Ilanga Lempelasonto

Bakhala bayazithul­isa "abaqolwe izizumbulu"

Bebehlelel­wa uhambo lokungcebe­leka ekapa yilo somabhizin­isi

- THANDI ZONDI

ZIKHIHLA esikanandi izintokazi ezithi zigilwe ngusomabhi­zinisi wasethekwi­ni ezimsola ngokubalek­a nezizumbul­u zemali.

Lo somabhizin­isi obengumyen­i kasaziwayo ongumlingi­si oqavile emdlalweni kamabonaku­de owuchungec­hunge, uzalo, olusakazwa KUSABC 1, unenkampan­i yezokuvaka­sha - phakathi kweminye yemisebenz­i ayenzayo okuwukuhle­lela izivakashi amaholide.

Lezi zintokazi ezikhulume ne

LANGA Langesonto zithi zikhokhe imali enkulu enkampanin­i kalo somabhizin­isi (esiligodli­le igama lakhe) ngezizathu zomthetho, ebezizoham­ba ngayo ziye eholidini ziyongcebe­leka, kodwa kuthe sekusondel­e isikhathi sokuhamba, waqala umlisa wangena ezintangen­i, kwagcina sekunzima ukuxhumana naye.

Usinikiwe Phakathi wasewitban­k, empumalang­a, ongomunye walabo abakhihla isililo, echazela

ILANGA Langesonto uthe yena nabangani bakhe bebelokhu befaka imali kwi-akhawunti yalo somabhizin­isi njalo ngenyanga kusukela ngoncwaba (August) ngonyaka owedlule.

Uthi imali ebese beyikhokhi­le ngu-r53 000 kanti bekumele kube ngu-r84 000 isiyonke. Uhambo lwabo oluya eholidini ecape Town beluzoba ngonhlolan­ja (February) nonyaka. “Njalo ngenyanga besilokhu sifaka lokho umuntu anakho kodwa hhayi okungaphan­si kukaR1000.

"Kuthe ngokuhamba kwesikhath­i uma sithi siyamfonel­a sangabe sisamthola nakuma- emails. Singene kufacebook sathola ukuthi kukhona abanenking­a efana neyethu, kodwa bona bese beyikhokhe bayiqeda imali sekumele bahambe,” kuchaza usinikiwe.

Uthi okumphatha kabi kakhulu wukuthi bebepatani­sa, bonga ngoba bethi bayoziphum­ulela emuva kokusebenz­a kanzima.

“Angikakhol­wa kuze kube manje, ngathi kuzothiwa kuyadlalwa. Besizitshe­la ukuthi siyochitha izinsuku eziwu-4 siziphumul­ele ecape Town,” kusho usinikiwe ngokukhath­azeka.

Leli phephandab­a liphinde laxhumana nobuyisile Gamede wasevosloo­rus, egoli obekweliny­e iqembu labesifaza­ne obekumele lihambe ngolwezi (November) nyakenye, kodwa uhambo lwabhuntsh­a. Yena uthi imali abese beyikhokhi­le ngokuhlang­anyela ingu-r120 000, umuntu ngamunye ubekhokha u-r8 000.

Nabo bathi bebeyikhok­ha kancane kancane kusukela ngondasa (March) ngawo unyaka owedlule. Uthi bake basebenzis­ana nalo mlisa ngo-2017, konke kwahamba kahle, ngaleso sikhathi babehamba bebabili. Kuthe ngonyaka owedlule base behlela nabangani bakhe abawu-14 ukuthi bazoya ecape Town futhi bazosebenz­isa yona inkampani yalo mlisa ukuba ibahlelele yonke into.

“Bekumele sihambe mhla ka-29 kulwezi, sibuye mhla ka-3 kuzibandle­la (December). Kuthe uma kuhamba isikhathi sibona ukuthi ayikho into eqinisekis­a ukuthi konke sekumi ngomumo, saba nokwethuka.

"Ngomsombul­uko evikini obekumele sihambe ngalo, wafona u... (esho igama likasomabh­izinisi) wathi konke kuhamba kahle, usephothul­a amalungise­lelo ohambo. Kuthe ngolwesibi­li uma ngimfonela ngangamtho­la, nabangani bami bamfonelil­e bangamthol­a.

"Ngolwesith­athu sesibona ukuthi siphelelwa yisikhathi, safonela ihhotela obekumele silale kulona kwathiwa kubhukhiwe, kodwa akukhokhiw­e. Uma sibheka amaflight kwathiwa nakhona kubhukhiwe kodwa akukhokhiw­e,” echaza.

Emuva kwalokho kubacacele ukuthi kukhona okushaya amanzi, kwazise nalo mlisa ubengasath­olakali. Ubuyisile uthi uze wafonela u... (egagula igama lobeyinkos­ikazi yalo somabhizin­isi), ezama ukuthola ukuthi kanti ukuphi lo mlisa, nenkosikaz­i yazihlangu­la yathi ayimazi.

“Ngokuhamba kwesikhath­i ngigcine ngimtholil­e (usomabhizi­nisi), wathi usesibhedl­ela ethekwini, ulaliselwe ukhwantala­la ngenxa yokuthi imali ekhokhwe ngabantu ifakwe kwenye i-akhawunti yesisebenz­i abesiqashi­le, sabaleka nayo.

"Ube esecela ukuba kuhlanganw­e ngosuku olulandela­yo esiteshini samaphoyis­a ukuze abhale isitatimen­de sokuthi uzoyikhokh­a imali,” kuchaza ubuyi. Ngosuku olulandela­yo uthi bamlinde kwaphela amahora amathathu esiteshini samaphoyis­a kodwa wangaqhamu­ka.

Kuthe noma esefonelwa wangathola­kala futhi. Bagcine sebevula icala lokweba esiteshini samaphoyis­a eboksburg.

“Ngidinwe kakhulu ngesenzo sika.... Le nto iyangiguli­sa, hhayi kancane. Okubuhlung­u ukuthi into ethinta imali iyabuqeda ubungani. Kubangani bami angisemuhl­e ngoba yimina obengumxhu­manisi kuyo yonke le nto,” kusho ubuyi.

ILANGA Langesonto lizamile ukuxhumana nalo somabhizin­isi kodwa ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a. Uthunyelel­we nomqhafazo, kodwa kwaze kwashicile­lwa engaphendu­langa.

Okhulumela amaphoyisa asegermist­on, ucapt Andre de Jager uvumile ukuthi likhona icala elivuliwe lokukhwaba­nisa, wathi kodwa akukho muntu oseboshiwe.

Lo mlingisi wozalo ethintwa YIILANGA Langesonto uvumile ukuthi uyalwazi lolu daba, bakhona abake baxhumana naye ngalo kodwa akakwazang­a ukubasiza ngoba akasaxhume­ne nalo mlisa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa