Ilanga Lempelasonto

NGISAMTHAN­DA KODWA USENENKOSI­KAZI

- NGITHANDA UMFOWABO WOMYENI WAMI

NGINGOWESI­FAZANE: onengane yomfana enonyaka, manje ngisathand­ana nobaba wayo, kodwa usenenkosi­kazi futhi akayenzeli lutho (ingane). Angisazi ukuthi ngenzenjan­i ngoba ngiyamthan­da.

IMPENDULO: Uyabona dadewethu, ukulokhu ubheke umuntu osewakushi­ya waqhubeka nempilo yakhe, waze waganwa nangomunye umuntu, kufana nokukhalel­a ubisi oseluchith­ekile.

Noma ngabe bese kuwubisi lokugcina, kodwa uma seluchithe­kile, uyalukhale­la nje kuphela, bese wamukela ukuthi ngeke usaluthola.

Kusuke sekufanele ukuba wenze imizamo yokuthola olunye, ukhohlwe yilolu oluqumbeke phansi. NGINGOWESI­FAZANE: Ngishadile kodwa inkinga yami ngithanda ubhuti omncane kamkhwenya­na wami. Selokhu kwaphamban­a izinkomish­i kusukela esangeshel­a, wayethumel­a yena lo bhuti wakhe.

Manje isikhathi esiningi ngangisich­itha naye sixoxe nganoma ngani kwaze kwagcina sekungathi nguyena umaqondana. Kuyimanje siyavakash­elana, senze inkonzo yasekamelw­eni. Angisazi ngiphume kanjani kule nkinga ngoba nguyena esengimuzw­a kangcono kunomkhwen­yana wami.

IMPENDULO: Dadewethu, le nto izokufaka kolukhulu ubishi. Ngenxa yokuthi uganile, ngicabanga ukuthi kuyokusiza ukuba uhlale emendweni, uhloniphe umyeni wakho, uyeke ukuganga.

Ngikholwa wukuthi umyeni wakho wamgana ngoba umthanda futhi namanje awusho ukuthi awusenalo uthando lwakhe, kanti futhi akukho lapho okhala khona ngokuthi uyakuhluku­meza.

Ungadidisw­a yizinkanuk­o bese uzitshela ukuthi le nto eyenzeka phakathi kwakho nomfowabo womyeni wakho, kukhona lapho inganifiki­sa khona.

Into okufanele uyenze wukuba

uqhelelane

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa