NGISAMTHANDA KODWA USENENKOSIKAZI
NGINGOWESIFAZANE: onengane yomfana enonyaka, manje ngisathandana nobaba wayo, kodwa usenenkosikazi futhi akayenzeli lutho (ingane). Angisazi ukuthi ngenzenjani ngoba ngiyamthanda.
IMPENDULO: Uyabona dadewethu, ukulokhu ubheke umuntu osewakushiya waqhubeka nempilo yakhe, waze waganwa nangomunye umuntu, kufana nokukhalela ubisi oseluchithekile.
Noma ngabe bese kuwubisi lokugcina, kodwa uma seluchithekile, uyalukhalela nje kuphela, bese wamukela ukuthi ngeke usaluthola.
Kusuke sekufanele ukuba wenze imizamo yokuthola olunye, ukhohlwe yilolu oluqumbeke phansi. NGINGOWESIFAZANE: Ngishadile kodwa inkinga yami ngithanda ubhuti omncane kamkhwenyana wami. Selokhu kwaphambana izinkomishi kusukela esangeshela, wayethumela yena lo bhuti wakhe.
Manje isikhathi esiningi ngangisichitha naye sixoxe nganoma ngani kwaze kwagcina sekungathi nguyena umaqondana. Kuyimanje siyavakashelana, senze inkonzo yasekamelweni. Angisazi ngiphume kanjani kule nkinga ngoba nguyena esengimuzwa kangcono kunomkhwenyana wami.
IMPENDULO: Dadewethu, le nto izokufaka kolukhulu ubishi. Ngenxa yokuthi uganile, ngicabanga ukuthi kuyokusiza ukuba uhlale emendweni, uhloniphe umyeni wakho, uyeke ukuganga.
Ngikholwa wukuthi umyeni wakho wamgana ngoba umthanda futhi namanje awusho ukuthi awusenalo uthando lwakhe, kanti futhi akukho lapho okhala khona ngokuthi uyakuhlukumeza.
Ungadidiswa yizinkanuko bese uzitshela ukuthi le nto eyenzeka phakathi kwakho nomfowabo womyeni wakho, kukhona lapho inganifikisa khona.
Into okufanele uyenze wukuba
uqhelelane