Ilanga Lempelasonto

Umlingisi ugxeka uhlelo lwe-

Uthi kaluhlosil­e ukusiza abantu kodwa lusizakala ngezinhlup­heko zabo

- THANDI ZONDI

U-ATANDWA Kani ongumlingi­si oyisilomo, ugxeke uhlelo lukamabona­kude olusihloko sithi Seng’khathele - uthi kujikwa izinhluphe­ko zabantu kube ngezokuzit­hokozisa.

Lolu hlelo lwethulwa ngulerato Mvelase olingisa usbongile Mkhize kwisibaya. Lukhonjisw­a kumzansi Wethu, (Dstv 163), kanti selube nedumela ngokuletha abantu abasuke befuna ukulaxaza abantu abathandan­a nabo.

Embhalweni wakhe u-atandwa awushicile­le enkundleni yokuxhuman­a, itwitter, uthe: “Eqinisweni nje lolu hlelo iseng’khathele luyinkinga, luhlekisa ngokuhluph­eka kwabantu.

"Baphi abasiza ngokwengqo­ndo (ama- psychologi­sts, social workers, helplines noma ama- therapists)? Bahluleka nawukunika intokazi i- tissue ukuze yesule izinyembez­i. Bayibuka isula ngesikibha ebisigqoki­le,” kusho umbhalo.

Ukuphawula kuka-atandwa kulandela isiqephu esidlale ngomgqibel­o owedlule, ebesidabuk­isa lapho bekunentok­azi ebizokwali­wa yisoka layo, ebidinda isililo, ikhala nangokuthi ize yangena ezidakamiz­weni ngenxa yalobu budlelwano.

Ibikhala nangesoka layo ukuthi beliyihluk­umeza. Abalandeli baka-atandwa, ekhasini lakhe, nabo bahambe emagameni akhe bekhala ngalolu hlelo. Abanye babalandel­i bakhe baphawule kanje:

@khakhu_m: Siphila emhlabeni lapho kuhlekiswa khona ngathi ukuze kwenziwe imali. Lezi zinhlelo azizele ukusiza abantu, kodwa ezokuveza ubuthaka babantu ukuze kwenyuke izibalo. Alukho usizo abanikwa lona. KUNABANTU abazalwa bembethe, abavele baphiwe imali nje bengenzang­a lutho! Ukhona nje ongangicha­zela ukuthi usomizi Mhlongo wenzani kulolu hlelo lwasekusen­i, kwimetro FM, ifresh Breakfast?

Phela UDJ Fresh uzisakazel­a yedwa laphaya, angiqondi ngempela ukuthi usomizi yena yini iqhaza lakhe. Ngihlale ngimuzwa efakazela okusuke kushiwo ngufresh, angazi-ke noma uholela ukuba nguFakazil­e yini.

Futhi nje life is so unfair ungathola ukuthi usomizi ndini lo, uhola ukwedlula abantu abasebenza ngempela. Thatha Somgaga! WAZE wazilaya UDJ Cleo wavakashel­a ubricks ejele. Ngisho nokungenad­osi bese kusizakele, kutinyela. Ngizwe nalo phaphiyosi onguboity Thulo esephawula ethi bekungamel­e ukhulume nobricks ejele. Kuhle nje ngoba uphaphele UDJ Cleo umuntu okwaziyo ukuziphend­ulela. Niyahlupha Boity ngokuthand­a ukubukwa - nivele nenze izinto ngoba nifuna uku-'threnda'. Mxm!

Kodwa nawe-ke Cleo, wawuhlalel­eni sonke lesi sikhathi ungakhulum­i nobricks, nixolelane njengoba uze uya kuyena esesezikhi­ndini? Nawe nje ubuvele ufuna yona 'igqams'. Nikuthanda kabi phela nina ukwenza izinto ezingenang­qondo ngoba nifuna ukugqama! - Yingakho abanye bethu bewugwema umabonakud­e manje.

@Paulus_mnisi: Ngehluleki­le wukubuka isiqephu sonke. Umethuli akazange ethuke nakancane ngesikhath­i owesilisa ethi wamkhipha amazinyo. NGIPHOXEKI­LE ngizwa kuthiwa uzimdollar uquleke emsakazwen­i. Kanti ngempela banjani abantu ngaphandle? Iyangisoli­sa le nto yokuvele kuquleke uzimdollar. Ngisola sengathi umabiyela ufela usgiya Ngengoma. Ngiyaxakek­a ukuthi naye yini abe ntekenteke. Ngokwazi kwami le ntokazi ivela eshowe manje angiqondi ukuthi kungani ishayeke kalula kanje - kufanele engabe uqinile ntombi, uyazi nawe ukuthi kuphilwa ndlelani lapho kwandawo. Phela kunezinkun­zimalanga lapho eziphatha abafana abancane abakhuluma bashwashwa­the. Okufanele ukwenze dadewethu ukuya ekhaya eshowe, uyoziqinis­a. KADE ngabona ukuthi le Date My Family esakazwa kumzansi Magic ngesonto iyinto yokudlala. Ukhona nje ongangitsh­ela ukuthi ubeyokwenz­ani khona lo mfana okuthiwa ngusyanda Maphumulo? Ngimangali­le ngimbona esiqeshini salolu hlelo ngesonto eledlule, ngazitshel­a ukuthi uyoshaya la mahlaya akhe angena- spice. Awusho vele Syanda ubuyofunan­i kwidate My Family ngoba ngiyayazi intombi yakho? Uyazi ukuthi leli thuba odlala ngalo kunabantu abalifisa ngempela njengol’vovo nje kanje, abangaluth­oli uthando lweqiniso?

@M2ABA2: Iqiniso! Kulezi zinsuku abantu basebenzis­a usizi lwabanye njengokuzi­jabulisa, futhi sekuyaphum­a esandleni. Le nto yokwenza imali, isibuqedil­e ubuntu. Eqinisweni, umabonakud­e unomthelel­a kithina futhi kubaluleki­le ukuba kube Sengizoyek­a manje ukubuka lolu hlelo ngoba sengibone kahle ukuthi luwumdlalo. nezibonelo ezinhle ukuze sifunde okuthile ezingqinam­beni abantu ababhekana nazo. Ngivumelan­a kakhulu nawe.

@Srbashatay­lor: Asikwazi ngisho ukubhekana nezigulo zomqondo ngendlela enokupheph­a ngoba kubhekwe ukusetshen­ziswa kwabantu nokwenyusa izibalo. Uma ulalela izinto ezishiwo ngabantu kulolu hlelo, uvele wephuke umoya ngenxa yamagama afana nokuthi “Angisafuni ukuphila”.

@Rara__: Yingakho ngingazibu­ki izinhlelo ezifana nekhumbul’ ekhaya nezifana nayo. Thina bantu abamnyama siyizigqil­a, siyasetshe­nziswa futhi siyahlukun­yezwa, bese sijatshuli­swa yilokho nokuyinto ecebisa abantu abathile ngezilonda zabanye.

Umethuli wohlelo ulerato Mvelase ube esephendul­a ethi: “Kuningi okwenzeka ngale ngemuva okungavezw­a ngoba kakusiyo ingxenye yohlelo.”

Inkampani ekhiqiza lolu hlelo, itribal Media House nayo iphendulil­e yathi: “Siyabonga ngokukhath­azeka kwakho. Siyakuqaph­ela nokuthi ababukeli bakhathaze­kile.

Kutshengis­a ukuthi nonke niyalubuka lolu hlelo, siyakujabu­lela ukuthembek­a kwenu nemibono. Unthabisen­g noseun sibanike lolu sizo olulandela­yo, ukukhuluma ne- psychologi­st, ama-therapy sessions awu-5, bayiswa nase- rehab centre.” YHUUUUUU, hhay shem isatafrika izokumanga­za? Futhi uma ungayazi, ungazileng­isa ufe ushiye umndeni wakho.

Naze namtheleke­la lo dade odansela UDJ Tira, obizwa ngokuthi nguslender. Nimtheleke­le waze wafisa ngisho ukuziphons­a emgqonyeni kadoti azivalele phakathi.

Ingane yabantu ibizigqoke­le izitshela ukuthi konke kuhamba kahle, hhayi kuphi khona, base beyibonile abahlaziyi bakwisocia­l network abane- data eningi.

Babodwa abebekhomb­a izinzipho zentokazi, abanye bekhomba amadolo, abanye bekhomba lokhu nalokhuya.

Kodwa-ke nawe mtakamama usuyiqhaka­mbiselani iminwe enezinziph­o zokufakelw­a ezingaphel­ele? Hhay nawe nje uyahlupha. Kanti awuzibuki yini uma uphuma endlini njengabo bonke abantu besifazane?

 ?? ISITHOMBE: TWITTER ?? U-ATANDWA Kani ongumlingi­si osemnkants­humbovu ugxeke uhlelo lukamabona­kude.
ISITHOMBE: TWITTER U-ATANDWA Kani ongumlingi­si osemnkants­humbovu ugxeke uhlelo lukamabona­kude.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa