Kunconywe igalelo likandlunkulu Irene
UMENGAMELI wezwe, umnu Cyril Ramaphosa, nezikhulumi zonke ebezisenkonzweni yomfihlo kandlunkulu Irene Audrey Thandekile Buthelezi, womntwana Mangosuthu Buthelezi, zimthweswe uphaphe lwegwalagwala engasekho, zimbeka njengolwele inkululeko nenhlalakahle yaleli zwe, ngenxa yokweseka umyeni wakhe ngokungakhathali ezikhathini ezinzima zombuso wobandlululo.
Bebebulala inyoka abantu kulo mfihlo, inkonzo yawo ebisezinkundleni zemidlalo olundi ngolwesihlanu. Bekukhona amalungu ekhabhinethi kuzwelonke, nabangani bakashenge abebevela emhlabeni wonke jikelele bezobhonga emswanini.
Inkonzo ibiphethwe yibandla lasesheshi, i-anglican, yaqhutshwa ngesiko lebandla kwaze kwadliwa nesidlo senkosi.
Kukhulume kuqala unkk Duduzile Mzila Thanjekwayo obemele abakwamzila obonge inkosi Buthelezi ngothando elukhombise kundlunkulu, imnakekela kwaze kwaba sekugcineni. Ibamba bukhosi esizweni sakwabuthelezi umnu Phumempini Mtshali uthe yonke impumelelo empilweni yeNkosi Buthelezi kusukela ithatha isikhundla sobukhosi ngo-1954 kuze kube isungula Inkatha, nguye undlunkulu obeyibamba kuthule kuthi du.
“Asikho isikhathi esike saba mnandi empilweni kandlundlunkulu - bezinzima zonke kodwa
akashongo ukuthi useyahamba noma ashiye ngoba nakhu umyeni wakhe umfaka ebunzimeni, wayibamba ishisa,” kusho ibambabukhosi, umnu Mtshali.
Kube nomunyu sekusukuma abantwana benkosi Buthelezi abathathu asebesele kwabawu-8, okungumntwana Sibuyiselwe, Mntwana Zuzifa, nomntwana Phumzile.
Umntwana Sibuyiselwe ufunde umlando kanina kwathi umntwana Zuzifa wabeka ngamafuphi ebalisa ngokuthi kuyinto enzima ukuba yinkosikazi kasopolitiki. Usho nokuthi unina uyibambe ishisa insimbi, nabo babephila ngokwethuka izanya ezikoleni ababefunda kuzo ngenxa yezitha zikayise zepolitiki.
“Ubaba nomama besibezwa bethandaza bethi ‘Nkosi sale usubagcina laba abasele ukuze basingcwabe nathi,” kusho umntwana Zuzifa, abantu bequma bemzwela.
Umzukulu kashenge uzakithi Buthelezi ehambisana nabo bonke abazukulu ukhulume egameni labo, bebonga izimfundiso nesandla ebesintofontofo sikagogo wabo. Uze wafunda nomyalezo katoya Delazy (Latoya Nontokozo Buthelezi), ongumculi ongakwazanga ukuba khona ngenxa yomsebenzi phesheya kwezilwandle, othe ubonga ugogo wakhe ngokuthi ubemthanda ngaphandle kwemibandela.
Inkosi Phathisizwe Chiliza, ongusihlalo wendlu yabaholi bomdabu Kwazulu-natal, ubabaze isibindi sikandlunkulu wathi kulahlekelwe isizwe sonke ngokuhamba kwakhe. Unobhala jikelele WE-IFP, umnu Velenkosini Hlabisa uthe: “Undlunkulku ubeyingubo embathisa thina sonke. Siyazi Shenge kubuhlungu kangakanani ukwehlukana nomngani wakho nesithandwa sakho. SIYI-IFP siletha induduzo nemikhuleko ngoba insika obuzimelela ngayo iwile,” kuphetha umnu Hlabisa.
Umnu Ramaphosa uthe undlunkulu Irene ungumlweli wenkululeko, uyambona nje ngamehlo engqondo efika ngale kweliphakade emukelwa ngonkk Albertina Sisulu nawo wonke amaqhawe omzabalazo. Ngokweseka kwakhe umyeni wakhe ngezikhathi zomzabalazo nguye owayelwa lowo mzabalazo.
Umntwana umbonisi Zulu noNdlunkulu Mazungu bebethunywe yisilo ukuba bazobhonga emswanini.
Bathe ongangezwelakhe ushayeke olungeqiwa ntwala ngokuhamba emhlabeni kukandlunkulu Irene. Bathi uthe awaphole amanxeba kuyise inkosi Buthelezi.
Owasebenza njengomsizi kaNdlunkulu Irene iminyaka engaba yi-15 unkz Monica Khumalo uqede abantu ngensini elanda ukuthi babehlala bezikhininda kanjani izindaba nondlunkulu. Uthi babebuye bethusane uma yena esetshela inkosi Buthelezi ngokugula kukandlunkulu, ethi umtsheleleni ngoba akafuni ukuya esibhedlela.
Uthe kwakuke kube nezikhathi lapho esekhumbule umyeni wakhe athi akafonelwe ezwe ukuthi usaphila yini athi angamthola kuthi cosololo.
Kufika umzuzu wokuba ushenge abeke ambalwa uthe: “Ngisho kanjani ukuthi hamba kahle kumuntu engimthandayo,” kusho yena.
Uqhubeke wathi wayibona okokuqala le ntokazi yasegoli ephelezele umntwana umshiyeni kadinuzulu egoli, amehlo ayo ambamba phansi wagcina eseyishadile.
Uthi kwammangalisa ukuthi washesha wafunda amasiko akwaZulu, wakhuluma ulimi lwesizulu ukwedlula abawumsinsi wokuzimilela kulesi sifundazwe.
“Ngesikhathi ezogana Kwaphindangene wafika nenja yakhe eyikhonzile. Kwesinye isikhathi bengize ngibe nesikhwele ngayo,” kusho ushenge ehleka.
Undlunkulu ufihlwe ngezithuba zehora lesine ntambama emathuneni akwaphindangene emahlabathini. Bebekhona ondlunkulu besilo abathathu undlunkulu wakwakhetha umadlamini, wakwalinduzulu umandlovu, nowasondini ukamafu.