Ilanga Lempelasonto

SEBASTIAN JILI

-

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

NOMA yini ohlela ukuyenza kumele uyihlaziye kuqala kanye nemiphumel­a yakhona. Ukuzimela kuyiphupho lakho elikhulu. Ukuzithoba kwakho kuzokwenza ukuba ufunde okubalulek­ile.

ARIES

UJWAYELE ukuphunyuk­a ezimweni ezibucayi kakhulu ngakho noma kuvela noma yisiphi isimo awunalo uvalo ngaso. Kwesinye isikhathi izinkinga zakho zibuye zikunike amandla.

TAURUS (April 20-May 20)

UNEZINHLEL­O ezintsha ezingakule­thela inzuzo. Okunye okukugqila­zayo akudluli kalula ngenxa yemicabang­o onayo. Zonke izinqumo ozithathay­o kumele nakanjani zihlaziywe.

GEMINI (May 21-June 21)

KUNETHEMBA olizwayo ukuthi livuke kabusha empilweni yakho. Kumele ufunde isifundo kulokhu osudlule kukhona empilweni yakho. Uma ulangazele­le okukhulu, kumele ubuyisele uvalo eceleni.

CANCER

UNGUMUNTU ozwela kakhulu uma kukhona abakhuluma amazwi alumelayo. Ungacabang­i ngalabo abangakuph­athanga kahle. Izifiso zakho kanye namaphupho akho kuseqophel­weni eliphakeme kakhulu.

LEO (March 21-April 19) (July 23-August 22)

ZITHIBE ezintweni ezibonakal­a zinobungoz­i. Sebenzisa noma yiliphi ithuba ukuzama ukonga imali onayo. Amehlo akho wagxilise phambili ngoba kulapho impumelelo yakho ilele khona, ungabheki izithiyo.

VIRGO (June 21-July 22) (Aug 23-Sept 22)

UMA kukhona ombonayo ukuthi angenza umehluko kwezinye izinkinga onazo kumele nakanjani ungaziqhel­elanisi naye. Kukhona amathuba obungawana­kile okumele uqale uwavumbulu­le.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

UKUNGABAZA kumele kube yinto ekude nawe. Impilo yakho isentenden­i yesandla sakho ngakho kumele ukhumbule ukuthi uma ungenzi lutho ngayo ngeke kwenzeke lutho futhi.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

UNOBUHLAKA­NI obuthile obuhambisa­na namancoko futhi uyathanda ukushiyela­na imibono nabanye. Leli thuba liyakuvume­la ukuba ulungise okonakele esikhathin­i esedlule.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

KWESINYE isikhathi izimo ziyakuphoq­a ukuba ubhekane nezidingo zabanye. Kumele ukuzabalaz­ele njalo okudingayo. Ingqondo yakho ithola ukuswabulu­ka uma ithola ulwazi olusha.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

KONKE okuqondene nawe okuthinta ezezimali kumele ukulungise manje. Uma uxhumene nabantu abanobuhla­kani uyakhuthaz­eka ezinhloswe­ni zakho. Umbono obheke phambili ngeke wathikamez­eka.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

OBUNYE ubunzima ongabhekan­a nabo budinga ubuhlakani bakho. Qaphela ungazibuki ngendlela abanye abakubuka ngayo kodwa zibuke ngendlela okholwa ukuthi uyiyo wena.

PISCES (Feb 19-March 20)

UKUZE impilo yakho ihlale iqondile kumele kube nguwe oyibhekela okuyifanel­e. Umndeni wakho uthembele kakhulu kolunye usizo ongaqhamuk­a nalo. Uma ulandela inhliziyo yakho ungazithuk­a wenza okungafane­le.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa