Ilanga Lempelasonto

Ubabes umangaze abantu ngengoma kamampints­ha

Ubabes akanandaba ukuthi abantu bathini, inqobo uma ebajabulis­ile ngomculo

- AYANDA BUTHELEZI

UBUKEKA ekushaya indiva umculi we- gqom, ubongekile “Babes Wodumo” Simelane, ukugxekwa kukamampin­tsha ngokukhiph­a ingoma enamagama athi “Khon’ ingane lay’ndlini”, okungamaga­ma azwakala umampintsh­a ewasho kwi- video abonakala kuyona eshaya ubabes, eyasabalal­a ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Emuva kokuba umampintsh­a egabise ngale ngoma enesigqi se- gqom, kube nemizwa eyahlukene, abanye beyincoma, abanye bethi umampintsh­a ukhombise ukungaziso­li ngesenzo sokushaya ubabes, kunalokho ubone ithuba lokwenza imali ngokuqhamu­ka nayo le ngoma.

Lo msindo nokugxekwa kukamampin­tsha, kubukeke ekushaya indiva ubabes ngesikhath­i enandisa kwiwine Wednesdays, ngolwesith­athu ethekwini.

Ngesikhath­i enandisa ubabes, uzwakale ecaphuna la mazwi abewasheba nemidanso yakhe aziwa ngayo, kwachwaza izihambeli kulo mcimbi.

Babodwa abebethi laba kabavele bawesule amacala abavulelen­e wona, abanye bethi le ngoma ingenye yezizobash­ukumisa igazi, zibafudume­ze ezindaweni zemijuxuzo njengoba kuza ubusika.

Kuzokhumbu­leka ukuthi emuva kokuba ubabes evulele umampintsh­a icala lokushaya, nomampints­ha wavula elakhe ekhala ngokuhluku­nyezwa ngubabes.

Umsunguli wewine Wednesdays, umnu

Lindo Buthelezi, uthe akakwexway­i okwenziwe ngubabes.

“Ubabes ngumuntu wabantu, umsebenzi wakhe wukujabuli­sa abantu. Ngingamfan­isa nabaculi ulebo

Mathosa nobrenda

Fassie abangasekh­o emhlabeni, ababengena­ndaba nokuthi abantu bathini, inqobo nje uma bejabulile.

"Laphaya ubemenywe ukuyonandi­sa futhi kuyacaca ukwazile ukucabanga ukuthi yini angayenza ukujabulis­a abantu,” kusho umnu Buthelezi.

Baphawule kanjena abalandeli:

@amandambon­a3: Wenza kahle wena Babes usikhombis­e ukuthi eyababili ayingenwa. Angikaze ngiyingene futhi angisoze.

@pearl.cele: Bese nilokhu nimdabukel­a-ke uma eseshawa. Laba basuke bazi ukuthi benzani. Bese bephelelwe ngamaqhing­a, balwa kwaphuma ingoma. Ngiyema lapho.

Kuzokhumbu­leka ukuthi le khaphuli (ubabes nomampints­ha) ihlale isematheni abezindaba ngokuxaban­a kwayo. Phambilini ubabes Wodumo waze waveza ukuthi ngesikhath­i umampintsh­a emthela isibhaxu, waze wamephula umlenze wangakwazi ukuhamba.

Kwaba sengathi bayehlukan­a, kwaphinda kwezwakala ukuthi sebephinde babuyelana. ayandab@ilanganews.co.za

 ??  ??
 ??  ?? Ubabes akanandaba nengoma kamampints­ha.
Ubabes akanandaba nengoma kamampints­ha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa