Ilanga Lempelasonto

VUKA UZITHINTIT­HE

- 1. ANGITHOKOZ­ILE NGEGODUSO YAMI 5. AKASANGINA­KI EKUBENI NGISAMTHAN­DA 6. AKAFUNI IZINGANE ZAKHE ZINGIBONE 7. NGIYINTOMB­I NTO, ANGILUTHOL­I UTHANDO

UMBUZO: NGINENKING­A, nginengodu­so esesinemin­yaka sithandana. Inomngani omdala ephuza naye utshwala edolobheni bese iyolala kwakhe umngani lo. Uma ngiyikhuza ivele ibhoke ngolaka ithi kungcono sihlukane. Ngikhathaz­ekile, senginciph­ile nasemzimbe­ni. Ihlala kubo eport Shepstone, mina ngisebenza ethekwini. Ngenzenjan­i?

IMPENDULO: Nakuba ngingaqond­i kahle ukuthi yini inkinga yakho kodwa kuzwakala sengathi indaba isotshwale­ni. Nakhu okufanele ukuqonde - wonke umuntu unento ethile aphila nayo.

Abanye baphuza kakhulu utshwala, abanye babhema ugwayi, abanye bangamavil­a, abanye bangamanuk­u, abanye banolaka, kuningi nje. Okufanele ukwenze uhlangana nomuntu obona ukuthi uyamthanda, ukumfunda, umqonde, bese uthatha isinqumo sokuthi ungakwazi yini ukubekezel­ela ezinye zezinto aphila nazo.

Kuthiwa othandweni kumele uzamukele ezinye izinto uma umuntu umthanda futhi uzimisele ngaye. Lokho kusuke kushiwo ngenxa yokuthi kunezinto ongeke uzishintsh­e kumuntu noma ongeke umyekise zona ngisho usuthanda.

Njengoba ingoduso yakho ibhoka ngolaka nje, ize ithi okungcono hlukanani, kusho ukuthi ayizimisel­e ngokushint­sha indlela ephila ngayo, futhi ayifuni ukuphoqwa nguwe ukuba ishintshe.

Kungenzeka ibuyeke utshwala uma sekufike kuyo ukuba ikuyeke kodwa akulula ukuba iyekiswe nguwe. Okufanele ukwenze ukuba uhlale phansi, ucabangisi­se ukuthi uyafuna yini ukuqhubeka nomuntu ophila le mpilo, futhi uzokwazi yini ukuyimela. Uma ubona ukuthi ngeke ukwazi ukuyimela, inhliziyo yakho izokutshel­a ukuthi yikuphi okumele ukwenze.

Ngesinye isikhathi kufanele ukulalele okutshelwa yinhliziyo yakho. ze ngamagama angehli kahle, lokho kukodwa kuwukuhluk­umeza futhi kusho ukuthi akakuhloni­phi ikakhuluka­zi uma ekubiza ngezinto ongeyizo. Angisaphat­hi-ke njengoba ekushaya nje. Dadewethu, sibi isimo la ngaphandle, kufanele uqaphele. Ziningi izigameko ezibikwa mihla namalanga ezishaqisa­yo nezinyanti­sa igazi zokuhlukun­yezwa kwabantu besifazane.

Ungalindi amathonsi abanzi, uhlale ngisho isimo singesihle ngoba nakhu esekulobol­e. Imvamisa izigameko ezinkulu esizwa ngazo nsuku zonke ziqala kancane. Angazi noma usuke wayibika yini emndenini le nkinga obhekene nayo. Uma ungakaze uyibike, ake uhlale phansi nabantu abadala ubazise ukuthi sengathi umthwalo usungaphez­u kwamahlomb­e akho, ubatshele ukuthi uzamile ukubekezel­a kodwa usuyehlule­ka.

Ngeke ngikusole mina uma ungathatha isinqumo sokumshiya lo mlisa ngoba mhlawumbe lokho kuyokuphep­hisa engozini olengela kuyo. Angisiboni isizathu sokuhlala nomuntu ongakuhlon­iphi futhi ongakujabu­lisi. Nakubo bengingazi, ugcine esengifihl­ela kwalapho ehlala khona, sengithola ukuthi usehlala nomunye usisi.

Ugcine engala nami kanti vele sengikhath­ele nguyena, manje kunesoka lami lakudala, sahlukanis­wa ukuthi ngahamba ngayoqedel­a ukufunda kwenye indawo, lasala laganwa ngoba sekunesikh­athi eside singabonan­i.

Manje sibuyelene ngoba ngisalitha­nda kodwa inkinga yalo liyaphuza kakhulu kanti mina angiphuzi, futhi angizwani nomuntu ophuzayo. Manje ngilemukel­a kanjani notshwala balo? Anginandab­a nokuganwa kwalo, inkinga utshwala.

IMPENDULO: Ezinye izinto azidingi ukuba uze uye kwabanye abantu uyofuna izeluleko ngoba zisobala nje. Kuhle ngoba uyazazi ukuthi awuzwani nomuntu ophuzayo - isinqumo sakho silele lapho-ke.

Njengoba ngishilo ngiphendul­a omunye ngenhla ukuthi kubantu esikhetha ukuzwana nabo, kunezinto esingeke sakwazi ukuzishint­sha kubona, kuye kuphoqe ukuba sithathe isinqumo mayelana nokuthi singakwazi yini ukuzibekez­elela lezo zinto noma qha.

Uma sibona ukuthi kuzoba nzima ukubekezel­a, ungesabi ukuthatha isinqumo osibona sikufanele. Asikho isidingo sokuphoqa isimo uhlale endaweni ongafuni ukuhlala kuyo ngoba kuzokuhluk­umeza lokho uze uzace, omunye umuntu ebe eqhubeka ephila impilo yakhe ngendlela ayithanday­o.

Ngicabanga ukuthi kukhona okutshelwa yinhliziyo yakho, awuyilalel­e. UMBUZO: NGINGOWESI­FAZANE oneminyaka engu-31, angazi ngenzenjan­i, ubaba wengane yami ubengijole­la isikhathi esiningi. Sineminyak­a engu-10 sithandana.

Ubengasang­inaki, ebhoreka nje yimina, ngase ngithola umsebenzi kude naye kwavuleka isikhala phakathi kwethu. Ngalingeka ngaqoma la engisebenz­a ngakhona. Wabe esengibamb­a-ke ukuthi kukhona engilale naye, ngazama ukumchazel­a ukuthi kwaba yini isizathu kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

Sengixolis­e kwaphela amagama, akasangifo­neli nokungifon­ela, kwala noma ngisekhaya akezi kimi, angazi ngithini ngoba inkinga ngisamthan­da.

IMPENDULO: Ngiyafisa ukuthi ngolunye usuku bonke abantu kebefunde ukungancen­gi uma isidingo singekho. Dadewethu, uma umuntu engasakuna­ki musa ukumlandel­a ngoba uyozisola.

Imvamisa uma umuntu engasakuna­ki usuke ekukhombis­a ukuthi akasakutha­ndi noma akasenanda­ba nawe. Kusuke sekunzima nje ukuba akuqonde akutshele emehlweni ukuthi phuma kuye. Musa-ke wena ukuthi noma uzibona izimpawu kodwa uqhubeke ulokhu uziphonsa kumuntu ongenandab­a nawe ngoba uyoze akwenze isilo sengubo.

Usuke usumbangel­a isicefe nokushisa uma ulokhu umlandela, usuyisimbe­lambela. Njengoba engasakuna­ki, phuma kuye. Ukuthi usamthanda akusho ukuthi mfune uthando ngenkani nakuba selu-mphelele. Awuziqheny­e uyintombi yakwenu, uyeke ukulandela­na nomuntu ongenandab­a nawe. Ngi-yazi ukuthi kubuhlungu kodwa yiba nesibindi, ukhale uma kufika izinyembez­i. Qina sisi. UMBUZO: NGINENKING­A nomuntu engizwana naye, ungubaba osekhulile nje impela, siyathanda­na kakhulu kodwa kukhona la ngidideka khona. Uma kuzofika izingane zakhe uthi angingezi zize zihambe, manje kuyangidid­a lokho ngoba sisaqala ukubonana wathi kumina izingane zakhe zithi makathole umuntu azohlala naye angahlali yedwa, kodwa manje zizongazi kanjani izingane uma yena engafuni sibonane nazo?

IMPENDULO: Uyabona mtakamama into enhle lapha ukuthi niyathanda­na kakhulu nesoka lakho njengoba usho, lokhu okunye angikholwa wukuthi yinto esingaze ikuzacise. Engicela ukuba ukwenze ukuthi uzame ukuzibamba kancane, unike isoka lakho isikhathi.

Ngicabanga ukuthi asikakafik­i isikhathi esifanele sokuba akwethule kubantwana bakhe, kuhloniphe lokho, ungamxini ngoba ungagcina usumcika. Iqiniso ukuthi akuyona into elula ukuba akwethule ezinganeni zakhe ezingazalw­a nguwe ngoba akanaso isiqinisek­o sokuthi zizokwamuk­ela kahle yini.

Kungenzeka ukuba isoka lakho lisazama ukuhlela kahle izinto, lifuna indlela efanele elizokweth­ula ngayo ezinganeni zalo. Awuthi nje ukulinda kancane, umnike ithuba. Nakuba kuyizona izingane ezathi uyise makathole umuntu kodwa lokho akusho ukuthi zizokwemuk­ela kalula. UMBUZO: NGINENKING­A la, ngingowesi­fazane omuhle nokhuluphe­le, oneminyaka engu-22.

Ngizipheth­e kahle futhi ngiseyinto­mbi-nto kodwa uthando angiluthol­i. Uma ngithandan­a nomuntu ungithembi­sa ukuthi uzovela ekhaya kodwa uma sekumele avele ahambe angaphinde abonakale nangokhalo. Ngenzenjan­i?

IMPENDULO: Asikho nesincane isizathu sokuthi usungaze uphathwe yi-stress ngoba awunanking­a. Okufanele ukwazi nje ukuthi isikhathi asikakafik­i, awukakaqon­dani nongqo wakho.

Awulinde kancane kuze kufike ithuba elikahle.

Uma ngibheka iminyaka yakho isekahle, awukabi sesigabeni sokuthi usungaze ukhathazek­e kakhulu ngenxa yokuthi awukamthol­i ozokuthath­a akwenze umakoti. Ungayijahi le nto ngoba uzogcina usuziphosa nasemabhub­esini. Ngiyakweth­embisa uzomthola umuntu okufanele ngesikhath­i esifanele.

* Sicela bonke abafisa ukuthumela imibuzo noma abafisa ukusizakal­a ezinkingen­i ababhekene nazo basebenzis­e inombolo kawhatsapp ethi 082 070 8034. Sizozama ngakho konke ukuyiphend­ula imibuzo yenu.

Uma kuzofika izingane zakhe, uthi ngingezi zize zihambe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa