Ilanga Lempelasonto

ABAVELELE ABAKE BAFUNDA LAPHA

-

HIXONIA NYASULU sikole, kepha ngo-1997 Inanda Seminary kwasala kancane ukuba ivalwe.

Izakhiwo zaso ziye ngokuya ziwohloka kanti futhi noxhaso ngemali ephuma kwamanye amazwe nalo lunciphile kakhulu. Ibandla I-UCCSA lavuma isicelo senhlangan­o yababefund­a kulesi sikole ukuba isingathe ukuphathwa kwaso, ukuze kugwenywe ingozi yokuba sivalwe nokuba futhi kubuyiselw­e endaweni iqhaza laso emphakathi­ni.

Ikomiti labayishum­i lale nhlangano eliholwa ngowayefun­da lapha phambilini, u-esther Sangweni, lazinikela ekubeni ligcine isikole sisebenza.

Liqokelele imali ngokuxhasw­a ngowayengu­mengameli wokuqala womdabu kuleli, umnu Nelson Mandela, okuthe ngo-1999 waphumelel­a ukuthola usizo lwemali enkampanin­i i-south African Pulp and Paper Industry (SAPPI).

Leyo mali yasiza ekuvuselel­eni izakhiwo eziningana, kwavulwa nesikhwama sokunakeke­la le ndawo, nokuqeqesh­wa nentuthuko yezisebenz­i kanjalo nokuqashwa kukathisha­nhloko.

Ingxenye enkulu yokuzalwa kabusha kwalesi sikole, ibe wumphumela wobuholi bukamqondi­si omkhulu okhona njengamanj­e futhi obekade enguthisha­nhloko phambilini, ujudy Tate nomfundisi

Susan

Valiquette, osihlengil­e isikole kwaze

kwaba nozinzo nokusebenz­a kahle ngempumele­lo. Phakathi kwabantu abazibonak­alisile emphakathi­ni ababefunda lapha kubalwa laba abalandela­yo:

Unkz Barbara Masekela oke waba yinxusa lakuleli efrance nase-united States;

Unkk Nozizwe Madlala-routledge oke waba yiphini likangqong­qoshe wezempilo;

Unkk Hixonia Nyasula oke waba ngusihlalo enkampanin­i isasol nomqondisi kwa-unile

ver. Uthandi Orleyn oke waba ngusihlalo weCCMA, manje ongusihlal­o kwabp SA (Pty) Ltd; ELLEN KHUZWAYO

Unkk Baleka Mbete, usomlomo wephalamen­de laseningiz­imu Afrika;

Unkk Nonkululek­o Nyembezi oyisikhulu esengamele kwaIchorco­al N.V;

Unkk Pumla GobodoMadi­kizela ongu-solwazi estellenbo­sch University;

Usolwazi Nonhlanhla Khumalo, oyinhloko yophiko lweDermato­logy enyuvesi yasekapa;

Unkk Eileen kankosiSha­ndu oke waba ngungqongq­oshe wezemfundo Kwazulu-natal;

Unkz Ellen Khuzwayo ongasekho owabe engumlobi wezincwadi;

Udkt Ivy Matsepe-cassaburi ongasekho owake waba ngundunank­ulu wasefree State,

nabanye.

IVY MATSEPE CASSABURI

 ??  ?? LABA abasezitho­mbeni ngabanye besifazane abake bafunda esikoleni inanda Seminary esidume ngokuba nomlando omuhle.
LABA abasezitho­mbeni ngabanye besifazane abake bafunda esikoleni inanda Seminary esidume ngokuba nomlando omuhle.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa