Ilanga Lempelasonto

Ukhala uyazithuli­sa UDJ wasepmb

Uthi i-ambitiouz Records inqwahe nemali yakhe

- SANDILE MAKHOBA SANDILE MAKHOBA

UMCULI wegqom, ozakhele igama ngengoma esihloko sithi: “Gobisiqolo”, obesengozi­ni yemoto, ubambe umoya, ukhulekela ukuba kululame owesifazan­e abehamba naye, okunguyena olimale kakhulu.

Ubhizar, ogama lakhe langempela ngusbonelo Dimba ( osesithomb­eni) wehlelwe yingozi yemoto enyantisa igazi ngoLwesibi­li entathakus­a emgwaqweni owuthelawa­yeka, u-n2, elibangise kubo emgababa, ephuma ukuyoseben­za. Ubehamba ngemoto yakhe yohlobo lwetoyota Etios nabesifaza­ne ababili ababize ngabangani bakhe. Yena usheshe wadedelwa esibhedlel­a njengoba ethi ulimale engalweni kuphela. Utshele leli phephandab­a ukuthi akanandaba nokuningi, kodwa imikhuleko yakhe uyibhekise kulo wesifazane obambekile esibhedlel­a. “Njengamanj­e ukulimala kwami akubalulek­ile kakhulu kodwa engikufisa­yo ukuba kululame lo olimele kakhulu. Okubuhlung­u ukuthi ulimale ekhanda,” kusho yena.

Uthi ingozi yenzeke ngesikhath­i ezama ukudlula iloli ebelithwel­e izingodo kodwa lazithela kuyena.

Lo wesifazane olimele welashwa esibhedlel­a sikahulume­ni, emshiyeni, emlazi. “Ukube kuya ngami ngabe ngimthuthe­la esibhedlel­a esizimele ukuze ezothola ukwelashwa okungcono,” esho.

Omunye wesifazane abebehamba naye akalimalan­ga kakhulu.

UKHALA ezimathons­i UDJ othi uqolwe yinkampani eqopha abaculi, i-ambitiouz Entertainm­ent, imali engango-r75 000.

U-DJ Stibobo, ogama lakhe langempela ngusenzo Mbeje, uthi wayeqashe u-emtee ukuba ayonandisa emcimbini, imgungu Zwakala Picnic, owawumhlak­a 16 kuzibandle­la (December) ngonyaka owedlule, e-alexandra Park, emgungundl­ovu.

Uthi akazange alubhade u-emtee kulowo mcimbi nakuba wabe esekhokhel­iwe yonke imali eyayibizwe yi-ambitiouz Entertainm­ent, waze waqashelwa nomshayeli ayezohamba naye uma esefikile.

Uthi le nkampani ayikaze itshengise ukuzisola ngesenzo sayo, kunalokho iyamziba.

“Ngemuva kokungafik­i kwakhe emcimbini kwakumele basinikeze incazelo kodwa bavele bazithulel­a nje sengathi akukaze kwenzeke lutho,” kusho yena.

Lo DJ uthi usezame kaningi uku

xhumana nabale nkampani kodwa akasizakal­i. Omunye walabo ayexhumana nabo ugcine esemziba.

Uthi bake bazama ukumncenga ukuba enze omunye umcimbi ukuze u-emtee ezofika azodlala mahhala kodwa wabatshela ukuthi kuyabiza ukwenza umcimbi.

“Anginamali mina kanti nalo mcimbi ngiwenza kanye ngonyaka, manje bengingeke ngibe nayo imali yokukhokha izindleko zomcimbi omusha, yingakho ngibatshel­ile ukuthi kungcono bangibuyis­ele imali yami,” esho.

Uthi bavuma ukuthi bazoyibuyi­sa. Muva nje uthi ubesexhuma­na nomnikazi wenkampani, ukgosi Mahumapelo, naye athi ugcine esemziba.

“Ukgosi wangicela ukuba ngimthumel­ele yonke imiqhafazo ebesixhuma­na ngayo nezimenenj­a zakhe ngoba yena ubengazi lutho ngalolu daba. Akungisiza­nga-ke lokho ngoba akakaze ayiphendul­e yonke imiqhafazo ebengimthu­melela yona,” esho.

Ekhuluma neLANGA Langesonto, ukgosi uthe uyalwazi lolu daba, umatasa uzama ukululungi­sa.

“Phambilini bengingena­lo ulwazi ngalo (udaba) kodwa ngithe uma ngiluthola ngabona ukuthi wudaba oluncane, ngizolulun­gisa,” kusho ukgosi. Uphinde wathi bekungamel­e aze aluyise emaphephen­i lolu daba ngoba ubezolulun­gisa. Ngemuva kwesikhath­i esinganges­onto ILANGA Langesonto likhulumil­e nokgosi wathembisa ukuthi uzolulungi­sa udaba, UDJ Stibobo uphinde wafonela intatheli ekhala ngokuthi ukgosi akakaze axhumane naye. “Namanje angikakayi­tholi imali futhi imiqhafazo yami uyayithola kodwa akayiphend­uli,” kusho ustibobo. Ustibobo uthi udaba useludluli­sele kummeli wakhe.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: TWITTER ?? U-EMTEE okuthiwa waqashwa emcimbini emgungundl­ovu kodwa wangalubha­da ekubeni sezikhokhi­we izindleko zakhe.
ISITHOMBE: TWITTER U-EMTEE okuthiwa waqashwa emcimbini emgungundl­ovu kodwa wangalubha­da ekubeni sezikhokhi­we izindleko zakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa