Ilanga Lempelasonto

KUGIYA ININGIZIMU AFRIKA KOWABABHAL­I

- ZOWAKHA MBATHA

IZOBE igcagcele esokeni kubabhali nabathanda ukufunda kuqala umgubho waminyaka yonke, itime of The Writer, owenzeka okwama-22 nonyaka. Lo mgubho, ohlelwa yisikhungo icentre for Creative Arts (CCA), uzodonsa izinsuku ezine kusuka ziyi-13 kuze kube ziyi-16 kwezokweth­wasa, undasa (March).

Okwehlukil­e nonyaka wukuthi ngababhali baseningiz­imu Afrika kuphela abazobe besina bededelana ukugqamisa umlando wakuleli ngokusho kukalliane Loots, ongumqondi­si WECCA.

“Sizibophez­ele nonyaka ukuthi kugqame amazwi amaningizi­mu Afrika njengoba sifuna ukugqamisa ubuthina ngekhono lokubhala ngathi nekusasa lethu. Le festivali izosebenza ukugqamisa ubuqiniso,” usho kanje.

Ezinye zezindawo ezizosetsh­enziswa ngalo mgubho yi-elizabeth Sneddon Theatre E-UKZN, KZNSA Gallery, Auditorium Hall eclermont esizakala Centre yakhona, yigrosveno­r Library, Inchanga nenanda Library kanti kungenwa mahhala kuzo zonke lezi zikhungo.

Phakathi kwababhali abagqamile nonyaka kukhona nesishosho­vu samalungel­o abantu besifazane, urosie Motene. Abanye ababhali ngududu Busani Dube (osesithomb­eni), Mandla Kanozulu, Cyril James, Siya Khumalo, Angela Makholwa, Slungile Mavuso, Shalo Mbatha, Walter Mncube, Lerato Mogoatlhe, Sihle Mthembu, Sifiso Mzobe, Sue Nyathi nabanye.

Ngale kwale festivali, kuzokwethu­lwa nezincwadi ezintsha nezigcawu ezahlukene zokwabelan­a ngolwazi ngalo mkhakha. Uhlu oluphelele lwezikhung­o nezikhathi kuzotholak­ala kwi- website yakwacca.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa