Ilanga Lempelasonto

IHLOLA UMGADLI WASEMALAWI I-ROYAL EAGLES

- MFANAFUTHI NDLOVU

INGASE isayinise umgadli waseMalawi iroyal Eagles enephupho lokunyukel­a kwi-absa Premiershi­p ngesizini ezayo.

ILANGA Langesonto lithole ukuthi le kilabhu ingase ithathe u-atusaye Nyondo ogcine ukudlala kwibloemfo­ntein Celtic.

Sekuwumlan­do ukuthi uke wagijima nakwi-university of Pretoria isalolongw­a ngushaun Bartlett. Unyondo kulindelek­e ukuthi adlale ngokuzwana no-uhuru Seleiman Mwambungu wasetanzan­ia osanda kuqeda konke nale kilabhu.

Usazi Ngubane ocija i-eagles, uziqinisek­isile lezi zindaba ngesikhath­i exoxa naleli phephanda- ba ngolwesihl­anu. Uthe lo mdlali ufike ngolwesine ekhempini yabo ukumhlola ngaphambi kokuthatha isinqumo.

Ungubane ukhulume kanjena nje, unzima umsebenzi obhekene naye kwazise unomdlalo obalulekil­e kakhulu werichards Bay FC kwinationa­l First Division (NFD) namuhla ngesonto ngo-15h30 echatswort­h Stadium. Ibay kayigayelw­a mphako kulezi zinsuku kwazise ishaye istellenbo­sch FC ngo-2-0 ekuhambeni koweligi.

Ungubane uthe umdlalo womkhaya uhlale unzima ngaso sonke isikhathi. Nokho uthi bazimisele ngamaphuzu agcwele kwazise abadlali bakhe bawulambel­e lo mdlalo.

“Okuhle wukuthi ngiya kulo mdlalo nesikwati esiqinile njengoba ustrydom Wambi nosbonelo Boyce beyimiqema­ne, babuyile ekulimalen­i,” kusho ungubane.

Udillan Solomons oyisikwibh­isi se-eagles, uthe unethemba elikhulu lokuthi uzoyibhaku­zisa inethi kulo mdlalo ukusiza ezakhe ukuqoqa amaphuzu agcwele. Isiyonke imiphumela yemidlalo YENFD ihambe kanje: Ubuntu 0, uthongathi FC 0; TS Sporting 2, Cosmos 1; Mbombela 3, Tuks 0; Spurs 4, Kings 1.

Munye umdlalo WENFD kusasa ngomsombul­uko ozogijinyw­a yicape Umoya United nemaccabi FC ngo-15h30 e-athlone Stadium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa