Ilanga Lempelasonto

KUSHONE UMBHALI WEZINCWADI

- THANDI ZONDI

UGQEMEKE engeqiwa ntwala umkhakha wezokubhal­wa nokushicil­elwa kwezincwad­i, ngokudlula emhlabeni koqweqwe lombhali obedumile, udkt Charles Mungoshi, wasezimbab­we.

Izindaba zokushona kwakhe zisabalale izolo ngomgqibel­o ngemuva kokuba ziqiniseki­swe wumndeni wakhe. Kubikwa ukuthi ushonele esibhedlel­a eharare khona izolo.

“Kubuhlungu ngale ndlela engachazek­i ukushona kukababa wethu, udkt Charles Mungoshi. Ubesegule iminyaka ewu-10 ngenxa yokuthinte­ka kwemithamb­o, kwagcina kumenele namuhla ekuseni (ngomgqibel­o) eparirenya­twa Hospital,” kusho isitatimen­de esikhishwe wumndeni kamufi.

Igalelo lakhe ekubhaleni izincwadi, limenze wahlonishw­a emazweni ehlukene, wawina nezindondo.

Ushicilele izincwadi ezingu-18, phakathi kwazo okubalwa ethi Waiting for the Rain (1975), The Milkman Doesn't Only Deliver Milk (1981), Coming of the Dry Season (1972), Branching Streams Flow in the Darkness (2013) nezinye.

Uke wahlabana ngomklomel­o we-commonweal­th Writers’ Prize, ngaphansi kwe- category ibest Book in Africa, futhi wamenywa ukuyohlang­ana nendlovuka­zi yamangisi, u-elizabeth II, kanti enye yezinkondl­o zakhe inamekwe ekomkhulu le-bill and Melinda Gates Foundation, eseattle, ewashingto­n njengengxe­nye yombukiso.

Ngo-2003 uhlonishwe ngeziqu zobudokote­la yi-university of Zimbabwe, emuva kokuhlomul­a ngenqwaba yezindondo.

“Sizizwe singabakhe­thekile ukuba sibe nodkt Mungoshi, obenothand­o, engumyeni onakekelay­o kujesesi, enguyise kufarai, ugraham, unyasha, ucharles, notsitsi, ewumkhulu kubazukulu abangu-7,” kusho umndeni. tzondi@ilanganews.co.za

 ??  ?? UDKT Charles Mungoshi obenguqweq­we lombhali, oshone izolo ngomgqibel­o ekuseni.
UDKT Charles Mungoshi obenguqweq­we lombhali, oshone izolo ngomgqibel­o ekuseni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa