Uvuke sekuvalwe amehlo umlingisi "obezithwele" bekhulele kunina benodadewabo omdala. “Inkinga izinto zami zisheshe zenzeka njengoba ngibizelwe kwiBhambatha Kamancinza ngisahlale unyaka owodwa esikhungweni sikaMbongeni Ngema emuva kokuba umama ebone isikh
Ubengayi kuma-auditions, elindele ukubizwa
KUMQUMBE phansi ukuzithwala emuva kokugqama emidlalweni ephambili umthandeni Mbambo, odume ngelikajackson emdlalweni kamabonakude, Uzalo, okhonjiswa ngo-8h30 kusihlwa phakathi nesonto.
Uthi obekumdunge ingqondo wukungazihluphi ngokufesela umsebenzi, ezitshela ukuthi abaqashi bazozizela ngoba eseke wabonakala emidlalweni efana nesarafina neBhambatha Kamancinza.
Uzisholo ngokwakhe ukuthi ubesezitshela, elala emahhotela aphambili, kudliwa imali.
Uthi okunye obekumvale amehlo wukuthi kuyo yonke imidlalo abelingisa kuyo ubebizwa kanti kuzojika izinto ngo-2010, kwashabalala konke waze waphathwa wukhwantalala, esecabanga nokuthi uthakathiwe.
Uthi okunye okube nomthelela wukudlula kukayise, oshone ngelanga okuvulwe ngalo imidlalo yeNdebe yomhlaba yebhola, nabese beqala ukubuyisana naye njengoba
“Kwangishaya kakhulu ukungasebenzi, kwabuya ungabazane olwaluvele lukhona phambilini kanti nokushona kukababa kwangiphazamisa kakhulu ngoba sase siqalile ukuzwana njengoba sasihlukane naye ngineminyaka emithathu.
“Izinto zize zaqala ukukhanya sengiye erichards Bay ukuyozama kwi-1kzn TV nalapho engigcine ngethula khona uhlelo lwezemidlalo ngingazange ngenze nenhlolokhono,” usho kanje exoxa NELANGA Langesonto.
Uthi kube yisifundo angasoze asilibala okumehlelile njengoba nanamuhla esawenza ama- audition nakuba esemnkantshubomvu ekulingiseni kwishashalazi, esegqame nasemidlalweni eminingi yetv.
Ngale kozalo, ungumlingisi emdlalweni omusha, ihostela, naqale ukubonakala kuwo emasontweni amabili adlule. Eminye imidlalo ake walingisa kuyo kwitv izabalaza, Rockville, Task Force nakwisibaya.