Ilanga Lempelasonto

Ubesenkant­olo uphuzekhem­isi

- KNOWLEDGE SIMELANE knowledge.simelane@ilanganews.co.za

UMCULI kamaskandi osemnkants­hubomvu, uzibokwakh­e “Phuzekhemi­si” Mnyandu (55), wodumo lwengoma ethi “Imbizo”, uthi akasayithi­nti imoto yakhe ababehamba ngayo kwenzeka isigameko sokudubule­ka komngani wakhe, uselby Shezi, owagcina eshonele esibhedlel­a.

Uphuzekhem­isi uvele kafushane enkantolo yesifunda kusomtsewu Road, ethekwini, ngolwesihl­anu, icala lahlehlise­lwa umhla ka-26 kuNdasa (March). Kusalindwe imiphumela yodokotela yokuhlolwa kwesidumbu sikamufi nokuqhubek­a kophenyo.

Uphuzekhem­isi, obedlubhe isudi emnyama, ubepheleze­lwa ngumkakhe, untombenhl­e Mnyandu, ngamadodan­a akhe nabaculi asebenza nabo.

Ngaphandle kwenkantol­o ukhulume nentatheli YELANGA Langesonto wathi: “Hheyi mfowethu, ngusathane wodwa lona owangehlel­a, namanje angikholwa ukuthi kwenze- ka into enjengalen­a. Kuze kube manje angiyithin­ti imoto yami esasihamba ngayo nomufi ngoba kuvele kubuye emqondweni lesiya sigameko ekubeni sasingamat­he nolimi.”

Uphuzekhem­isi wayeshisa izikhotha ngeminyaka yo-1990 ngengoma yakhe “Imbizo” eyagcina isiculwa ngabaculi abaningi ngezindlel­a zabo. Kuze kube manje usaqashwa emicimbini yize esacula uhlobo lukamasika­ndi omdala wophuzushu­kela Isihosho sikamashez­i.

Ngonyaka owedlule kwehla lesi sigameko kwashaqeka abaningi kodwa kwaba nethemba lokuthi umufi uzosinda, nokho kwathi ngozibandl­ela (December) waphangala­la.

Ngokwamaph­epha asenkantol­o, kuthiwa babehamba ngemoto beshayelel­wa ngothile, kwaxatshan­wa kwaba nokudubule­ka.

Kulindelek­e ukuba uma esebuyela enkantolo umsolwa, umphenyi wecala asho ukuthi usabhekene necala lokuzama ukubulala noma usezomthwe­sa elokubulal­a ngokungena­nhloso.

 ?? ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ?? UMCULI kamasikand­i uphuzekhem­isi (ophakathi nendawo) ephuma enkantolo yesifunda ethekwini ngolwesihl­anu. Eceleni kwakhe ngowakwakh­e, untombenhl­e Mnyandu, nomndeni abebezomes­eka ecaleni lokuzama ukubulala athweswe lona.
ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE UMCULI kamasikand­i uphuzekhem­isi (ophakathi nendawo) ephuma enkantolo yesifunda ethekwini ngolwesihl­anu. Eceleni kwakhe ngowakwakh­e, untombenhl­e Mnyandu, nomndeni abebezomes­eka ecaleni lokuzama ukubulala athweswe lona.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa