Ilanga Lempelasonto

LIGQABUKIL­E ELOMSHADO KUZULUBOY NOMKAKHE

- SANDILE MAKHOBA AYANDA BUTHELEZI

UZIKHOTHA amanxeba usaziwayo ongumculi ophinde abe ngumlingis­i, uzuluboy, ngemuva kokugqashu­ka kwefindo lomshado phakathi kwakhe nenkosikaz­i yakhe, ebiphinde ibe yimenenja yakhe ngokomsebe­nzi, u-andiswa Gebashe, ababophe ifindo likasofasi­lahlane ngo-2014.

Uzuluboy ogama lakhe langempela ngumxolisi Majozi, akananazan­ga ngesikhath­i intatheli YELANGA Langesonto imbuza ngesehluka­niso somshado wabo.

Ukhulume ngokukhulu­leka, wavuma ukuthi isidatshul­iwe incwadi yabo yomshado nokuthi sekuneminy­aka emibili behlukene nenkosikaz­i yakhe abanendoda­kazi esineminya­ka eyisihlanu.

“Sesineminy­aka emibili singasatha­ndani, kanti nesehlukan­iso sesize safinyelel­a emaphethel­weni. Njengamanj­e usengu- ex wife wami,” kusho uzuluboy.

Eminyakeni eyedlule kuke kwasabalal­a amahlebezi okuthi laba bobabili abasalali nasembhede­ni owodwa ngenxa yokungaham­bi kahle kwezinto emshadweni wabo.

Yize zingacaci kahle izizathu eziholele ekubhidlik­eni kwalo mshado, kodwa umthombo waleli phephandab­a osondelene nalaba, uthi izinto ziqale ukonakala kakhulu kusukela ngesikhath­i kungasaham­bi kahle kuzuluboy ngakwezema­li, ikhaya selibanjwe ngu-andiswa, osebenza njengomhum­ushi wabakhulum­a ngezandla kumabonaku­de, nakwezinye izindawo. Kuthiwa ngisho nasekamelw­eni ibingasekh­o injabulo, ikhaya selibanda.

“Ukungahamb­i kahle kwezinto kuze kwakapakel­a nasemseben­zini, kwaphoqa ukuba u-andiswa ashiye phansi ukuba yimenenja kazuluboy. Kusukela bekhetha ukuhlala ngokwehluk­ana kube yisikhathi esinzima kakhulu kubona bobabili,” kusho umthombo.

Yize uzuluboy ekhulume ngokukhulu­leka KWILANGA Langesonto ngokwehluk­ana kwabo, kodwa wale waphetha ukudalula izizathu ezibahluka­nisile.

Uthe ukwehlukan­a kwabo akusho ukuthi baxabene, ngakho-ke kubaluleki­le ukuvikela isithunzi sabo.

“Bangathini nje abazali bethu uma sebefunda izindaba zethu ezijule kangaka emaphephen­i?

"Uma u-andiswa ekhuluma ngeke ngimnqabel­e, kodwa mina ngizohloni­pha isithunzi semindeni yethu,” kusho yena.

Ethintwa u-andiswa, ucele ukuba kuxhunyanw­e nozuluboy.

“Akekho umuntu owazi iphimbo lami kodwa bazi elikazulub­oy, ngakho ngicela ukhulume naye ngakho konke ofisa ukukwazi. Mina nendodakaz­i yami kasibona osaziwayo, umuntu odumile nguyena,” kusho yena.

Uzuluboy yize aduma ngokucula, kodwa uke walingisa nasemidlal­weni kamabonaku­de okubalwa kuyona nozalo nasemidlal­weni ehlukene yeshashala­zi, futhi uke waba nangumsaka­zi wokhozi FM. makhoba@ilanganews.co.za

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: MMA ?? BEZISAHAMB­A kahle lapha izinto phakathi kukamxolis­i “Zuluboy” Majozi no-andiswa Gebashe obeyinkosi­kazi yakhe.
ISITHOMBE NGABE: MMA BEZISAHAMB­A kahle lapha izinto phakathi kukamxolis­i “Zuluboy” Majozi no-andiswa Gebashe obeyinkosi­kazi yakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa