KUSHONE UMLINGISI WEFILIMU YAKULELI
KUKHALWA nxazonke ngokushona komlingisi obetshengisa ukuba nekusasa eliqhakazile endimeni yezokulingisa.
Izolo kuzwakale izindaba zokushona kukasibusiso Khwinana, ongomunye wabalingisi abaphambili efilimini yodumo, imatwetwe, ekhiqizwe eningizimu Afrika. Ngokombiko wamaphoyisa, lo mlingisi obeneminyaka engu-25, uhlaselwe kade engaphandle kwasesterland Cinema maphakathi nepretoria ngolwesihlanu ebusuku.
Ubekade ephuma ukuyobuka ifilimu nomlingani wakhe, besalinde imoto ebizobathatha (Uber). Ngesikhathi besalindile, kuthiwa kufike indoda ethile yabaqola, k walwiwa kubangwa u m akha l ekhukhwini kakhwinana.
“Kubikwa ukuthi umufi ugwazwe ngokuthile okucijile ngasenhla emzimbeni. Ufele endaweni yesigameko. Njengamanje siphenya icala lobugebengu. Akekho obesaboshiwe,” kusho ucaptain Mavelo Masondo okhulumela ISAPS.
Omunye wabakhiqizi bale filimu, ublack Coffee, uphawule enkundleni yokuxhumana wathi: “Silahlekelwe. Kuzothatha isikhathi esingakanani ukuba sibone ukuthi ubugebengu buyinkinga ezweni lethu? Kumele kuze kufe abantu abangaki ngaphambi kokuba senze okuthile? Kumele sithembe bani ukusivikela thina nemindeni yethu? Kumele sivotele bani? #ripsbu.”
Nongqongqoshe wezobuciko namasiko kuzwelonke umnu Nathi Mthethwa uphawulile wathi: “Siphukile ngokuzwa ngokushona isigubhukane komlingisi othandwa kangaka, oyisibuko sasesoshanguve usbusiso Khwinana, othalente lakhe libonakele ekulingiseni kwimatwetwe. Ubengomunye wabasunguli beIndependent Theatres Makers Movement.” tzondi@ilanganews.co.za