U-lady Zamar uthi sebehlukene nosjava
Ubeqala ukuphumela obala ngokuthandana kwabodf
USEPHUMELE obala usaziwayo ongumculi, ulady Zamar, ngendaba evele nyakenye yokuthi bayathandana nosjava kodwa abangakaze bayiqinisekise phambilini.
Nakuba esephumele obala manje wavuma ukuthi bebejola, kodwa uthi sebehlukene.
Izolo ulady Zamar (Yamikani Janet Banda) ubhale enkundleni yokuxhumana, itwitter, wathi impela bebethandana kusukela ngo-2017 kwaze kwaba yinyanga edlule, undasa (March). Uqhube wathi abantu sebengayeka-ke ukubuza ngale ndaba.
Lubukeka luseyimpicabadala namanje lolu daba ngoba ngawo unyaka owedlule ngoncwaba (August) kuke kwasabalala nemibiko yokuthi sebehlukene, kodwa ulady Zamar uthi bahlukane ngenyanga edlule.
Phambili usjava (Jabulani Hadebe) ngesikhathi ebuzwa ngabezindaba ngalokhu, waphika walala ngomhlane.
Echaza ngokuphika kukasjava, ulady Zamar uthi usjava waphika ngoba babengafuni ukuthi kube yindaba kawonkewonke, babefuna ukuyigcina phakathi kwabo.
Uqinisekisa lezi zindaba nje ulady Zamar, izolo usjava ubefake izithombe zabo bobabili, kwesinye sazo ebonakala sengathi uqabula esihlathini.
Njengenhlalayenza ama- tweeps awapholisanga maseko, aphawula. Abaningi bebeshaya izandla, bebabaza.
Abanye baphawule kanje:
@Terrytwl: Baphenyi bakaTwitter nisenzele phansi... Unyaka wonke nezinyanga eziwu-9?
@Dez_mdluli: Livuthe laze laphela ikhandlela. Kodwa-ke impilo kumele iqhubeke.
@Karaboprincess: Besilokhu simangele ukuthi ngubani lo ophula usjava umoya, kodwa manje isiyahlangana le nto.
@maneer_celani: Asibubonanga lobu budlelwane, ngakho sicela niqale phansi.