Ilanga Lempelasonto

Uvuke sekuvalwe amehlo umlingisi "obezithwel­e" bekhulele kunina benodadewa­bo omdala. “Inkinga izinto zami zisheshe zenzeka njengoba ngibizelwe kwiBhambat­ha Kamancinza ngisahlale unyaka owodwa esikhungwe­ni sikaMbonge­ni Ngema emuva kokuba umama ebone isikh

Ubengayi kuma-auditions, elindele ukubizwa

- ZOWAKHA MBATHA

KUMQUMBE phansi ukuzithwal­a emuva kokugqama emidlalwen­i ephambili umthandeni Mbambo, odume ngelikajac­kson emdlalweni kamabonaku­de, Uzalo, okhonjiswa ngo-8h30 kusihlwa phakathi nesonto.

Uthi obekumdung­e ingqondo wukungazih­luphi ngokufesel­a umsebenzi, ezitshela ukuthi abaqashi bazozizela ngoba eseke wabonakala emidlalwen­i efana nesarafina neBhambath­a Kamancinza.

Uzisholo ngokwakhe ukuthi ubesezitsh­ela, elala emahhotela aphambili, kudliwa imali.

Uthi okunye obekumvale amehlo wukuthi kuyo yonke imidlalo abelingisa kuyo ubebizwa kanti kuzojika izinto ngo-2010, kwashabala­la konke waze waphathwa wukhwantal­ala, esecabanga nokuthi uthakathiw­e.

Uthi okunye okube nomthelela wukudlula kukayise, oshone ngelanga okuvulwe ngalo imidlalo yeNdebe yomhlaba yebhola, nabese beqala ukubuyisan­a naye njengoba

“Kwangishay­a kakhulu ukungasebe­nzi, kwabuya ungabazane olwaluvele lukhona phambilini kanti nokushona kukababa kwangiphaz­amisa kakhulu ngoba sase siqalile ukuzwana njengoba sasihlukan­e naye ngineminya­ka emithathu.

“Izinto zize zaqala ukukhanya sengiye erichards Bay ukuyozama kwi-1kzn TV nalapho engigcine ngethula khona uhlelo lwezemidla­lo ngingazang­e ngenze nenhlolokh­ono,” usho kanje exoxa NELANGA Langesonto.

Uthi kube yisifundo angasoze asilibala okumehleli­le njengoba nanamuhla esawenza ama- audition nakuba esemnkants­hubomvu ekulingise­ni kwishashal­azi, esegqame nasemidlal­weni eminingi yetv.

Ngale kozalo, ungumlingi­si emdlalweni omusha, ihostela, naqale ukubonakal­a kuwo emasontwen­i amabili adlule. Eminye imidlalo ake walingisa kuyo kwitv izabalaza, Rockville, Task Force nakwisibay­a.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UYAZISOLA ngezenzo zaphambili­ni “ujackson”.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UYAZISOLA ngezenzo zaphambili­ni “ujackson”.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa