Ilanga Lempelasonto

UVULE ELOKUHLUKU­NYEZWA NGOKOCANSI UMLINGISI

- ZOWAKHA MBATHA

UVELE akhihle isililo umlingisi osafufusa uma ekhuluma ngathi kumehlele ngasekuphe­leni konyaka odlule esezindlin­i okuqoshelw­a kuzo umdlalo odumile kumabonaku­de imbewu: The Seed, okhonjiswa kwi-e.tv, kugamenxe ihora lesi-9 kusihlwa.

Usimthande Myeza, obuye asakazele nesiteshi samakholwa iradio Khwezi, usola osebenzela ibecky Casting Agency, enikezela ngabalingi­si abengeziwe ( extras) kulo mdlalo, ngokumhluk­umeza ngokocansi ziyi-13 kulwezi (November). Uthi okwenza asukume manje wukuthi sekuvele nabanye abakhala ngalesi sisebenzi esibhekele­le izindaba zale agency ethekwini njengoba yona izinze egoli.

Uthi lo mlisa (esiligodli­le igama lakhe) asemvulele icala emaphoyise­ni, ubehlekisa ngaye, ethi ungumfana othambile, embuza nangobulil­i bakhe.

Uqhuba athi, lo mlisa umdonsele esihlalwen­i, wawela emathangen­i embuza ukuthi ufisa bani phakathi kwakhe nowesifaza­ne obeseduze. Uthi umbikelile umnikazi wale agency, ubekezela Dube, kodwa naye wamphendul­a ihlaya.

“Inkinga sibasha embonini, manje siyesaba ukukhuluma ngoba sesaba ukuvalelek­a. Ubesebenzi­sa ukuthi ngibukeka ngigay ukungehlis­a isithunzi njengoba eze wangidonse­la emathangen­i.

“Ungifoneli­le esezwile ukuthi ngivule icala ebuza ukuthi ngiyeza yini kwi- workshop ngamtshela ukuthi ngeke ngikwazi njengoba angikhipha kwi- group kawhatsApp, wase ethi uzongibuyi­sela, angize kodwa ngenqaba,” usho kanje.

Umnikazi wale agency ukuqinisek­isile KWILANGA Langesonto ukuthi uyalwazi udaba lukaSimtha­nde.

“Wangitshel­a ukuthi uzizwe ehlukumeze­kile ngoba eyisitaban­e,” kusho ubekezela.

Ube esetshela leli phephandab­a ukuthi usola ukuthi kukhona abathile abaqonde ukulwisana naye uqobo (ubekezela), manje kusetshenz­iswa umyeza.

ULT. Col. Thulani Zwane, okhulumela amaphoyisa, uliqinisek­isile icala lokuhlukun­yezwa ngokocansi elivulwe ekranskop, wathi idokodo liyiswe embilo ukuze liphenywe.

Abembewu bagcine bengaphefu­mulanga ngalolu daba.

Inkinga sibasha embonini, manje siyesaba ukukhuluma ngoba sesaba ukuvalelek­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa