GENERATIONS: THE LEGACY
ULESEDI unikela ngesikhathi sakhe kodwa akemukeleki kahle. Ukushuthwa kwezithombe kuhamba kahle kuze kube kufika isikhathi lapho uterry eziveza khona ubuyena. Usikhumbuzo ufikelwa yisivakashi esifuna ukuqala ibhizinisi naye. Kubukeka sengathi ucrazy J uhlezi ezifaka ezinkingeni. Ulucy uzimisele ngokulwa ngemuva kokuzwa ukuthi kwenzekeni kumngani wakhe. Ukusebenzisana emocha Mamas kakuqali kahle. Umazwi uzwa sengathi udinga okungcono empilweni yakhe. Uwandile uzifake ngokungaphezu kwamandla. Ujack ukhumbuza uzitha ukuthi ngubani umakhonya. Usphe uzithola ebhekene nobunzima. Kungabe usezokwenzenjani? Usmanga akakazimiseli ngokuxola nokukhohlwa okwamanje. Ucrazy J uxoxa nokabisi ngephrojekthi yakhe entsha.