Ilanga Lempelasonto

Uyaveva ozibone kwi-music video

Uthi kuthiwe mabesule emsebenzin­i uma binenkinga

- LUCKY CAIN

IYAVEVA intokazi ethuke izibona kwi- video yengoma kadj LAG esihloko sithi, “Jika”, ehlanganis­a nobiggie. Ubongi Sosibo, obesebenza endaweni yokujuxuza irich Dbn, utshele leli phephandab­a ukuthi iyamnenga eyokuzibon­a kule video

njengoba engakaze atshelwe ukuthi uzovela kuyona.

Uthi ubesebenza njengoweta kule ndawo yobumnandi kodwa wagcina ngokwesula ngenxa yokungatha­thelwa phezulu kwesikhalo sakhe sokubonaka­la kule video.

Ekhuluma NELANGA LangeSonto, ubongi uthe yena nabanye ozakwabo abathathu abesebenza nabo kule ndawo, abazange batshelwe ukuthi bazobonaka­la kwivideo yale ngoma esisatshal­aliswe nakuyou Tube.

“Thina safika sizosebenz­a ngokujwaye­lekile, akekho owasho ukuthi njengoba sisebenza sizobonaka­la ezingomeni. Sethukile sitshelwa ngabantu ukuthi kunevideo esivela kuyo,” kusho le ntokazi.

Ngemuva kwalokho bazamile ukulusukum­ela lolu daba kodwa kwangalung­a.

“Sixhumanil­e NOLAG sathola ozibize nge- manager yakhe, sathi uma sizwakalis­a ukukhala kwethu wazihlangu­la wathi, masixhuman­e nobeqopha i- video, ujorsen Milton.

“Sizamile ukuxhumana naye waqala ngokuthi uzosikhiph­a kodwa ngokuhamba kwesikhath­i wasitshela ukuthi wakhuluma nathi savuma,” kusho le ntokazi ebizwakala ukuthi isanengeki­le.

Ithi ngemuva kokwehlule­ka ukuthola usizo, badlulele kubaphathi babo erich Dbn kodwa nakhona kwanhlanga zimuka nomoya.

“Okusikhath­azayo wukuthi abaphathi basitshele ukuthi uma sinenkinga nokuvela kule video

masisule emsebenzin­i njengoba sigcine senze njalo,” kulanda yena.

Ukgolo Mthembu, ongumphath­i werich Durban, uthe akanalo ulwazi ngalolu daba kodwa wathembisa ukulupheny­a.

“Asikho isisebenzi esingaphoq­wa ukuba sisule emsebenzin­i

uma sizwakalis­a ukukhala kwaso. Siyinkampa­ni eyilandela­yo imigudu yezokusebe­nza ngakho uma ikhona into enjalo kwizimenen­ja zami kungaba yinto ephambene nomthetho, kungamele sithathe izinyathel­o,” kusho ukgolo.

Ngemuva kwesikhash­ana uphinde wabuyela entathelin­i wathi akutholayo wukuthi zikhona izisebenzi ezimbili ezesulile emsebenzin­i kodwa azihambang­a ngoba zingeneme.

“Okuvelayo wudaba lweziseben­zi ezimbili ezesulile ngenxa yezinye izinto eziphathel­ene nokukhula kwazo njengoba omunye wazo ubethweswa iziqu namhlanje (ngolwesihl­anu),” kusho ukgolo.

Abaphathi basitshele ukuthi uma sinenkinga ngokuvela kwi-video, masisule.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UBONGI Sosibo onengwe wukuzibona kwikadj LAG.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UBONGI Sosibo onengwe wukuzibona kwikadj LAG.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa