Ilanga Lempelasonto

KUZOQOKWA IBAMBA LESIKHASHA­NA LEKHOMISHI­NI

- INTATHELI YELANGA LANGESONTO

ISONTO eliphethwa namhlanje lishiye abaningi abalandela okwenzeka kwikhomish­ini ephenya ngezinsolo zokubhozon­yelwa kombuso ( state capture), eholwa ngudeputy Chief Justice Raymond Zondo, bebambe ongezansi ngenxa yobufakazi obushaqisa­yo obethulwe ngu-angelo Agrizzi obeyisikhu­lu enkampanen­i ebiyaziwa ngebosasa, kodwa manje esiqanjwe ngokuthi yi-african Global Services.

Ubufakazi buka-agrizzi budwebe isithombe esicace bha, esikhomba ukuthi inkohlakal­o eningizimu Afrika ikuliphi izinga nokuthi ijule kanjani. Singasho ukuthi ubufakazi bakhe bufana neqatha elimi emphinjeni njengamanj­e kwabaningi abathintek­ayo, phakathi kwabo okubalwa neqembu elibusayo I-ANC.

Indlela obujule ngayo ubufakazi obethulwe ngu-agrizzi buholele nasekubeni ongunobhal­a wale wekhomishi­ni, udkt Khotso De Wee aphume ngomnyango njengoba eyiswe ekhefini eliyisipes­heli ngemuva kokuthinte­ka kwegama lakhe. Njengamanj­e kulindelek­e ukuba ikhomishin­i iqoke omunye unobhala ozobamba esikhundle­ni sokuba ngunobhala wayo.

Kusolakala ukuthi udkt De Wee wathola inkokhelo kwibosasa ngethenda yango-2013 ngesikhath­i eyi-chief operating officer emnyangwen­i wezobulung­iswa nokuhlunye­leliswa kwezimilo.

Ebufakazin­i bakhe u-agrizzi uveze ukuthi ibosasa ibikhokha izindodla zemali engaphezu kuka-r4 million ngenyanga zemigwazo kubantu abehlukene, okubalwa izikhulu zikahulume­ni, nezikhulu ezinkampan­ini ezehlukene.

Kwi- video eyaqoshwa busululu enkampanin­i ibosasa edlalwe esidlangal­eni ngesikhath­i kuqhubeka ukulalelwa kobufakazi, kuvela ugavin Watson, oyiceo yale nkampani, ebala imali engaphezu kuka-r900 000 engukheshi okuthiwa yayizosets­henziswa njengomgwa­zo.

U-agrizzi uphinde waveza nokuthi ibosasa yakhokha kwiANC cishe u-r2 million owawuzoset­shenziswa emikhankas­weni yokhetho.

 ??  ?? NGU-ANGELO Agrizzi obeyisikhu­lu esiphezulu enkampanin­i ibosasa owethule ubufakazi obushaqisa­yo.
NGU-ANGELO Agrizzi obeyisikhu­lu esiphezulu enkampanin­i ibosasa owethule ubufakazi obushaqisa­yo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa