VUKA UZITHINTITHE
UMBUZO: NGINENKINGA, nginengoduso esesineminyaka sithandana. Inomngani omdala ephuza naye utshwala edolobheni bese iyolala kwakhe umngani lo. Uma ngiyikhuza ivele ibhoke ngolaka ithi kungcono sihlukane. Ngikhathazekile, senginciphile nasemzimbeni. Ihlala kubo eport Shepstone, mina ngisebenza ethekwini. Ngenzenjani?
IMPENDULO: Nakuba ngingaqondi kahle ukuthi yini inkinga yakho kodwa kuzwakala sengathi indaba isotshwaleni. Nakhu okufanele ukuqonde - wonke umuntu unento ethile aphila nayo.
Abanye baphuza kakhulu utshwala, abanye babhema ugwayi, abanye bangamavila, abanye bangamanuku, abanye banolaka, kuningi nje. Okufanele ukwenze uhlangana nomuntu obona ukuthi uyamthanda, ukumfunda, umqonde, bese uthatha isinqumo sokuthi ungakwazi yini ukubekezelela ezinye zezinto aphila nazo.
Kuthiwa othandweni kumele uzamukele ezinye izinto uma umuntu umthanda futhi uzimisele ngaye. Lokho kusuke kushiwo ngenxa yokuthi kunezinto ongeke uzishintshe kumuntu noma ongeke umyekise zona ngisho usuthanda.
Njengoba ingoduso yakho ibhoka ngolaka nje, ize ithi okungcono hlukanani, kusho ukuthi ayizimisele ngokushintsha indlela ephila ngayo, futhi ayifuni ukuphoqwa nguwe ukuba ishintshe.
Kungenzeka ibuyeke utshwala uma sekufike kuyo ukuba ikuyeke kodwa akulula ukuba iyekiswe nguwe. Okufanele ukwenze ukuba uhlale phansi, ucabangisise ukuthi uyafuna yini ukuqhubeka nomuntu ophila le mpilo, futhi uzokwazi yini ukuyimela. Uma ubona ukuthi ngeke ukwazi ukuyimela, inhliziyo yakho izokutshela ukuthi yikuphi okumele ukwenze.
Ngesinye isikhathi kufanele ukulalele okutshelwa yinhliziyo yakho. ze ngamagama angehli kahle, lokho kukodwa kuwukuhlukumeza futhi kusho ukuthi akakuhloniphi ikakhulukazi uma ekubiza ngezinto ongeyizo. Angisaphathi-ke njengoba ekushaya nje. Dadewethu, sibi isimo la ngaphandle, kufanele uqaphele. Ziningi izigameko ezibikwa mihla namalanga ezishaqisayo nezinyantisa igazi zokuhlukunyezwa kwabantu besifazane.
Ungalindi amathonsi abanzi, uhlale ngisho isimo singesihle ngoba nakhu esekulobole. Imvamisa izigameko ezinkulu esizwa ngazo nsuku zonke ziqala kancane. Angazi noma usuke wayibika yini emndenini le nkinga obhekene nayo. Uma ungakaze uyibike, ake uhlale phansi nabantu abadala ubazise ukuthi sengathi umthwalo usungaphezu kwamahlombe akho, ubatshele ukuthi uzamile ukubekezela kodwa usuyehluleka.
Ngeke ngikusole mina uma ungathatha isinqumo sokumshiya lo mlisa ngoba mhlawumbe lokho kuyokuphephisa engozini olengela kuyo. Angisiboni isizathu sokuhlala nomuntu ongakuhloniphi futhi ongakujabulisi. Nakubo bengingazi, ugcine esengifihlela kwalapho ehlala khona, sengithola ukuthi usehlala nomunye usisi.
Ugcine engala nami kanti vele sengikhathele nguyena, manje kunesoka lami lakudala, sahlukaniswa ukuthi ngahamba ngayoqedela ukufunda kwenye indawo, lasala laganwa ngoba sekunesikhathi eside singabonani.
Manje sibuyelene ngoba ngisalithanda kodwa inkinga yalo liyaphuza kakhulu kanti mina angiphuzi, futhi angizwani nomuntu ophuzayo. Manje ngilemukela kanjani notshwala balo? Anginandaba nokuganwa kwalo, inkinga utshwala.
IMPENDULO: Ezinye izinto azidingi ukuba uze uye kwabanye abantu uyofuna izeluleko ngoba zisobala nje. Kuhle ngoba uyazazi ukuthi awuzwani nomuntu ophuzayo - isinqumo sakho silele lapho-ke.
Njengoba ngishilo ngiphendula omunye ngenhla ukuthi kubantu esikhetha ukuzwana nabo, kunezinto esingeke sakwazi ukuzishintsha kubona, kuye kuphoqe ukuba sithathe isinqumo mayelana nokuthi singakwazi yini ukuzibekezelela lezo zinto noma qha.
Uma sibona ukuthi kuzoba nzima ukubekezela, ungesabi ukuthatha isinqumo osibona sikufanele. Asikho isidingo sokuphoqa isimo uhlale endaweni ongafuni ukuhlala kuyo ngoba kuzokuhlukumeza lokho uze uzace, omunye umuntu ebe eqhubeka ephila impilo yakhe ngendlela ayithandayo.
Ngicabanga ukuthi kukhona okutshelwa yinhliziyo yakho, awuyilalele. UMBUZO: NGINGOWESIFAZANE oneminyaka engu-31, angazi ngenzenjani, ubaba wengane yami ubengijolela isikhathi esiningi. Sineminyaka engu-10 sithandana.
Ubengasanginaki, ebhoreka nje yimina, ngase ngithola umsebenzi kude naye kwavuleka isikhala phakathi kwethu. Ngalingeka ngaqoma la engisebenza ngakhona. Wabe esengibamba-ke ukuthi kukhona engilale naye, ngazama ukumchazela ukuthi kwaba yini isizathu kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Sengixolise kwaphela amagama, akasangifoneli nokungifonela, kwala noma ngisekhaya akezi kimi, angazi ngithini ngoba inkinga ngisamthanda.
IMPENDULO: Ngiyafisa ukuthi ngolunye usuku bonke abantu kebefunde ukungancengi uma isidingo singekho. Dadewethu, uma umuntu engasakunaki musa ukumlandela ngoba uyozisola.
Imvamisa uma umuntu engasakunaki usuke ekukhombisa ukuthi akasakuthandi noma akasenandaba nawe. Kusuke sekunzima nje ukuba akuqonde akutshele emehlweni ukuthi phuma kuye. Musa-ke wena ukuthi noma uzibona izimpawu kodwa uqhubeke ulokhu uziphonsa kumuntu ongenandaba nawe ngoba uyoze akwenze isilo sengubo.
Usuke usumbangela isicefe nokushisa uma ulokhu umlandela, usuyisimbelambela. Njengoba engasakunaki, phuma kuye. Ukuthi usamthanda akusho ukuthi mfune uthando ngenkani nakuba selu-mphelele. Awuziqhenye uyintombi yakwenu, uyeke ukulandelana nomuntu ongenandaba nawe. Ngi-yazi ukuthi kubuhlungu kodwa yiba nesibindi, ukhale uma kufika izinyembezi. Qina sisi. UMBUZO: NGINENKINGA nomuntu engizwana naye, ungubaba osekhulile nje impela, siyathandana kakhulu kodwa kukhona la ngidideka khona. Uma kuzofika izingane zakhe uthi angingezi zize zihambe, manje kuyangidida lokho ngoba sisaqala ukubonana wathi kumina izingane zakhe zithi makathole umuntu azohlala naye angahlali yedwa, kodwa manje zizongazi kanjani izingane uma yena engafuni sibonane nazo?
IMPENDULO: Uyabona mtakamama into enhle lapha ukuthi niyathandana kakhulu nesoka lakho njengoba usho, lokhu okunye angikholwa wukuthi yinto esingaze ikuzacise. Engicela ukuba ukwenze ukuthi uzame ukuzibamba kancane, unike isoka lakho isikhathi.
Ngicabanga ukuthi asikakafiki isikhathi esifanele sokuba akwethule kubantwana bakhe, kuhloniphe lokho, ungamxini ngoba ungagcina usumcika. Iqiniso ukuthi akuyona into elula ukuba akwethule ezinganeni zakhe ezingazalwa nguwe ngoba akanaso isiqiniseko sokuthi zizokwamukela kahle yini.
Kungenzeka ukuba isoka lakho lisazama ukuhlela kahle izinto, lifuna indlela efanele elizokwethula ngayo ezinganeni zalo. Awuthi nje ukulinda kancane, umnike ithuba. Nakuba kuyizona izingane ezathi uyise makathole umuntu kodwa lokho akusho ukuthi zizokwemukela kalula. UMBUZO: NGINENKINGA la, ngingowesifazane omuhle nokhuluphele, oneminyaka engu-22.
Ngiziphethe kahle futhi ngiseyintombi-nto kodwa uthando angilutholi. Uma ngithandana nomuntu ungithembisa ukuthi uzovela ekhaya kodwa uma sekumele avele ahambe angaphinde abonakale nangokhalo. Ngenzenjani?
IMPENDULO: Asikho nesincane isizathu sokuthi usungaze uphathwe yi-stress ngoba awunankinga. Okufanele ukwazi nje ukuthi isikhathi asikakafiki, awukakaqondani nongqo wakho.
Awulinde kancane kuze kufike ithuba elikahle.
Uma ngibheka iminyaka yakho isekahle, awukabi sesigabeni sokuthi usungaze ukhathazeke kakhulu ngenxa yokuthi awukamtholi ozokuthatha akwenze umakoti. Ungayijahi le nto ngoba uzogcina usuziphosa nasemabhubesini. Ngiyakwethembisa uzomthola umuntu okufanele ngesikhathi esifanele.
* Sicela bonke abafisa ukuthumela imibuzo noma abafisa ukusizakala ezinkingeni ababhekene nazo basebenzise inombolo kawhatsapp ethi 082 070 8034. Sizozama ngakho konke ukuyiphendula imibuzo yenu.
Uma kuzofika izingane zakhe, uthi ngingezi zize zihambe.