"Owevuma ufunwa uthuli ngamaphoyisa"
KUTHIWA sisenkingeni isilomo esingumsakazi wevuma FM, ethekwini, okubikwa ukuthi sifunwa phansi phezulu ngamaphoyisa ngenxa yokungabi nawo amaphepha asigunyazayo ukuba sihlale eningizimu Afrika ngokusemthethweni.
Umakhosi Khoza, owaziwa kakhulu endimeni yezokusakaza, usakaza uhlelo lwasekuseni kulo msakazo, olubizwa ngokuthi yigood to Go Morning Drive. Ophoshozwayo bathi ngelamanqamu kusasa, uzolala ebaliwe umakhosi.
Nakuba esehlale isikhathi eside eningizimu Afrika umakhosi, kodwa izimpukane eziluhlaza zithi wangena ngopotsho kuleli esuka kwelakubo eswazini. Unkabi lo kuthiwa indlela asenethezeke ngayo, ungafunga ukuthi kukubo lapha emzansi.
Umthombo ongathembekile nokho uthi amaphoyisa ancinzwe indlebe ngubhululu wakhe omkhulu umakhosi, ukuthi njengoba etamasa nje emzansi, akanawo amaphepha amgunyaza ukuba ahlale kuleli.
“Lo bhululu wakhe engingeke ngilisho igama lakhe ngenxa
yokuvikela umsebenzi wakhe njengoba engumdidiyeli wohlelo lwakhe nje, nguyena impimpi enkulu yamapho-yisa,” kusho umthombo.
Ngemuva kokuthola lokhu, kuthiwa amaphoyisa amyalele ukuba azinikele kuwona, kodwa waqhuba ukusa kwakhe, wawatshela ukuthi ayamhlanyela.
Okhulumela amaphoyisa, umnu April First, ukuqinisekisile ukuthi bamfuna pha-nsi phezulu umakhosi kuhle kwembuzi yomsebenzi.
“Kusasa ekuseni ithimba lami lizogasela ezindlini zokusakaza evuma.
"Sizoxolisa kakhulu kubalaleli ngoba uhlelo lungaphazamiseka, sifuna ukwenza isibonelo ngalo msakazi,” kuchaza umnu First.
Umakhosi yena akathandanga ukuphawula, wathi intatheli ayibhale lokho ekuthandayo.
“Bhala okuthanda-yo mfana wami, kodwa nawe kuyokufica ukuhlupheka,” kusho yena.
Okunye ngalolu daba lalela uhlelo lwevuma FM, igood to Go Morning Drive kusasa ekuseni.