UZALO
ISONTO libhekene nenkinga yezimali kodwa abazalwane kabazimisele ngokulahla ithemba. Usibonelo ubona kufanele agcine isethembiso asenza kunina. Umrs Madlala uphakamisa igama lakhe esikhundleni sokuba ngumholi wentsha. Uqhabanga nosibonelo baqala ukuba ngabangani, nokuyinto ejabulisa ujabulisile. Umangcobo uphoqeleka ukuba ahambe ngokucophelela ekuqhubeni ibhizinisi nonjeza.
Ulilly ufuna kucace ukuthi sekufike yena esiteshini samaphoyisa. Unjeza uvuma ukwenza umsebenzi wokuhlanzwa kodwa lo msebenzi kawulula neze. Usibonelo uthola kunzima ukuxolela unina, ngokumfihlela uyise, unkunzi. Unjeza uyavuma ukuba yingxenye yomsebenzi wokuthelelana amanzi. Kodwa kungabe uzoqhubeka nawo? Usbu ufaka uzekhethelo enkingeni, kumele athole umuntu ontshontshe imoto kankunzi.