ANGIYETHEMBI LE NDODA
umyeni wami ubengiphingela waze wathola ingane ngaphandle. Akuvumi ukuba ngiyamukele le ngane ngoba unina wayo uyangithuka ekubeni umyeni wami uthi akanasiqiniseko sokuthi (ingane) eyakhe futhi asiyazi nokuthi ifana nobani ngoba nami ngayibona esithombeni, yinyamazane uqobo.
IMPENDULO: Amazwi owasho ekugcineni okuthi ingane yinyamazane uqobo, ayangidumaza futhi angishiya nombuzo wokuthi wena-ke uluhlobo luni lomzali njengoba ukhala ngabanye abantu abangaziphethe kahle abakuhlukumezayo.
Noma ngabe ayizalwa nguwe le ngane, kodwa asikho isidingo sokuba uyithuke, uyibize ngesilwane, lokho kuwukwedelela. Wena ungathini uzwa umuntu ebiza eyakho ingane ngesilwane? Kuyisimo esidabukisayo ukuthi izono zabantu abadala imvamisa ziwela ebantwaneni.
Eqinisweni nje, umntwana akanacala, umuntu okonile lapha ngumyeni wakho nalowo okuthukayo.
Nakuba kungelula ukuba uyamukele le ngane ngenxa yokunengeka nobuhlungu benhliziyo, kodwa uma ingane isikhona, kuye kufanele uthambise inhliziyo, uyamukele, ukhombise ukuba ngumzali oqotho.
Mhlawumbe sekungaba yisimo esehlukile uma kwayona ingane ingakuhloniphi, ikuthuka nayo njengonina. Mayelana nongabazana eninalo lokuthi ngeyomyeni NGINGOWESIFAZANE: nginomuntu engithandana naye, manje angimethembi, ngambamba ejola futhi ushadile. Lo muntu sinengane naye, umfazi akayazi, manje angazi noma uyangithanda noma uchitha isikhathi la kimina. Manje useshintshile, nemali akasanginiki njengoba ebenginika ngaphambilini.
Angazi noma usangithanda noma yingoba ethanda ingane yakhe kuphela. Uyangihlinela manje, uma ngicela imali angibuze ukuthi ngizoyenzani.
Nami anginaso isiqiniseko sokuthi ngiyamthanda yini noma ingoba ngilandela anakho. Ukuze ngibe nemali kudingeka ngiyebe esikhwameni sakhe.
IMPENDULO: Ngifikelwa wukuthi ngikutshele ngqo ngingananazi ukuthi yimfishimfishi uqobo lwayo le ongitshela yona. Angazi ngempela ukuthi ulindele ukuba ngikusize ngani futhi kanjani ngoba kwawena awuyazi le nto eniyenzayo ukuthi ibizwa ngani.
Kuningi kakhulu okonakele kule ndaba yakho - kwawena uqobo uzwakala ungumuntu oyisikhohlakali.
Ukhala ngokuthi awumethembi lo muntu ojola naye, kodwa nawe awuthembekile ngoba wajola nomuntu onomfazi, ngaphezu kwalokho nifihle ingane.
Angazi nizitshela ukuthi leyo mfihlo yenu iyophelelaphi ngoba akukho okwenzeka esithe okungayokuvela obala.
Kuyadumaza nokuzwa ukuthi awuzazi noma uyamthanda noma ulandela anakho. Nginesiqiniseko sokuthi unembeza wakho uyakutshela ukuthi awumthandi, kodwa ulandela izinto ezithile kuyena njengoba ufuna nemali nje.
Ubuqola-ke lobo dadewethu. Ngicela ukuma lapho, ngiyahluleka wukuphawula okuningi ngale ndaba yakho.
Sicela bonke abafisa ukuthumela imibuzo noma abafisa ukusizakala ezinkingeni ababhekene nazo basebenzise inombolo kawhatsapp ethi 082 070 8034. Sizozama ngakho konke ukuyiphendula imibuzo yenu.