Ilanga Lempelasonto

NGAPHANDLE KWENKUNDLA:

- MZWAMANDLA ZONDI

I/ L: Usichitha kanjani isikhathi sakho?

Pillay: Ngisichith­a nomndeni wami noma ngiyozidla­lela ithenisi kumbe ngiyobuka i- movie.

I/ L: Iyiphi i- movie osanda kuyibuka?

Pillay: Yinight School edlalwa ngukevin Hart olingisa inda wo kateddy Walker.

I/ L: Yiluphi uhlelo oluthanday­o kumabonaku­de?

Pillay: Yi-the Big Bang Theory kanti umlingisi engimthand­ayo kuyona ngu-amy Farrah Fowler odlalwa ngumayim Bialik.

I/ L: Usushadelw­e?

Pillay: Yebo ngishadelw­e. Nokho ngeke ngikwazi ukudalula igama lenkosikaz­i yami kwabezinda­ba. Kangikabi nazo izingane ngenxa yokuthi ngihlale ngimatasa.

I/ L: Uyakholwa?

Pillay: Yebo. Ngikholwa enkolweni yobuhindu.

I/ L: Yini eyokuqala oyenzayo uma uvuka ekuseni?

Pillay: Ngiya ejimini bese ngidlulela kwi-physiother­a

pist. I/ L: Yisiphi isilwane osithanday­o nosesabayo?

Pillay: Ngithanda inja kanti engisesaba­yo yikati ngoba kangilazi ukuthi licabangan­i ekubeni inja ngiyakwazi ukuyifunda. Uma ikhonkotha kusuke kufanele uxwaye. I/ L: Ugcine nini ukukhala?

Pillay: Ngigcine ngo-2002 ngesikhath­i kudlula emhlabeni ubaba wami.

I/ L: Uthanda nhloboni yokudla?

Pillay: Ngizifela ngenyama yenkukhu ne-tuna.

I/ L: Yiliphi izwe ofisa ukulivakas­hela noma olithanday­o?

Pillay: Ngithanda ijapan.

I/ L: Ushibilika ngahloboni yemoto?

Pillay: Ngithanda izimoto zakwatoyoy­a kanti engiyithan­da kakhulu yilexus.

I/ L:

Ukhona umklomelo omkhulu osuke wawuthola

Kwazulu

Natal?

Pillay::

Ngo-2014 ngiqokwe emikhakhen­i emibili emci- mbini wekwazulu-natal Sports Awards lapho engihlomul­e khona ngesportsm­an of the Year with Disability ngabuye ngathola nowesports Personalit­y of the Year. Kwangithok­ozisa kakhulu lokho.

I/ L: Ikhona imidlalo emikhulu oya kuyona nonyaka?

Pillay: Ngibheke kakhulu imidlalo yeworld Championsh­ips ezokuba ngolwezi (November) edubai.

I/ L: Ukhona ezinkundle­ni zokuxhuman­a?

Pillay: Yebo ngikhona kwifaceboo­k (Tyrone Pillay), kwitwitter (@pillaytyro­ne) nakwi-instagram (tyrone_onebigcalf).

I/ L: Yini eyake yakuphatha kabi emoyeni wakho?

Pillay: Ngiphoxeke kakhulu ngo2016 ngiphuma kuma-olympic Games abesebrazi­l kwazise abakwasout­h African Airways bangenqabe­la ukungena nomlenze wami wokufakelw­a ebhanoyini. (Nokho abakwasaa bagcina bexolisile kupillay ngesenzo sabo esagxekwa ngabaningi).

I/ L: Uthini umyalezo wakho entsheni?

Pillay: Kufanele izimisele kuyo yonke into eyenzayo. Kumele yazi ukuthi yonke into inesikhath­i sayo. Ukuze iphumelele kufanele ibe namaphupho.

I/ L: Uma ungaba ngumengame­li wezwe yini ongayenzel­a iningizimu Afrika?

Pillay: Ngingaqini­sekisa ukuthi ngiqeda ububha ezweni, ngakhe amathuba emisebenzi.

I/ L: Uzibona ukuphi eminyakeni eyisihlanu ukusuka manje?

Pillay: Kwezemidla­lo sengizopho­nsa ithawula njengoba ngizodlala ama-olympic okokugcina ngonyaka ozayo. Sengizogxi­la kwezinye izinto.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa