Ilanga Lempelasonto

U-lady Zamar uthi sebehluken­e nosjava

Ubeqala ukuphumela obala ngokuthand­ana kwabodf

- INTATHELI YELANGA LANGESONTO

USEPHUMELE obala usaziwayo ongumculi, ulady Zamar, ngendaba evele nyakenye yokuthi bayathanda­na nosjava kodwa abangakaze bayiqinise­kise phambilini.

Nakuba esephumele obala manje wavuma ukuthi bebejola, kodwa uthi sebehluken­e.

Izolo ulady Zamar (Yamikani Janet Banda) ubhale enkundleni yokuxhuman­a, itwitter, wathi impela bebethanda­na kusukela ngo-2017 kwaze kwaba yinyanga edlule, undasa (March). Uqhube wathi abantu sebengayek­a-ke ukubuza ngale ndaba.

Lubukeka luseyimpic­abadala namanje lolu daba ngoba ngawo unyaka owedlule ngoncwaba (August) kuke kwasabalal­a nemibiko yokuthi sebehluken­e, kodwa ulady Zamar uthi bahlukane ngenyanga edlule.

Phambili usjava (Jabulani Hadebe) ngesikhath­i ebuzwa ngabezinda­ba ngalokhu, waphika walala ngomhlane.

Echaza ngokuphika kukasjava, ulady Zamar uthi usjava waphika ngoba babengafun­i ukuthi kube yindaba kawonkewon­ke, babefuna ukuyigcina phakathi kwabo.

Uqinisekis­a lezi zindaba nje ulady Zamar, izolo usjava ubefake izithombe zabo bobabili, kwesinye sazo ebonakala sengathi uqabula esihlathin­i.

Njengenhla­layenza ama- tweeps awapholisa­nga maseko, aphawula. Abaningi bebeshaya izandla, bebabaza.

Abanye baphawule kanje:

@Terrytwl: Baphenyi bakaTwitte­r nisenzele phansi... Unyaka wonke nezinyanga eziwu-9?

@Dez_mdluli: Livuthe laze laphela ikhandlela. Kodwa-ke impilo kumele iqhubeke.

@Karaboprin­cess: Besilokhu simangele ukuthi ngubani lo ophula usjava umoya, kodwa manje isiyahlang­ana le nto.

@maneer_celani: Asibubonan­ga lobu budlelwane, ngakho sicela niqale phansi.

 ??  ?? NGESINYE sezithombe zikasjava nolady Zamar, azifake kutwitter (izolo) usjava.
NGESINYE sezithombe zikasjava nolady Zamar, azifake kutwitter (izolo) usjava.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa