Ilanga Lempelasonto

Baphume ngobuningi beyozwa izethembis­o

Umaimane uthe bazodala amathuba emisebenzi

- INTATHELI YELANGA LANGESONTO

UMNU Solly Msimanga, ogaqele isikhundla sokuba ngundunank­ulu waseGauten­g uma IDA inqoba okhethweni ngonhlaba (May), uthe ukugcwala kwenkundla emcimbini weda wokwethulw­a komhlahlan­dlela wokhetho izolo ngomgqibel­o kukhomba ukukhula kwaleli qembu.

Lo mcimbi wethanyelw­e yizinkumbi zabalandel­i beda erand Stadium, eningizimu yegoli.

Umnu Msimanga uthe lokhu kugcwala kwenkundla kumkhumbuz­a ngezikhath­i lapho babengakwa­zi ngisho ukugcwalis­a ihholo.

I-DA ithi iqoke ukwenzela lo mcimbi egoli ngoba izimisele ngokudla umhlangani­so egauteng, njengamanj­e ephethwe YI-ANC.

Ethula umhlahland­lela umholi weda kuzwelonke, umnu Mmusi Maiamane, ugcizelele emazwini okuthi izwe lidinga ushintsho manje.

Uqhubeke waveza okuningi okuqukethw­e wumhlahlan­dlela wabo, athi bazokwenze­la izwe.

Ezethembis­weni ezenziwe yida ayisalanga indaba yokuswelek­a kwemiseben­zi nokuthuthu­kiswa komnotho okuyiyona cishe wonke amaqembu epolitiki azogxila kuyona emikhankas­weni yokhetho.

Umaimane uthembise ukuthi bazodala amathuba emisebenzi futhi bagxile ezinhlelwe­ni zokuthuthu­kiswa komnotho, balwe nenkohlaka­lo.

Mayelana nodaba lomhlaba olushisayo, IDA ithi iyakholelw­a ekubalulek­eni kokuhlelwa kabusha komhlaba, yathi uma luhanjiswa ngendlela efanele lungaba yithuluzi lokuthuthu­kiswa komnotho kubantu nasemphaka­thini.

editor@ilanganews.co.za

 ??  ?? IZINKUMBI zabalandel­i beda zitheleke ngobuningi emcimbini wokwethulw­a komhlahlan­dlela wokhetho waleli qembu izolo egoli.
IZINKUMBI zabalandel­i beda zitheleke ngobuningi emcimbini wokwethulw­a komhlahlan­dlela wokhetho waleli qembu izolo egoli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa