Ilanga Lempelasonto

Usovalweni umndeni womlingisi wesibaya

Kudedelwe ngebheyili abasolwa ngokuzama ukubulala umyeni kazinhle

- PHILANI MZILA

ULALA obenyoni umndeni womlingisi womdlalo kamabonaku­de, Isibaya, olingisa indawo kasihle, kodwa ogama lakhe langempela nguzinhle Mabena-ngwenya, oshade nosomabhiz­inisi wasenorth West, urobert Ngwenya.

Lokhu kulandela ukuba kudedelwe ngebheyili yinkantolo yemantshi ebrits, abantu abathathu abasolwa ngokuzama ukubulala urobert ngonyaka odlule.

Urobert odabuka emaboloko ngaphandle kwasebrits, enorth West, kuthiwa walalelwa unyendle ngamadoda amathathu ebuya emhlanganw­eni womphakath­i njengoba engusihlal­o webhodi elibizwa ngevillage­s, Townships and Small Dorpies Chamber of Commerce (VTSD) elwela ukuba umphakathi wezindawo ezakhelene nezimayini uqashwe kulezo zimayini.

Ekhuluma NELANGA Langesonto urobert, uthe ukhathazek­ile ngempilo yakhe neyenkosik­azi yakhe ngemuva kokuvela kokuthi abasolwa bakhishiwe ezitokisin­i.

“Angiwuqond­i ukuthi umthetho ubuye usebenze kanjani. Laba bantu abakufihla­nga ukuthi bangifuna ngifile. Baze bakubeka kwacaca ukuthi uma bengaphume­leli, bazobamba umfazi wami futhi bayazi ukuthi kulula ukumthola,” kusho urobert.

Uthe into abafuna ukumbulale­la yona, yilesi sikhundla akusona ngenxa yokuthi ukwenza kube nzima kwabanye abantu ukuba bathole amathenda.

“Kubuhlungu khona uma sebevele bakhishwa. Iyangidida nje impela le nto ngoba bese ngithembel­e kwingalo yomthetho ukuze kuphephe mina, umkami nezingane zami,” kuqhuba yena.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa