ESKHALENI:
KUYAJABULISA ukubona amakilabhu akwazuluNatal engasidanseli isigingci samakilabhu amakhulu asegauteng, ahlale efuna kwenzeke intando yawo ngaso sonke isikhathi.
Ilamontville Golden Arrows incamele ukuphuthwa yimali enhle ebingayenza ngokuyisa umdlalo wayo ne-orlando Pirates emoses Mabhida Stadium, yaqoma ukufa nabathandi bebhola baseClermont.
Lo mdlalo we-absa Premiership, udlalwe izolo ngomgqibelo ebusuku esugar Ray Xulu, eclermont.
I-arrows isanda kuqinisa ikhanda igoloza ukuyisa umdlalo wayo nekaizer Chiefs emabhida. Lo mdlalo iwushovele eprincess Magogo Stadium, Kwamashu.
Kahle kahle imidlalo ye-arrows yasekhaya iyigijimela Kwamashu, kodwa isithuthele eclermont njengoba imagogo ilungiswa.
Muva nje, Amazulu FC aphoqiwe ukudlala umdlalo wetelkom Knockout ne-orlando Pirates emabhida. Usuthu lulwe kanzima ukuthi lo mdlalo udlalelwe eking Zwelithini, okuyinkundla yalo yasekhaya. Lugcine luguqile njengoba bese luphoqwa yipremier Soccer League (PSL) ukudlala emabhida.
Abalandeli bebhola basemalokishini, kumele bawabonge amakilabhu ngokuphuma ngobuningi babo nxa ebalethele imidlalo ezindaweni zabo.
Ingihlabe umxhwele inkulumo kamato Madlala ongumnikazi weArrows yokuthi ngeke adlale ngabantu basemalokishini.
Uthi akuyona into enhle ukuthi imidlalo emincane iyiswe ezindaweni zabantu, kuthi emikhulu baphucwe yona iyiswe edolobheni.
Uthi nawo amakilabhu asegauteng adlalela ezindaweni zawo, kawazishintshi izinkundla ngenxa yokufakelwa ingcindezi ngabanye abantu.
Cishe kuyasiza ukuthi amakilabhu athole isibonelelo esibhekile kwipsl ngoba kubukeka kuwuqeda nya lo mkhuba wokuthi kube namakilabhu achachaza phezu kwamanye ngoba nakhu enemali. Amakilabhu amancane aseyakwazi ukugoloza ukudedela abadlali bawo, futhi aseyakwazi ukuncintisana namakhulu emakethe yokuthengwa kwabadlali.
Amazulu nje asanda kudayisela imamelodi Sundowns u-emiliano Tade ngemali enhle, futhi athatha ngokugcwele ubongi Ntuli.
Lokhu bekungeke kube lula ukuthi kwenzeke ukuba amakilabhu amakhulu asazenzela umathanda kwamancane.
Ngesikhathi i-arrows igengcwa yizembe kumasizini ambalwa edlule, kayizange iliveze izinto kwabebefuna abadlali bayo, okubalwa yena untuli nosiyanda Zwane abathengwe yidowns nge- mali enhle.
Cishe kungaba kuhle ukuthi wonke amakilabhu esifundazwe asike iphethini kwi-arrows nakumazulu ukugwema ukuba yizichuse zabantu basegauteng.
Kunalokhu, kumele abumbane alekelelane nxa kukhona esenkingeni njengemaritzburg United esempini yokuvika izembe.
Ukuqinisa ikhanda kwezikhulu zamakilabhu esifundazwe, kungaholela ekutheni abanikazi bawo baqokelwe ezikhundleni ezimqoka ngaphakathi kwipsl ngoba nezinye izikhulu zingabe zazi ukuthi (izikhulu zakwazulu-natal) zinobuchopho obujulile, futhi kaziklayeki kalula.