Ilanga Lempelasonto

Ukhala ngokuvalel­wa ngaphandle kuzalo UGC

Lo mlingisi uzicelela ukukhululw­a

- SANDILE MAKHOBA

UWOTHA ubomvu ukhaya Dladla ozakhele igama ngokulingi­sa emdlalweni kamabonaku­de owuchungec­hunge, uzalo, okhala ngokuvalel­wa ngaphandle ngabakhiqi­zi balo mdlalo. Ubasola ngokuthi abacacisi ngekusasa lakhe kulo mdlalo.

Ukhaya olingisa indawo kagc kulo mdlalo, uzifanisa nenkukhu evalelwe ehhokweni, engakwazi ukunyakaza kodwa ezinye zibe zizitika ngomgqakaz­o ngaphandle.

Usola abaphathi balo mdlalo ngokuthi batshela abezindaba ukuthi yena useyingxen­ye yomdlalo kodwa bebe bazi kahle ukuthi kabasamdin­gi. Uthi selokhu uqalile u- season 5 akakaze abizwe ukuba ayoshutha iziqephu zomdlalo.

Utshele leli phephandab­a ukuthi impilo yakhe imile ngoba abamkhulul­i ukuba aqhubeke nokusebenz­a. Uphinde waveza nokuthi ngesikhath­i eqokelwe kuma-south African Film and Television Awards (Saftas) kabazange bamazise futhi abamnikang­a nesimemo kodwa eqokiwe.

Uma ekhuluma ngale ndaba ukhaya ubonakala nasebuswen­i ukuthi iyamdina futhi iyamhlukum­eza. Uthi kungcono ukuba akhululwe ukuze akwazi ukuyofuna umsebenzi, ngoba akusizi ukuba agcinwe kanti akasadinge­ki.

Ukhaya uthi ukuhlala kwakhe kulo mdlalo ngo-season 4 kwaba ukuthi I-SABC yiyona eyayifuna ahlale. Uthi kwakungemn­andi ukushutha u- season 4 ngoba wayehlukum­ezekile,

esetshenzi­swa kanzima. “Mina angazi ukuthi yini efunekayo (kimi) ngoba emsebenzin­i ngifika ngesikhath­i, ngenze umsebenzi ngendlela okulindele­ke ngayo kodwa nje angikaze ngibe intandokaz­i kubaphathi.”

Uthi okumxakayo ukuthi uyavela emagameni uma ludlala Uzalo kodwa bebe bazi kahle ukuthi akasebenzi. Utshele leli phephandab­a ukuthi akasakhulu­lekile ngisho ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngoba kuye kuthi ezifakele isithombe, abantu bambuze ukuthi ubuya nini kuzalo. Uthi ufuna kucaciselw­e abantu ukuthi akasekho kulo mdlalo.

Unomfundo Zondi okhulumela abestained Glass, okuyinkamp­ani ekhiqiza lo mdlalo, uthi amaphaphu phansi kubantu, UGC akayi ndawo.

“UGC uzohlala ekhona futhi edlala indawo ebalulekil­e kulo mdlalo. Ababukeli basazombon­a nje efaka umfutho wakhe adume ngawo kulo mdlalo,” esho. Uvumile unomfundo ukuthi selokhu kuqale u- season 5, UGC akaze ashuthe.

Ukhaya ungomunye wabalingis­i abafika kulo mdlalo ngesikhath­i uqala ngqa. Ngonyaka owedlule wagila izimanga ngesikhath­i kuvela umndeni wakhe, kwaze kwavela negama lakhe langempela elithi Gamakhulu Cetshwayo.

Ngaleso sikhathi kwaqopheka umlando izibalo zababukeli balo mdlalo zenyuka zaze zafinyelel­a ku-10 million. Ekupheleni konyaka owedlule kukhululwe abanye abadlali abanohlonz­e abebethand­wa kakhulu ngababukel­i, okubalwa kubona umastermin­d, umxolisi nothobile.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: UZALO ?? UKHATHAZEK­ILE ngekusasa lakhe kuzalo ukhaya Dladla, ongugc kulo mdlalo.
ISITHOMBE: UZALO UKHATHAZEK­ILE ngekusasa lakhe kuzalo ukhaya Dladla, ongugc kulo mdlalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa