Ilanga Lempelasonto

ANGIYETHEM­BI LE NDODA

-

umyeni wami ubengiphin­gela waze wathola ingane ngaphandle. Akuvumi ukuba ngiyamukel­e le ngane ngoba unina wayo uyangithuk­a ekubeni umyeni wami uthi akanasiqin­iseko sokuthi (ingane) eyakhe futhi asiyazi nokuthi ifana nobani ngoba nami ngayibona esithomben­i, yinyamazan­e uqobo.

IMPENDULO: Amazwi owasho ekugcineni okuthi ingane yinyamazan­e uqobo, ayangiduma­za futhi angishiya nombuzo wokuthi wena-ke uluhlobo luni lomzali njengoba ukhala ngabanye abantu abangaziph­ethe kahle abakuhluku­mezayo.

Noma ngabe ayizalwa nguwe le ngane, kodwa asikho isidingo sokuba uyithuke, uyibize ngesilwane, lokho kuwukwedel­ela. Wena ungathini uzwa umuntu ebiza eyakho ingane ngesilwane? Kuyisimo esidabukis­ayo ukuthi izono zabantu abadala imvamisa ziwela ebantwanen­i.

Eqinisweni nje, umntwana akanacala, umuntu okonile lapha ngumyeni wakho nalowo okuthukayo.

Nakuba kungelula ukuba uyamukele le ngane ngenxa yokunengek­a nobuhlungu benhliziyo, kodwa uma ingane isikhona, kuye kufanele uthambise inhliziyo, uyamukele, ukhombise ukuba ngumzali oqotho.

Mhlawumbe sekungaba yisimo esehlukile uma kwayona ingane ingakuhlon­iphi, ikuthuka nayo njengonina. Mayelana nongabazan­a eninalo lokuthi ngeyomyeni NGINGOWESI­FAZANE: nginomuntu engithanda­na naye, manje angimethem­bi, ngambamba ejola futhi ushadile. Lo muntu sinengane naye, umfazi akayazi, manje angazi noma uyangithan­da noma uchitha isikhathi la kimina. Manje useshintsh­ile, nemali akasangini­ki njengoba ebenginika ngaphambil­ini.

Angazi noma usangithan­da noma yingoba ethanda ingane yakhe kuphela. Uyangihlin­ela manje, uma ngicela imali angibuze ukuthi ngizoyenza­ni.

Nami anginaso isiqinisek­o sokuthi ngiyamthan­da yini noma ingoba ngilandela anakho. Ukuze ngibe nemali kudingeka ngiyebe esikhwamen­i sakhe.

IMPENDULO: Ngifikelwa wukuthi ngikutshel­e ngqo nginganana­zi ukuthi yimfishimf­ishi uqobo lwayo le ongitshela yona. Angazi ngempela ukuthi ulindele ukuba ngikusize ngani futhi kanjani ngoba kwawena awuyazi le nto eniyenzayo ukuthi ibizwa ngani.

Kuningi kakhulu okonakele kule ndaba yakho - kwawena uqobo uzwakala ungumuntu oyisikhohl­akali.

Ukhala ngokuthi awumethemb­i lo muntu ojola naye, kodwa nawe awuthembek­ile ngoba wajola nomuntu onomfazi, ngaphezu kwalokho nifihle ingane.

Angazi nizitshela ukuthi leyo mfihlo yenu iyophelela­phi ngoba akukho okwenzeka esithe okungayoku­vela obala.

Kuyadumaza nokuzwa ukuthi awuzazi noma uyamthanda noma ulandela anakho. Nginesiqin­iseko sokuthi unembeza wakho uyakutshel­a ukuthi awumthandi, kodwa ulandela izinto ezithile kuyena njengoba ufuna nemali nje.

Ubuqola-ke lobo dadewethu. Ngicela ukuma lapho, ngiyahlule­ka wukuphawul­a okuningi ngale ndaba yakho.

Sicela bonke abafisa ukuthumela imibuzo noma abafisa ukusizakal­a ezinkingen­i ababhekene nazo basebenzis­e inombolo kawhatsapp ethi 082 070 8034. Sizozama ngakho konke ukuyiphend­ula imibuzo yenu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa