Ukhala ngokuvalelwa ngaphandle kuzalo UGC
Lo mlingisi uzicelela ukukhululwa
UWOTHA ubomvu ukhaya Dladla ozakhele igama ngokulingisa emdlalweni kamabonakude owuchungechunge, uzalo, okhala ngokuvalelwa ngaphandle ngabakhiqizi balo mdlalo. Ubasola ngokuthi abacacisi ngekusasa lakhe kulo mdlalo.
Ukhaya olingisa indawo kagc kulo mdlalo, uzifanisa nenkukhu evalelwe ehhokweni, engakwazi ukunyakaza kodwa ezinye zibe zizitika ngomgqakazo ngaphandle.
Usola abaphathi balo mdlalo ngokuthi batshela abezindaba ukuthi yena useyingxenye yomdlalo kodwa bebe bazi kahle ukuthi kabasamdingi. Uthi selokhu uqalile u- season 5 akakaze abizwe ukuba ayoshutha iziqephu zomdlalo.
Utshele leli phephandaba ukuthi impilo yakhe imile ngoba abamkhululi ukuba aqhubeke nokusebenza. Uphinde waveza nokuthi ngesikhathi eqokelwe kuma-south African Film and Television Awards (Saftas) kabazange bamazise futhi abamnikanga nesimemo kodwa eqokiwe.
Uma ekhuluma ngale ndaba ukhaya ubonakala nasebusweni ukuthi iyamdina futhi iyamhlukumeza. Uthi kungcono ukuba akhululwe ukuze akwazi ukuyofuna umsebenzi, ngoba akusizi ukuba agcinwe kanti akasadingeki.
Ukhaya uthi ukuhlala kwakhe kulo mdlalo ngo-season 4 kwaba ukuthi I-SABC yiyona eyayifuna ahlale. Uthi kwakungemnandi ukushutha u- season 4 ngoba wayehlukumezekile,
esetshenziswa kanzima. “Mina angazi ukuthi yini efunekayo (kimi) ngoba emsebenzini ngifika ngesikhathi, ngenze umsebenzi ngendlela okulindeleke ngayo kodwa nje angikaze ngibe intandokazi kubaphathi.”
Uthi okumxakayo ukuthi uyavela emagameni uma ludlala Uzalo kodwa bebe bazi kahle ukuthi akasebenzi. Utshele leli phephandaba ukuthi akasakhululekile ngisho ezinkundleni zokuxhumana ngoba kuye kuthi ezifakele isithombe, abantu bambuze ukuthi ubuya nini kuzalo. Uthi ufuna kucaciselwe abantu ukuthi akasekho kulo mdlalo.
Unomfundo Zondi okhulumela abestained Glass, okuyinkampani ekhiqiza lo mdlalo, uthi amaphaphu phansi kubantu, UGC akayi ndawo.
“UGC uzohlala ekhona futhi edlala indawo ebalulekile kulo mdlalo. Ababukeli basazombona nje efaka umfutho wakhe adume ngawo kulo mdlalo,” esho. Uvumile unomfundo ukuthi selokhu kuqale u- season 5, UGC akaze ashuthe.
Ukhaya ungomunye wabalingisi abafika kulo mdlalo ngesikhathi uqala ngqa. Ngonyaka owedlule wagila izimanga ngesikhathi kuvela umndeni wakhe, kwaze kwavela negama lakhe langempela elithi Gamakhulu Cetshwayo.
Ngaleso sikhathi kwaqopheka umlando izibalo zababukeli balo mdlalo zenyuka zaze zafinyelela ku-10 million. Ekupheleni konyaka owedlule kukhululwe abanye abadlali abanohlonze abebethandwa kakhulu ngababukeli, okubalwa kubona umastermind, umxolisi nothobile.