Ilanga Lempelasonto

IYAFUNDISA INCWADI UBIZO LWAKHO

- EZEZINCWAD­I: BONGINKOSI ZONDI

EKUGCINENI selize lashicilel­wa ibhuku elilotshwe ngu Mfu MS Mncwabe ongumholi we Callings Promotions Ministries. Lona ngumbono osekunesik­hathi eside efundisa ngawo eziteshini zemisakazo yomphakath­i, nasephepha­ndabeni ILANGA kanti muva nje usefundisa ngawo kwesinye sezikole zebhayibhe­li.

Yindaba enkulu lena lapho evula khona amehlo kulabo abasemsebe­nzini wenkosi okunabantu abangaphan­si kwabo kodwa abangembul­ekelwe ngobizo lwabo. Ngaphandle kokuvula amehlo kubefundis­i abakulesi simo ubuye futhi aqaphelise abathanday­o ukusebenze­la inkosi kodwa bedidekile ngokuthi kukuphi lapho bengabamba khona iqhaza.

Kule ncwadi uyafunda ukuthi akulungile ukulingise­la abanye ngoba ubona bephumelel­a endleleni abenza ngayo. Futhi ahlukene amahhovisi obizo emsebenzin­i wenkosi nokusemqok­a ukuba umuntu azazi ukuthi yiliphi abizelwe kulona.

Uyexwayisa futhi nangalabo okuthi ngoba bengaqashi­we bese bethi kungcono bangene emsebenzin­i wenkosi balibale ukuthi ukungaqash­wa akuyona i- qualificat­ion yokuba ungene ebufundisi­ni. Wenza isibonelo ngojesu Krestu ukuthi abafundi bakhe wayebabiza besemisebe­nzini abebeyenza. Futhi uyayichaza indaba yobizo ukuthi ayipheleli ekubeni uphathe umbhobho bese ukhuluma nabantu ngoba kuningi okwenziwa ezinkonzwe­ni ngaphandle kokushumay­ela.

Uma ungaculi nekhwaya kukhona ongase ukwenze kokwelekel­ela ukuba umsebenzi wenkonzo uphelele. Uyakuveza futhi nokuthi ubizo akusilona olokuba kusizakale wena ngalo kepha ngolokuba kusizakale abanye abantu ngawe. Nokho kubukeka usizo lwayo lungafinye­lela kwabaningi nxa itholakala ngolimi lwesizulu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa