Ilanga Lempelasonto

UKHOZA UDINWA YIMIBIKO YOKUGWAZEL­WA KONONDWEBA

- SENZO SOKHELA

USIHLALO wepremier Soccer League (PSL) u-irvin “Iron Duke” Khoza ( osesithomb­eni) uphawula ngenkohlak­alo okunamahle­bezi okuthi idla lubi ngalesi sikhathi sesizini eligini yakuleli.

I-absa Premiershi­p ibalwa namaligi amakhulu emhlabeni.

Isizathu salokho yindlela emakethwe ngayo, ngabaxhasi abaseqophe­lweni eliphezulu, yizinga le bhola njengoba kuvela ukuthi amakilabhu akuleli asekwazi ukuheha abadlali base-europe ngenxa yokuthi kuholwa kahle nokunye.

Sekuyinto ejwayeleki­le ukuthi uma isizini isizophela kube neziwombe lapho kusolwa khona amakilabhu athile ngokugwaze­la onondweba ngenhloso yokupheka imidlalo.

Amanye kuvela ukuthi athenga abadlali bamaqembu athile ukuze badedele imidlalo.

Engxoxweni ukhoza abe nayo naleli phephandab­a ngolwesihl­anu ekuseni, uthe ayikho into emnyanyisa njengokuzw­a ukuthi kunamakila­bhu agwazela onondweba ngenhloso yokuba bapheke imidlalo.

“Uma kungukuthi ngempela le nto iyenzeka angifuni ukuqamba amanga, iyanginyan­yisa ngiyafisa ukuthi kube khona obanjwayo khona sizokwenza ngaye isibonelo.

"Le ligi kusetshenz­we kanzima ukuze ibe lapho ikhona, kuvele kunginyany­ise uma ngizwa ukuthi kunabantu abenza le mikhuba.

"Le nto iyisifundo esibi kabi futhi yenza ngibone ukuthi abantu sebefelwe ngonembeza.

"Uma kukhona ngempela abayenzayo le nto abayiyeke ngoba bazoba senkingeni.

"Ujabula kanjani uthi uwinile ube ukade ugwazile?

"Le nto iyafana nomuntu oziphophot­he ubuso ahambe enconywa kuthiwe muhle ebe azi ukuthi ngaphansi kwaleso siphophoth­o kukhonani.

"Ingizwisa ubuhlungu le nto ngiyafisa nje ukuthi uma kukhona abayenzayo bayiyeke ngoba yehlisa isithunzi seligi,” kusho ukhoza obezwakala ukuthi iyamcasula le nto.

Limbuza leli phephandab­a ukuthi ngabe azikho yini izinhlelo abanazo zokubamba laba okuthiwa benza lo mkhuba uthe: “Kwesinye isikhathi uye unganaki ngoba wazi ukuthi usebenza nabantu abathembek­ile.

"Kodwa ziningi izinto ezibuye zingisolis­e ukuthi kukhona umkhuba owenziwayo konondweba.

"Buka nje ikilabhu yami ivele inikwe amakhadi abomvu ngendlela engaqondak­ali. Le nto ivele ingivezele ukuthi kukhona okushaya amanzi.

"Kukhona esiphezu kwakho uzozwa ngoba seziningi izikhalo sizithola.

"Kuzothuka abantu abaningi siphenya abantu izinqe zihlale obala.

"Phesheya abanaso isikhathi sokudlala uma wenza into ebhedayo bayakuxosh­a nathi-ke sizophoqel­eka ukuthi kube khona esikwenzay­o ukubamba izigilamkh­uba,” kusho ukhoza.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa