Seliqubule imibuzo "ibhande lezimanga"
SEKUQUBUKE imibuzo nenkulumo mpikiswano ngebhande okusolwa ukuthi ngelezimanga nokuthi linomkhuba phakathi.
Ukukhuluma osekuqubukile nezinsolo zokuthi leli bhande ngelezimanga, kusukela ekutheni abanalo ngabefundisi asebedume ngokuthi banamandla okwenza izimangaliso nokuba nengcebo.
Phakathi kwabantu asebeke babonakala behlobe ngalo leli bhande, kubalwa labo amagama abo asematheni kulezi zinsuku, umfu Alph Lukau osanda kuthi uvuse umuntu ekufeni, no"mphrofethi” Shepherd Bushiri, bobabili okungabokufika eningizimu Afrika.
Omunye wabefundisi abaziwayo oke abonakale eligqokile leli bhande, ngumfu Uebert Angel waseZimbabwe, naye owaziwayo kulawa mabandla adumile.
Emuva kwezibhengubhengu zikamfu Lukau othi uvuse umuntu ekufeni, abanye abantu bakuleli ezinkundleni zokuxhumana sebeqalile ukushaya amakhala ngaleli bhande.
Kwabaphawulile enkundleni yokuxhumana, itwitter, nelungu lephalamende ezimbabwe, umnu Chalton Hwende obuze ukuthi: “Ngabe yibhande?
Umhlola obe ngundabamlonyeni kuleli sonto, wukuthi umfu Lukau uvuse umuntu ekufeni, okuthiwa ngamanga aluhlaza cwe, sekwenze abaningi bacacelwa wukuthi kulula kangakanani ukukhohlisa abalandeli benkolo yobukrestu kuleli ngezethembiso zezimangaliso nengcebo efika ngokushesha.
Ukuluthwa kwabantu sekukhathaze nomengameli wezwe, umnu Cyril Ramaphosa njengoba ngoLwesithathu ekhuluma ecity Hall, ecape Town, ngenkathi ekhankasela I-ANC, ethe uhulumeni ufisa ukuxhumana namabandla nabaholi bezenkolo bapheze ukudlala ngabantu bakuleli.
Nakuba kungenabuqiniso bokuthi ngempela kukhona okuthile ngaleli bhande kodwa, ILANGA Langesonto lithole ukuthi lakhiwa yinkampani yemfashini yaseItaly, istefano Ricci, libiza imali eshisiwe efinyelela ngaphezu kuka-r30 000.
Abanye ezinkundleni zokuxhumana baphawulile:
Owami Hlongwane: Leli bhande selishiye abantu basesouth Africa belesaba.
Esmond Msimango: Uma leli bhande linamandla ngempela ngabe laba befundisi babonakala begqoke lona kuphela, manje abagqoki lona lodwa.
God’s Chosen One: Ngiyalifuna leli bhande, ngifuna ukuvusa abafileyo ngalo.
Tshego Blessing: Leli bhande balithenga ngezimali zabazali bethu, abahambe beyokwenza imilingo ngakubo.
Abanye abasola ukuthi ukhona umkhuba ngaleli bhande, baphawule bathi ukuba yibhande nje elibizayo kuphela, elingenalutho ngabe nezinye izigwili nonontandakubukwa bayabonakala beligqokile. makhoba@ ilanganews. co.za