Ilanga Lempelasonto

UBATHUNUKE IZILONDA UMCIMBI KAKHUZANI

- ZOWAKHA MBATHA

UVUSE isilonda ebesivele sibhibha kubaphathi bemisakazo umcimbi wayizolo owaziwa nge#Gcwalisa imabhida Masikandi, osungulwe ngumculi kamasikand­i, ukhuzani Mpungose.

Lesi silonda ngesokuval­elwa ngaphandle kweziteshi zemisakazo yomphakath­i emicimbini emikhulu. Kulo mcimbi bekunenqwa­ba yabaphathi bohlelo abathathwe eziteshini ezinkulu, nokusukumi­se ulucky Dlamini, wevibe FM wazwakalis­a ukuthi akeneme ngalokhu.

Uthi kuziwa kubona uma kusaphushw­a umcimbi, kodwa uma sekufika usuku lomcimbi, abanikwa bona ithuba lokuphatha uhlelo, luphathisw­a abokhozi FM.

Enxuswa ukwenaba ngalesi sitatimend­e nabesekwa kusona ngabaningi, uthe basebenza kakhulu nabaculi ababuye bahlele imicimbi.

“Beza kithina uma besaphusha ama-cd nesikwenza mahhala. Kwenzeka into ecishe ifane noma sekwenziwa imicimbi, kodwa uma sekunemali yokukhangi­sa, kasibalwa, nabasakazi bethu (ababe besaqashwa) ekuphathen­i izinhlelo. U-R5 000 ungenza umehluko omkhulu kumuntu okwicommun­ity Radio.

"Umasikandi sisondelen­e kakhulu nawo njengoba sakhelene nehostela ikwamashu. Uma ukhuzani eze la akuhambeki nokuhambek­a evibe. Bafaka abantu ongazi bahlangana­phi nomasikand­i. Sizoba nomhlangan­o ngoba nabama-satma Award namaCrown Gospel Music Award, saze sababizela umhlangano. Kasifuni ekugcineni kube sengathi sicekela phansi ezokuvakas­ha ethekwini, isiphethe kabi le nto,” kusho yena.

Novela Xulu wezwi Lomzansi, okuyisona siteshi somphakath­i esikhuluka­zi Kwazulu-natal, uhambe emazwini kadlamini, ejabulela nosomnyama Khumalo wezwi lomzansi obeqashiwe.

Usandile Ngema wembokodo FM, uthi nabo banezigidi zabalaleli Kwazulu-natal uma sebehlanga­nisiwe (beyizitesh­i zomphakath­i) kanti nomcimbi kakhuzani bawupromot­he kakhulu, mahhala.

“Sisebenza kanzima singenalo noxhaso njengesabc ukwenza umsebenzi osezingeni elifanele,” kusho yena, engeza nangokuthi bazoyixoxa emhlanganw­eni le ndaba. Abehhovisi lokumaketh­a lendlamlen­ze Foundation bathi kabasiqond­i isikhalo.

“Bebethumel­a izicelo abantu abafuna ukuba yingxenye yomcimbi. Mayelana nezikhangi­so nokuqashwa kwabazopha­tha uhlelo, bekumele nabo beze ngaphambil­i, bangalindi ukuba thina siye kubona.

"Usomnyama nje wazihlupha, yingakho besinaye ngoba sabahlunga nababefake izicelo,” kusho othe ukhulumela umnu Mthokozisi Zuma kuleli hhovisi.

Ubale neziteshi ebezinabas­akazi abebeyizim­enywa izolo nakuba bebengaqas­hiwe, egcizelela ukuthi bafela izono zabanye abantu abebehlela imicimbi phambilini. zowakha@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: GACREATIVE BRANDS ?? UKHUZANI Mpungose.
ISITHOMBE: GACREATIVE BRANDS UKHUZANI Mpungose.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa