Ilanga Lempelasonto

"Owevuma ufunwa uthuli ngamaphoyi­sa"

- SANDILE MAKHOBA

KUTHIWA sisenkinge­ni isilomo esingumsak­azi wevuma FM, ethekwini, okubikwa ukuthi sifunwa phansi phezulu ngamaphoyi­sa ngenxa yokungabi nawo amaphepha asigunyaza­yo ukuba sihlale eningizimu Afrika ngokusemth­ethweni.

Umakhosi Khoza, owaziwa kakhulu endimeni yezokusaka­za, usakaza uhlelo lwasekusen­i kulo msakazo, olubizwa ngokuthi yigood to Go Morning Drive. Ophoshozwa­yo bathi ngelamanqa­mu kusasa, uzolala ebaliwe umakhosi.

Nakuba esehlale isikhathi eside eningizimu Afrika umakhosi, kodwa izimpukane eziluhlaza zithi wangena ngopotsho kuleli esuka kwelakubo eswazini. Unkabi lo kuthiwa indlela asenetheze­ke ngayo, ungafunga ukuthi kukubo lapha emzansi.

Umthombo ongathembe­kile nokho uthi amaphoyisa ancinzwe indlebe ngubhululu wakhe omkhulu umakhosi, ukuthi njengoba etamasa nje emzansi, akanawo amaphepha amgunyaza ukuba ahlale kuleli.

“Lo bhululu wakhe engingeke ngilisho igama lakhe ngenxa

yokuvikela umsebenzi wakhe njengoba engumdidiy­eli wohlelo lwakhe nje, nguyena impimpi enkulu yamapho-yisa,” kusho umthombo.

Ngemuva kokuthola lokhu, kuthiwa amaphoyisa amyalele ukuba azinikele kuwona, kodwa waqhuba ukusa kwakhe, wawatshela ukuthi ayamhlanye­la.

Okhulumela amaphoyisa, umnu April First, ukuqinisek­isile ukuthi bamfuna pha-nsi phezulu umakhosi kuhle kwembuzi yomsebenzi.

“Kusasa ekuseni ithimba lami lizogasela ezindlini zokusakaza evuma.

"Sizoxolisa kakhulu kubalaleli ngoba uhlelo lungaphaza­miseka, sifuna ukwenza isibonelo ngalo msakazi,” kuchaza umnu First.

Umakhosi yena akathandan­ga ukuphawula, wathi intatheli ayibhale lokho ekuthanday­o.

“Bhala okuthanda-yo mfana wami, kodwa nawe kuyokufica ukuhluphek­a,” kusho yena.

Okunye ngalolu daba lalela uhlelo lwevuma FM, igood to Go Morning Drive kusasa ekuseni.

 ?? ISITHOMBE: VUMA FM ?? UMAKHOSI Khoza ongumsakaz­i wevuma FM, okuthiwa ufunwa ngamaphoyi­sa futhi angaboshwa noma yinini.
ISITHOMBE: VUMA FM UMAKHOSI Khoza ongumsakaz­i wevuma FM, okuthiwa ufunwa ngamaphoyi­sa futhi angaboshwa noma yinini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa