Ilanga Lempelasonto

Make sehlise ukubhala umculo onosizi - Wonder

Kakumele abantu bazizwe benosizi, kumele bagcwale indumiso

- THANDI ZONDI

UWONDER B Mthembu, ongumculi we- gospel, uthi sekuyisikh­athi sokuba amakholwa abhale umculo ojabulisay­o nogcwele indumiso esikhundle­ni sokuba kugxilwe ezingomeni ezinosizi kakhulu.

Uthi kuningi okumele abantu bakubonge uma bebhala umculo, uthi ukuvuka ekuseni kuyinhlanh­la engandele bani kukodwa.

Uma abantu belalele umculo wokholo uthi kakumele bazizwe begcwele usizi, kodwa kumele bagcwale ukubonga.

Uwonder ongowokuza­lwa emtubatuba, kodwa osezinze egoli ngenxa yomsebenzi awenzayo wokucula, uthi emuva kwesikhath­i eside eyibacking vocalist, eminyakeni emithathu eyedlule, ukhethe ukuba azimele.

“Konke kuhamba kahle kakhulu. Ngonyaka owedlule bengenze i- live recording yealbum yami ebisegalle­ria

Event Venue, esandton. Abantu babephume ngobuningi bezongesek­a,” kuchaza yena.

Kumanje uthi usededele i- single entsha esihloko sithi: "Ngofakaza". Ngale ngoma uthi uyabonga ngayo yonke into ayenzelwe ngumdali futhi uzofakaza ngayo. “Uma ngibheka lapho ngiphuma khona, ngiyazibuz­a ukuthi ngingahlal­a kanjani ngingashum­ayeli ngezimanga­liso angenzele zona usomandla,” kuchaza uwonderboy.

Uthi abantu bayamukele kahle i- single yakhe, kanti ngenyanga ezayo (April) uzobe esekhipha i- album egcwele.

“Abantu mabalindel­e ugcobo, inkazimulo nomculo owehlukile,” kusho yena. Uthi umculo wakhe kawugxilil­e kwisigqi esisodwa. “Kangisiyen­a umuntu othanda ukugxila entweni eyodwa. Lokhu kungisiza ekubeni umuntu nomuntu akwazi ukuthola ingoma ezozwana naye kwi- album.

"Ungathola eyi- jazz, pop, soul

nolunye uhlobo lomculo,” kuqhuba uwonder B. Esikhathin­i esizayo uthi uzibona esabalala nakwamanye amazwe, akafuni ukugcina eningizimu Afrika kuphela. Uthi usewaqalil­e amalungise­lo okuvakashe­la emazweni angomakhel­wane. tzondi@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UWONDER B uthi umculo wakhe ngowendumi­so kuphela.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UWONDER B uthi umculo wakhe ngowendumi­so kuphela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa