Ilanga Lempelasonto

ESKHALENI:

- MZWAMANDLA ZONDI

NGIYAZWELA­NA kakhulu nezisebenz­i zekwazuluN­atal Athletics (KZNA) ezingaholi­le kuze kube manje ngenxa yezinkinga ezingahlan­gene nabo.

Uma usebenza kunezinto eziningi okufanele uzikhokhel­e uma kuphele inyanga ngoba uma wehluleka ukwenza lokho ugcina usunezinki­nga eziningi njengokuth­i igama lakho libhaliswe kubantu abakhokha kabi.

Ukube IKZNA eholwa ngusello Mokoena yakwamukel­a ukumiswa kwayo yi-athletics South Africa, ngabe izisebenzi kazikho kulolu bishi ezibhekene nalo.

Ngithuke kakhulu ngeledlule ngihambele ispecial General Meeting (SGM) ebesibizwe nguMokoena nengxenye yamalungu EKZNA angahambis­ani nokumiswa YI-ASA bethi akekho umuntu

onelungelo lokubamisa.

Bebeziseka ngokuthi bona bavotelwa ngamakilab­hu yiwona kuphela angakwenza lokho.

Umbuzo engisale nawo ngothi ngubani kanti ophethe omunye.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngo2009 ngesikhath­i ucaster Semenya ebuya nendondo yegolide kwiInterna­tional Associatio­n of Athletics Federation­s (IAAF), isascoc okuyinhlan­gano engamele ezemidlalo eningizimu Afrika, ithathe isinqumo sokumisa yonke ibhodi YE-ASA ebiholwa nguleonard Chuene ngaleso sikhathi kwafakwa umlawuli ozimele uraymond Mali. Uchuene nebhodi yakhe kabagoloza­nga bakwamukel­a ukumiswa kwabo.

Akugcinang­a lapho, I-IAAF imise irussia iyisola ngokungabi nendlela ehlelekile yokuhlola abasubathi. Sekungumla­ndo manje ukuthi iningi labasubath­i baserussia ababanga yingxenye yemidlalo yama-olympic Game ka-2016 abesebrazi­l kanti iningi labasubath­i bakuleliya lizwe bagcine ngalowo nyaka ukubamba iqhaza kwicomrade­s Marathon.

Ziningi izibonelo engingabha­la ngazo lapho izinhlanga­no zimisa lezo ezingaphan­si kwazo.

Kuyamangaz­a ukuthi IKZNA igoloza ngaliphi ukulalela umyalelo WE-ASA.

Kumanje kuneqembu lesifundaz­we elibambe iqhaza emidlalwen­i yetwizza ASA U/18 and U/20 Track and Field Championsh­ips eligcine lihanjiswe ngumlawuli ozimele uray Reddy ebambisene netask Team.

Ngiyishaye­la elikhulu ihlombe itask Team ngokuqinis­ekisa ukuthi akushayeki abasubathi ngenxa yalo mdonsiswan­o oqhubekayo. Ngenyanga ezayo kunemidlal­o yamasenior egermiston futhi ngijabule ukuzwa ukuthi itask Team noreddy bazoqinise­kisa ukuthi abasubathi bayahamba ukuyomela isifundazw­e.

Ngikholwa wukuthi ukube ugoodman Cele oyimenenja yekzNA wawalalela amakilabhu mhla ecela ISGM, ngabe izisebenzi aziphethe ziholile.

Kumanje ucele usephenduk­e isitha kwiziseben­zi aziphethe ngoba imiholo yazo ziyifuna kuyena.

Kumanje akalali wehla uyenyuka ubhalela itask Team izincwadi ecela le mali ekhishwe ngamakilab­hu ethenga amalayisen­si.

Okudumazay­o wukuthi ngabantu abaneminya­ka kwezokugij­ima laba abasho kugcwale umlomo ukuthi I-ASA kayinawo amandla okubamisa. Abanye balaba bantu kuthi sebebodwa bafonele itask Team bacele amalayisen­si kodwa uma behlangene nomokoena bacula elinye iculo.

Uma uvotelwe usuke umele lowo muntu okuvotele. IKZNA ivotelwa ngamakilab­hu ahlanganil­e mhla ka-23 kunhlolanj­a (February) athatha isinqumo sokuyimisa yonke ibhodi njenge-asa, nawo angahlonis­hwa.

Bengicela kubantu abaphethe ukuba baqiniseki­se ukuthi kuyo yonke into abayenzayo akuphazami­seki abagijimi kanjalo nezisebenz­i. Nazo izisebenzi azingathat­hi uhlangothi oluthile kulolu daba.

Nginethemb­a lokuthi lo mhlangano ozokuba khona phakathi kwetask Team nezisebenz­i uzothela izithelo ezinhle, igcine ilungiseki­le indaba yamaholo azo izisebenzi kuphinde kucace nangekusas­a LEKZNA.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa