Ubesenkantolo uphuzekhemisi
UMCULI kamaskandi osemnkantshubomvu, uzibokwakhe “Phuzekhemisi” Mnyandu (55), wodumo lwengoma ethi “Imbizo”, uthi akasayithinti imoto yakhe ababehamba ngayo kwenzeka isigameko sokudubuleka komngani wakhe, uselby Shezi, owagcina eshonele esibhedlela.
Uphuzekhemisi uvele kafushane enkantolo yesifunda kusomtsewu Road, ethekwini, ngolwesihlanu, icala lahlehliselwa umhla ka-26 kuNdasa (March). Kusalindwe imiphumela yodokotela yokuhlolwa kwesidumbu sikamufi nokuqhubeka kophenyo.
Uphuzekhemisi, obedlubhe isudi emnyama, ubephelezelwa ngumkakhe, untombenhle Mnyandu, ngamadodana akhe nabaculi asebenza nabo.
Ngaphandle kwenkantolo ukhulume nentatheli YELANGA Langesonto wathi: “Hheyi mfowethu, ngusathane wodwa lona owangehlela, namanje angikholwa ukuthi kwenze- ka into enjengalena. Kuze kube manje angiyithinti imoto yami esasihamba ngayo nomufi ngoba kuvele kubuye emqondweni lesiya sigameko ekubeni sasingamathe nolimi.”
Uphuzekhemisi wayeshisa izikhotha ngeminyaka yo-1990 ngengoma yakhe “Imbizo” eyagcina isiculwa ngabaculi abaningi ngezindlela zabo. Kuze kube manje usaqashwa emicimbini yize esacula uhlobo lukamasikandi omdala wophuzushukela Isihosho sikamashezi.
Ngonyaka owedlule kwehla lesi sigameko kwashaqeka abaningi kodwa kwaba nethemba lokuthi umufi uzosinda, nokho kwathi ngozibandlela (December) waphangalala.
Ngokwamaphepha asenkantolo, kuthiwa babehamba ngemoto beshayelelwa ngothile, kwaxatshanwa kwaba nokudubuleka.
Kulindeleke ukuba uma esebuyela enkantolo umsolwa, umphenyi wecala asho ukuthi usabhekene necala lokuzama ukubulala noma usezomthwesa elokubulala ngokungenanhloso.