Ilanga Lempelasonto

LILUFIPHI IKUSASA LE-KINGS DRIVE

- THANDI ZONDI

KUTHIWA lintanta emoyeni ithimba lekings Drive kwigagasi FM, elifike kwezwakala kulesi siteshi ngokuthi liqophe umlando ngokuba nabalaleli abangaphez­u kuka-1 million.

Umthombo WELANGA LangeSonto, ongaphakat­hi kulesi siteshi, uthi usphectacu­la (Sphe Ngwenya) nodj Naves (Lebogang Nave), kabanayo inkontilek­a yomsebenzi nalesi siteshi, okusho ukuthi bangahamba noma nini uma bethanda ngokusho komthombo.

Kuthiwa inkontilek­a okwakumele bayisayine kabahambis­ananga nemithetho nemibandel­a yayo, base beyiduba kanjalo.

“Phakathi kwezinto ababethenj­iswe zona (phambilini) wukuthi bazokwazi ukusakazel­a e- studio sasegoli nokuthe uma sebesayine inkontilek­a yashaywa indiva leyo ndaba. Kumanje bafunwa ngapha nangapha yiziteshi ezahlukene.

Uma beke bavumelana nesinye isiteshi, igagasi lizoba senkingeni enkulu ngoba uhlelo lwabo luthandwa kakhulu,” kusho umthombo.

Umthombo uqhuba uthi maningi amathuba okuthi bahambe yize behola kahle kulesi siteshi ngenxa yokungavum­elani ngezinto ezithile nabaphathi.

“Bangabantu abamatasa kakhulu futhi bafunwa ngapha nangapha yingakho bengasayin­anga i- contract eyodwa. Basayina ama- contract ahlukene bese elokhu evuselelwa njalo ngemuva konyaka. Kulo nyaka abakaze bayivusele­le,” kuqhuba umthombo.

Nokings Sfiso obengumsak­azi walo igagasi kodwa olilaxaze waya okhozini FM kuthiwa naye ubengasena­yo inkontilek­a abeyisayin­e negagasi, yingakho kube lula ukuba azihambele ngokushesh­a.

Ukhulekani Shandu, okhulumela igagasi, ethintwa yileli phephandab­a ngesonto eledlule mayelana nalolu daba uphawule kafushane wathi: “Abekings Drive bayisayina befika inkontilek­a, baseyingxe­nye yegagasi. Ngeke ngiphawule (ngokuquket­hwe) yizinkonti­leka ngoba ziyisivume­lwano phakathi komsakazo nabasakazi,” kuphetha yena.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa