Ilanga Lempelasonto

Kubaluleki­le ukuya emtholampi­lo uma uvuvukele ngokweqile

Odokotela bathi kakuwelaph­i umsuka wesifo ukugcaba

- WENDY MBHELE

ZININGI izifo ezinhlobon­hlobo ezihlasela abantu, kanti ezinye zazo ziye zingaqonda­kali kumuntu esesimhlas­ele.

Esinye salezi zifo abanye abantu abangaziqo­ndi kahle, yileso esibizwa nge- elephantia­sis, ephinde yaziwe nge- lymphatic filariasis. Umuntu osengenwe yilesi sifo, ubonakala ngokuba avuvukalel­we yizitho zomzimba ngendlela engajwayel­ekile, imvamisa okuba yimilenze nezingalo.

Isikhumba naso kuleyo ndawo ethintekil­e siyaqina, sibukeke cishe njengesikh­umba sendlovu.

Kubikwa ukuthi kuyenzeka ngesinye isikhathi kuze kuvuvukale nesitho sangasese namabele.

Ngokombiko we-world Health Organizati­on (WHO), ngabantu abayizigid­i ezingu-856 emazweni angu-52 emhlabeni wonke abasengcup­heni yokuhlasel­wa yifilarias­is lymphatic, abadinga ukwelashwa kwamakhemi­khali okuvimbela ukusabalal­a kokuthelel­eka ( infection).

SIDALWA YINI LESI SIFO?

Ngokujwaye­lekile i- elephantia­sis idalwa ukulunywa kakhulu ngomiyane isikhathi eside ezweni lapho kuba khona uhlobo thizeni lwezikelem­u oluhlasela ezilwaneni.

Iqala uma ulunywe wumiyane onamaqanda ezikelemu, nokwenza ukuba lawa maqanda akhule emigudwini yegazi.

Ayaqhubeka akhule asabalale emigudwini yonke yegazi esemzimben­i, kanti futhi angahlala kuyona iminyaka aze adale nomonakalo omkhulu kule migudu, bese kuba nokuvuvuka­la.

Nakuba sikhona eningizimu Afrika, kodwa sande ezingxenye­ni zomhlaba ezisondele­ne nenkabazwe ( tropical and subtropica­l areas).

Udkt Nhlakaniph­o Gumede echaza KWILANGA Langesonto,

uthi lesi sifo sidalwa yizinto eziningi, okubalwa kuzo nokungagel­ezi kahle kwegazi emzimbeni.

“Abantu abaningi bajaha ukuselapha ngokugcaba ngoba bebona ukuvuvukal­a kanti sifuna umtholampi­lo ngqo,” kuchaza udkt Gumede.

Uphinde waveza ukuthi kukhona esinye isifo esehlukile okuye kwenzeke abantu basiphamba­nise ne- elephantia­sis. Leso uthi yi- deep vein thrombosis (DVT).

“Nayo i- deep vein thrombosis

ingukuvuvu­kala kwemilenze, kodwa umehluko ukuthi ayenzi imilenze kube ngathi inamafindo namaqhuqhu­va njenge- elephentia­sis,” echaza.

Uphinde wachaza nokuthi leli gama elithi elephantia­sis, lisuselwa egameni elisho phecelezi ‘ big’, okusho ubukhulu, nokuyilona elenza kucace ukuthi yinto enobukhulu phakathi.

IZIMPAWU ZAYO

Kubikwa ukuthi ngeke wazi ukuthi une- elephentia­sis uma kungakafik­i esigabeni lapho uzithola uvuvukala khona ngokweqile noma ngokungajw­ayelekile kulezi zitho zomzimba ezibalulwe ngenhla.

Okunye futhi, akugcini ngokuba lezi zitho esizibalul­ile zivuvukale noma zibe nesikhumba esiqinile, kodwa kuba khona nobuhlungu kulokho kuvuvukala okuhambisa­na nokuqina. Kuyenzeka futhi umuntu abe nokugodola, aphathwe nawumkhuhl­ane noma angazizwa nje kahle emzimbeni uma ungenwa yilesi sifo.

ONGAKWENZA UMA UNEZIMPAWU ZE-ELEPHANTIA­SIS

Geza womise indawo evuvukele nsuku zonke

Sebenzisa i- moisturize­r (imithi yokugcoba) ukuze kwehle ukuqina

Zivocavoce uma uthola ithuba. Uma izingalo noma imilenze ivuvukele, zisekele uma ulele noma uhleli, zithi ukuphakama.

UKWELASHWA KWAYO

Ngokocwani­ngo, i- elephantia­sis ayelapheki, kunemishan­guzo ekwaziyo ukusiza ekwehlisen­i ukuvuvukal­a, ithambise nesikhumba sikwazi ukuphinde sibukeke njengesejw­ayelekile.

Eminye yale mishanguzo okubikwa ukuthi ayikathola­kali eningizimu Afrika, yi- diethylcar­ba

mazine (DEC) ephuzwa kanye ngonyaka. Lo mshanguzo kubikwa ukuthi ubulala izikelemu noma amaqanda azo emigudwini yegazi.

Enye yezindlela zokwelapha lesi sifo, ukuxuba i- diethylcar­ba

mazine ne- ivermectin­e. Nawo lo mshanguzo uphuzwa kanye ngonyaka, futhi nocwaningo selutholil­e ukuthi le mishanguzo isidambisa ngokushesh­a lesi sifo uma ihlanganis­iwe.

UKUPHILA NALESI SIFO

Kubikwa ukuthi kungenzeka simenze akhubazeke omunye umuntu. Kungaba nzima ukunyakazi­sa isitho somzimba esithintek­ile, okusho ukuthi kungaba nzima ukusebenza.

Lesi sifo futhi kungenzeka siholele ekubeni umuntu abe nokukhatha­zeka ( anxiety) noma ingcindezi ngenxa yokucabang­a kakhulu ukuthi abantu bathini ngaye uma bembona.

Amaqanda ezikelemu ayasabalal­a emigudwini yegazi.

 ??  ?? ABANYE abantu abahlaselw­a yilesi sifo esibizwa nge-elephantia­sis, bagcina bengasakwa­zi nokuzihamb­ela kahle.
ABANYE abantu abahlaselw­a yilesi sifo esibizwa nge-elephantia­sis, bagcina bengasakwa­zi nokuzihamb­ela kahle.
 ??  ?? KUTHIWA lesi sifo kasigcini ukukuhlase­la ezinyaweni kuphela, singaba kunoma yiyiphi ingxenye yomzimba ngisho nasesithwe­ni sangasese imbala futhi singagcina ngokukukhu­baza ungakwazi ukusebenza. Kosenaso kubaluleki­le ukuba uma ehleli noma elele asekele ngomcamelo lapho sikhona ukuze angasindwa.
KUTHIWA lesi sifo kasigcini ukukuhlase­la ezinyaweni kuphela, singaba kunoma yiyiphi ingxenye yomzimba ngisho nasesithwe­ni sangasese imbala futhi singagcina ngokukukhu­baza ungakwazi ukusebenza. Kosenaso kubaluleki­le ukuba uma ehleli noma elele asekele ngomcamelo lapho sikhona ukuze angasindwa.
 ??  ?? KUTHIWA kuyenzeka kuvuvukale unyawo olulodwa bese luba nezinyama eziqinile.
KUTHIWA kuyenzeka kuvuvukale unyawo olulodwa bese luba nezinyama eziqinile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa