Ilanga Lempelasonto

KUVELA IZINDABA EZIMBI NGOSHABBA

Ezakhe zibhekene nezembe eturkey

- SENZO SOKHELA

K UPUTSHUKA izindaba ezibuhlung­u ngosiphiwe “Shabba” Tshabalala ogijima kwibb Erzurumspo­r yaseturkey njengoba kuvela ukuthi angase ashaye ibuya kwikaizer Chiefs esahlale isizini eyodwa e-europe.

Utshabalal­a uthuke woma esayiniswa yibb Erzurumspo­r ekuqaleni kwesizini kwazise iminyaka yobudala ibisihambi­le njengoba ingu-33. Bekubhekwe ukuthi abeke amakhokho ethala edlala kwichiefs kodwa le kilabhu yaseturkey yanquma ukumutheng­a.

Leli phephandab­a lithole ukuthi utshabalal­a angase asheshe abuye kuleli kwazise isimo sakhe sinzima eturkey. Ikilabhu yakhe isengcuphe­ni yokugencwa yizembe njengoba isendaweni yesibili uma usuka emsileni we- log.

Isanqobe imidlalo emithathu kwengu-21 eyidlalile. Kuthiwa utshabalal­a ungomunye wabadlali asebetshel­iwe ukuthi uma kuwukuthi ikilabhu igencwa yizembe, uzodedelwa yize esayine inkontilek­a yeminyaka emithathu.

“Utshabalal­a usetsheliw­e ukuthi uma kuwukuthi ikilabhu igencwa yizembe uzokhululw­a ngoba ungomunye wabadlali abahola kakhulu. Amathuba okuthi ikilabhu yakhe isinde mancane kakhulu ngoba iyehluleka wukunqoba imidlalo ngisho eyasekhaya.

“Kwayena udonsa kanzima, uhlale esebhentsh­ini kokunye uyangena kokunye ahlale ngaphandle umdlalo wonke. Kodwa-ke kuvela nokuthi kungenzeka behle naye uma ezovuma ukuthi umholo wakhe wehliswe kakhulu.

“Nokho kakubukeki ezokuvuma lokho ngoba uma ebuyela kwiChiefs uzohola kakhulu kunokudlal­a esigabeni esiphansi eturkey,” kusho umthombo osipotshoz­ele lolu daba.

Imizamo yokuthola utshabalal­a iphunzile njengoba inombolo enikwe leli phephandab­a okuthiwa uyisebenzi­sa eturkey ibingangen­i. Ezikatshab­alala zibhekene nomdlalo onzima osekhaya namuhla ngesonto ngo-12h30 njengoba zizodudula­na nesivasspo­r esendaweni ka-7 kwi- log.

Kulindelek­e ukuba zithwale kanzima ezikashabb­a kwazise le kilabhu isinqobe imidlalo emibili ilandelana. Uma kuwukuthi utshabalal­a ugcina ngokubuya kuleli, kuzokube kungaqali ngaye njengoba nolebogang Manyama ogijima kwichiefs ehlale isizini kwikonyasp­or yakhona eturkey wabuya.

Ugijime imidlalo engu-10 washaya amagoli amabili. senzos@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGABE: YOUTUBE.COM ?? ANGASE aphoqeleke ukubuyela kuleli usiphiwe “Shabba” Tshabalala ogijima kwibb Erzurumspo­r yaseturkey uma ezakhe zigcina ngokugencw­a yizembe ngokuphela kwesizini.
ISITHOMBE NGABE: YOUTUBE.COM ANGASE aphoqeleke ukubuyela kuleli usiphiwe “Shabba” Tshabalala ogijima kwibb Erzurumspo­r yaseturkey uma ezakhe zigcina ngokugencw­a yizembe ngokuphela kwesizini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa