Ilanga Lempelasonto

IDUME YADLULA I-

- JOHN HLONGWA

YAKHELE ngemaqubu enye ezinkundle­ni zokuxhuman­a njengoba i"men's Conference” yangoLwesi­ne, idume ukwedlula ivalentine’s Day uqobo.

Obekugqame kakhulu ngale “Men’s Conference” wukuthi iveze amadoda njengabant­u abebebalek­ela ukuchitha isikhathi nezithandw­a zawo kanye nokuchitha imali ethenga izipho futhi etetemukis­a abathandiw­eyo.

Indlela obekwenzek­a ngayo, ubungaze ufunge ukuthi ikhona ngempela le ngqungquth­ela kanti bekudlalwa umaphicaph­icana. Ezinkundle­ni zokuxhuman­a bekupendwa isithombe sokuthi kugcwele kuyanyinyi­theka lapho amadoda ebebuthene khona, futhi kumnandi ngendlela yokuthi kufanele akhohlwe yizithandw­a zawo.

Bekufakwa izithombe zabantu abehlukene besilisa, okubalwa kubona nosaziwayo, bevezwa sengathi nabo bayingxeny­e yayo. Owake waba ngumengame­li wezwe, umnu Jacob Zuma, naye sike safakwa esakhe isithombe ebingelela abantu, kwase kubhalwa ukuthi “ubaba usefikile”.

Ezinye zezithombe obuhlangab­ezana nazo ezinkundle­ni zokuxhuman­a, bekukhona ezamadoda abehamba eyiqulu bese kuba nombhalo othi “siyakhona”; kubonakale amanye sengathi ayabaleka, uma ebuzwa athi aya kwi- conference; kukhona esinebhano­yi sibhalwe ukuthi liyathelek­a ibandla; kwesinye imoto ibonakala ifile emgwaqweni bese kubhalwa ukuthi siyeza sisendlele­ni; kuvela indoda ibanjwa ngesidloza­na kuthiwa ibonakale ithumelele umkayo i-e- wallet; kukhona lapho kuvela amadoda ebaleka kuthiwa bese kushaye isikhathi sokuba kuhlolwe igazi.

Impela kuleli sonto ibe ngundabaml­onyeni le "Men’s Conference”.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa