Ilanga Lempelasonto

Ubhekene nomqansa umqeqeshi wechiefs

Uphoxwa ukungalula­mi kwabadlali abamqoka

- SENZO SOKHELA

EZIBUHLUNG­U kumqeqeshi wekaizer Chiefs njengoba izinto zingahamba­nga ngendlela abelindele ngayo ekubeni ezakhe zibhekene nomdlalo omqoka.

Ichiefs izobhekana necape Town City kowenedban­k Cup namuhla ngesonto ngo-15h00 embombela Stadium, enelspruit.

Ichiefs iya kulo mdlalo nje, inengcinde­zi njengoba abalandeli bayo beyifuna le nkomishi njengoba bebona kuyiyona abasethube­ni lokuthi bayithole.

Nomqeqeshi wale kilabhu u-ernst Middendorp akakufihli ukuthi iyona asebeke ithemba kuyona.

Nokho lo mqeqeshi uveze ukuthi ubelindele ukuthi uzoya kulo mdlalo ulebohang Manyama odlala esiswini no-eric Mathoho odlala emuva sebeluleme njengoba bejima ngokugcwel­e nekilabhu.

Uthi uphoxeke kakhulu ezwa ukuthi laba badlali abakakulun­geli ukudlala.

Ichiefs ivele ihaqwe yizinkinga zokulinyal­elwa njengoba u-itumeleng Khune, Happy Mashiane nonkosingi­phile Ngcobo nabo belimele.

“Kunzima ukuba ngumqeqesh­i ikakhuluka­zi uma ulinyalelw­e kuvele kube sengathi ufile ube

uphila.

"Laba badlali bengilinde­le ukuthi bazoba yingxenye yalo mdlalo ngoba bakhombisa ukuba bukhali.

"Ngiphoxeki­le uma ngizwa ukuthi abakakulun­geli ukudlala ngeke ngikwazi ukubaqoka.

"Kodwa-ke kufanele silwe nalaba abakhona yibona okufanele benze umsebenzi.

"Icity idlala kahle siye ekhefini isefomini ngeke ibe lula.

"Kodwa-ke sizokwenza ngakho konke okusemandl­eni ukuthi siyawunqob­a lo mdlalo,” kusho umiddendor­p.

Ubenni Mccarthy ololonga icity uthi akanalo noluncane uvalo ngeChiefs.

“Ngikholwa wukuthi ayikho ikilabhu enkulu manje sekungamag­ama nje amakhulu wonke amaqembu aseyalinga­na akusafani nakuqala.

"Lo mdlalo ngeke nje uzishaye isifuba uthi uzonqotshw­a yichiefs njengakuqa­la.

"Nami nje angiyesabi buka nje, sifika sesinezink­omishi esizinqobi­le okusho khona ukuthi nathi siyikilabh­u enkulu.

"Kulo mdlalo siyohlasel­a ukuthi kuzobe kukhona abalandeli bayo asinandaba.

"Asinavalo noluncane ngabo kodwa uma beke benza iphutha lokusithat­ha kancane bazoba senkingeni,” kusho umccarthy.

 ??  ??
 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? URYAN Moon wekaizer Chiefs ebhekene nothato Mokeke wecape Town City. Lawa makilabhu azotholana phezulu kowenedban­k Cup namuhla ngesonto embombela Stadium, enelspruit.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X URYAN Moon wekaizer Chiefs ebhekene nothato Mokeke wecape Town City. Lawa makilabhu azotholana phezulu kowenedban­k Cup namuhla ngesonto embombela Stadium, enelspruit.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa