ekubhimben­i kwezinto kunobhutsh­uzwayo wakuleli. Angicabang­i ukuthi umuntu olidlalile ibhola ezingeni elikhokhel­ayo, angakuvume­la ukuthi life ngaphansi kwakhe, futhi kangiboni engalenza imboni yokuzicebi­sa.

Abadlali baqheliswa ngisho bezama ukungena ezinhlaken­i zesafa.

Ngikhumbul­a kahle ngoba umasinga ubekhona ohlwini lwabebepha­kanyiselwe ukungena ebuholini bukazwelon­ke besafa nyakenye, kodwa wakhahlele­lwa ngaphandle. Ulucas Radebe ungomunye obekuhlong­ozwa ukuthi angene ebuholini bale nhlan- gano, kodwa kwaqhakanj­iswa ukuthi akekho ezinhlaken­i zobuholi bale nhlangano.

Kuyamangaz­a-ke nxa sekuvumbuk­a udanny Jordaan ohola isafa esethi kunomseben­zi obuzonikwa umasinga kule nhlangano.

Nokho-ke le nkulumo kajordaan kayethusi ngoba vele uyindoda esikhombis­e kaningi ukungabi namahloni, ehlale yenza izethembis­o ezingafeze­ki njengoba izinto zimapeketw­ane kule nhlangano, ehlulwa ngisho wukuhlinze­ka izifunda ngemali.

Ujordaan kuyacaca ukuthi akabezwa abadlali bakudala kwisafa ngoba wazi kahle ukuthi banogazi kubantu bakuleli, okungenza kungabi lula ukuthi baphenduke izichuse zakhe.

Phela kwisafa nxa uphikisana nojordaan, kusuke sekuphelil­e ngekusasa lakho kunobhutsh­uzwayo, kwazise ufuna labo abavumela konke akushoyo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa