KUSINDA KWEHLELA KU-R KELLY
ZISABALALE umhlaba wonke izindaba zokukhalelwa ngamasongo kasigonyela kwesihlabani ser&b, urobert Sylvester Kelly, odume ngelika-r Kelly (52), ngolwesihlanu ngemuva kokuba ezinikele kwabomthetho echicago, E-USA.
Uzinikela kwabomthetho nje, kungemuva kokuba kukhishwe incwadi eyalele ukuba aboshwe emthwesa amacala ayishumi okunukubeza ngokocansi.
Ukuboshwa kwakhe kulandela ukusakazwa kwe- documentary ebingundabamlonyeni emhlabeni jikelele, ekhishwe ngasekuqaleni kwalo nyaka ethi “Surviving R Kelly”, eveza amahlazo alo saziwayo osolwa ngokunukubeza ngokocansi inqwaba yabesifazane.
Isitatimende esithwesa ur Kelly amacala esikhishwe ngummeli wombuso, ukim Fox, siveza ukuthi ubhekene namacala okunukubeza ngokocansi ayishumi, athinta izisulu ezine.
Emacaleni abhekene nawo kuhlanganisa enzeke phakathi kukanhlaba (May) 1998 kuya kumasingana (January) 2010.
Uvele izolo enkantolo kanti ngokombiko okwi-associated Press, kuthiwa wenqatshelwe ibheyili. Kucashunwe ummeli wakhe, usteve Greenberg, ethi uzamile ukuba ur Kelly anikezwe ibheyili kodwa wehluleka.
Uchaze ikilayenti lakhe njengeliphoxeke ngokweqile futhi linengcindezi ngenxa yalawa macala kodwa lisamile ekutheni limsulwa.
U-R Kelly waduma kakhulu kubathandi bomculo ngengoma yakhe ethi, "I believe I Can Fly", kanti useke wahlabana ngenqwaba yezindondo.