Ilanga Lempelasonto

AZIPHELI IZINKINGA ZESILOMO SE-MANCHESTER CITY

-

KAZIPHELI izinkinga kukevin De Bruyne ( osesithomb­eni) oyisilomo semanchest­er City eqhathwe nehuddersf­ield Town emdlalweni we-english Premiershi­p namuhla ngesonto ngo-15h30 ekuhambeni.

Ihuddersfi­eld yiyona ebambe ibhuleki emsileni we- log, kanti icity isendaweni yesibili phezulu njengoba izama ukuvala igebe phakathi kwayo neliverpoo­l eqhwakele.

UDE Bruyne usehlale ngaphandle amahlandla amabili engadlali kule sizini ngenxa yokulimala edolweni. Uqale walimala ngoNcwaba (August) nyakenye. Uphinde walimala ngomfumfu (October) okuphoqe ukuthi ahlale izinyanga eziyisithu­pha engadlali. Nokho-ke useluleme ngokugcwel­e manje.

Ukulimala kubukeka kumphazami­se kakhulu emoyeni njengoba ekhombise ukunengeka ekhishwa ngesikhath­i behlula iburton ngo9-0 kowandulel­a owamanqamu weleague Cup ngeledlule. Uphume enkundleni wangaya ebhentshin­i kodwa waqonda ezindlini zokushints­hela, okuyinto ephambene nemigomo yekilabhu.

Isenzo sakhe kubukeka kuyisona esiholele ekutheni angawuqali umdlalo olandelayo newolverha­mpton abawunqobe ngo-3-0.

Nokho-ke kunzima ukuqinisek­isa lokhu ngoba nezinye izilomo ziqale ebhentshin­i. Kuzona kubalwa usergio Aguero, uriyad Mahrez no-ilkay Gundogan.

Upep Guardiola oqeqesha le kilabhu useke waphumela obala ngohlelo okumele lusetshenz­iswe ngude Bruyne ukubuyela ezingeni abekulona ngesizini edlule.

Lo mdlali ubambe elikhulu iqhaza ekutheni ibelgium ifinyelele kowandulel­a owamanqamu kwindebe yomhlaba ngonyaka odlule erussia. Uguardiola walile ukuphawula ngokuduba kukade Bruyne ukuya ebhentshin­i ngesikhath­i emkhipha. Esikhundle­ni salokhu, uqhakambis­e ukushuba kombango wejezi ekilabhini ya- khe, akuchaza ngokuthi kumphathis­a ngekhanda.

Isiyonke imidlalo ye-english Premiershi­p enamuhla ngesonto ihlelwe kanje:

Huddersfie­ld Town vs Manchester City 15h30 (SS3).

Fulham vs Tottenham Hotspur 18h00 (SS3).

Eyespanish La Liga ihlelwe kanje:

NAMUHLA NGESONTO

Real Betis vs Girona 13h00 (SS7).

Villarreal vs Athletic Bilbao 17h15 (SS7).

Levante vs Real Valladolid 19h30 (SS5).

Rayo Vallecano vs Real Sociedad 19h30 (SS7).

Barcelona vs Leganes 21h45

(SS7).

KUSASA NGOMSOMBUL­UKO

Eibar vs Espanyol 22h00 (SS7).

Eyeserie A yase-italy ihlelwe kanje:

NAMUHLA NGESONTO

Frosinone vs Atalanta 13h30

(SS9).

Fiorentina vs Sampdoria 16h00 (SS9).

SPAL vs Bologna 16h00.

Cagliari vs Empoli 19h00 (SS9).

Napoli vs Lazio

21h30 (SS9). KUSASA NGOMSOMBUL­UKO Genoa vs Milan 16h00 (SS9). Juventus vs Chievo 21h30 (SS9).

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa