USENGUMSHAYI WENDUKU UJACOB ZUMA
USEZICHITHELA isikhathi ngokushaya induku owayen gumengameli wezwe, umnu Jacob “Gedleyihlekisa” Zuma, ukuzama ukuphumuza umqondo.
Exoxa NELANGA Langesonto ngesikhathi ehambele iqembu lebhola, uthongathi FC, lapho lizilolonga khona, uthe njengoba esengumuntu wempesheni, uma ezihlalele kwakhe enkandla, uzishayela induku ukuphumuza umqondo kancane kwezepolitiki.
Nakuba ethi isikhathi sakhe usichitha ngale ndlela, kodwa ubuye abe matasa nemisebenzi YE-ANC, ikakhulukazi Kwazulu-natal.
“Uma ngizihlalela ekhaya, ngiyaye ngichithe isikhathi ngokuzishayela izinduku kwazise yinto engikhule ngiyenza,” kusho yena.
Uveze nokuthi uyawuthanda unobhutshuzwayo njengoba ubehambele leli qembu.
“Ngangikwazi ukuvimba emapalini ngisakhula. Njengoba senginaso isikhathi, sengizokwazi ukufika nasejimini yothongathi FC, ukuzokhombisa unozinti wayo ukugenda ibhola. Empeleni ukube ngaqhubeka nonobhuts huzwayo, mhlawumbe ngangiyoba ngumdlali osezingeni eliphezulu,” esho efa wuhleko.
Uthi akuthandayo kakhulu ngendawo yasothongathi abeyihambele, wukuthi inothile ngomlando futhi igabe ngabantu abanomlando omkhulu ngezwe.
Uthi okumhlabe umxhwele ngale kilabhu wukuthi nomqeqeshi wayo, ujohnny Ferreira, uyakulobizela ngaso sonke isikhathi ukwazi ngemvelaphi yosiko lwesintu.
Unkosinathi “VB” Chili oyisikhulu sale kilabhu, uthi bajabulise okwezingane ngokufika kukazuma futhi banethemba lokuthi izibusiso afike nazo, zizogqugquzela abadlali ukufinyelela kwipremiership ngesizini ezayo nakuba iseyinde indlela esazohanjwa.