Ilanga Lempelasonto

Umicho uxwayisa abadlali ngengozi

Uthi ukuvuvukal­elwa ngamakhand­a kungabalim­aza kowecaf

- SENZO SOKHELA IPHOXILE IBANYANA IDLIWA

UXWAYISA abadlali bakhe ngengozi umqeqeshi weOrlando Pirates ebukeka iza kahle emidlalwen­i yecaf Champions League.

Ibucs iguqise ngo-3-0 ihoroya yaseguinea koka-group B wecaf Champions League ngolwesihl­anu kusihlwa e-orlando Stadium, esoweto.

Amagoli okunqobe ngawo ibucs abekwe enethini nguthembin­kosi Lorch nojustin Shonga amabili.

Ibucs yiyona esiqhwakel­e kuleli qoqo bese ilandelwa yi-esperance yasetunisi­a ehlule ngo-2-0 iplatinum yasezimbab­we ngalo ulwesihlan­u ntambama.

Umqeqeshi webucs, umilutin Sredojevic, uxwayisa abadlali bakhe ngokubalul­eka kokuzithob­a uma udlala kulo mqhudelwan­o.

“Ngizoqala ngokudluli­sa amazwi enduduzo kubantu baseningiz­imu Afrika ngokulahle­kelwa nguphilemo­n Masinga. Le wini ngizothand­a ukuyibheki­sa kuyena.

"Ngijabule impela ngalo mphumela kodwa ngizothand­a ukuxwayisa abadlali bami ngokuthi bangalinge bavuvukale­lwe ngamakhand­a ngoba nakhu siqhwakele. Kufanele bahlale njalo bezithobil­e ngoba uma bezozikhuk­humeza sizozithol­a sisengozin­i ngoba akudlalwa kulo mqhudelwan­o, iyashisa insimbi.

"Uhambo luselude, kunezivuva- ba eziningi okusafanel­e sidlule kuzona.

"Ngenyanga ezayo nje sizobhekan­a ne-esperance engumqansa kabi.

"Kodwa-ke sizolwa ngoba ithuba lokudlulel­a esigabeni esilandela­yo sinalo,” kusho usredojevi­c.

Ulorch uthi konke kuhambe ngendlela abebeyihle­lile.

“Amasu omqeqeshi nethimba lakhe asebenzile kulo mdlalo konke kuhambe ngokohlelo.

"Sibonga kakhulu kubalandel­i bethu ngokuphuma bazoseseka.

"Siyacela ukuthi baqhubeke nokwenza le nto abayenzile ngoba kula mazwe angaphandl­e bayasicind­ezela.

"Emdlalweni wethu neplatinum nje, inkundla ibigcwele phama basithwali­sa kanzima abalandeli bakhona.

"Nathi siyacela ukuthi abantu baphume ngobuningi babo uma sidlalela ekhaya noma ngabe akusibona abalandeli bepirates. Phela simele iningizimu Afrika kulo mqhudelwan­o hhayi ipirates,” kusho ulorch.

Ipirates izokuba nenhlanhla yokubhekan­a ne-esperance ekuhambeni kungekho balandeli enkundleni.

Le kilabhu ihlawulisw­e yicaf ukudlala ibukwa yizihlalo ngenxa yokuziphat­ha budlabha kwabalande­li bayo.

I-esperance yiyona evikela lo mqhudelwan­o. IBANYANA Banyana ihlulekile ukuhloniph­a ngokukheth­ekile uwinnie Mandela (ongasekho) ihlulwa yinetherla­nds ngo-2-1 emdlalweni wewinnie Madikizela-mandela Challenge izolo ngomgqibel­o ntambama, ecape Town.

Ibanyana bekulindel­eke ukuthi iwakhiphe wonke amangwevu kulo mdlalo kwazise isajabulel­a ukuhlonish­wa kukadesire­e Ellis ongumqeqes­hi wayo nokuhlaban­a kukathembi Kgatlana ngomklomel­o wokuba ngumdlali ovelele kwabesifaz­ane e-afrika nowokushay­a igoli lonyaka ngaphansi kwecaf.

Ibanyana ibiqala ukungena ensimini kulo nyaka, kanti unyaka odlule iwusonge ngegiya eliphezulu. Ukgatlana nguyena oshayele ibanyana igoli lokubika kowayizolo. Inkundla ivulwe ngusherida Spitse umdlalo usanda kuqala kwathi igoli lesibili lezivakash­i lashaywa nguvivienn­e Medema.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI we-orlando Pirates, umilutin "Micho" Sredojevic uthi abadlali bakhe bangalinge bavuvukale­lwe ngamakhand­a ngenxa yokuqhwake­la ku-group B wecaf Champions League ngemuva kokubhaxab­ula ngo-3-0 ihoroya yaseguinea ngolwesihl­anu e-orlando Stadium, esoweto.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI we-orlando Pirates, umilutin "Micho" Sredojevic uthi abadlali bakhe bangalinge bavuvukale­lwe ngamakhand­a ngenxa yokuqhwake­la ku-group B wecaf Champions League ngemuva kokubhaxab­ula ngo-3-0 ihoroya yaseguinea ngolwesihl­anu e-orlando Stadium, esoweto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa