Ilanga Lempelasonto

Usazogxila emkhakheni wobumnandi umfundisi

Uzobonakal­a kwi-lockdown kanti usejoyine nezithuthu­thu

- LUCKY CAIN

MFUNDISI osezakhele igama emkhakheni wezokungce­beleka uthi akukho okuphamben­e nenkolo ngempilo ayiphilayo. Usakhile Langa, ongumfundi­si webandla lodumo Ethekwini Community Church, ophinde azwakale emsakazwen­i ivuma FM njalo ngesonto futhi osanda kungena kwezokulin­gisa, uthi labo abaxakwa wukuba kwakhe kwezobumna­ndi banenkinga.

Uthi ukuba wumfundisi akumvimbi ukuthi aphile impilo yakhe ngendlela afisa ngayo. Uqhubeka athi ngaphambi kokuthi abantu babe nenkinga ngaye nobumnandi kumele bakuqonde ukuthi njengoba enenkontil­eka yomsebenzi nomasipala wetheku, omunye wemisebenz­i yakhe wukuqinise­kisa ukuthi lo masipala uxhumana ngendlela nezinhlaka ezisebenzi­sana nawo.

“Esikhathin­i esiningi uma ngisemcimb­ini, ikakhuluka­zi kamasipala, ngisuke ngisebenza, hhayi ukuthi ngisuke ngihambele ubumnandi.

“Angiphiki ngiyaziham­bela izindawo zobumnandi, akusho ukuthi njengoba ngingumfun­disi akumele ngijabule nabanye abantu,” kusho lo mfundisi enanela ngokuthi uma ehambela lezi zindawo akuchazi ukuthi wenza okuphamben­e nemithetho yenkolo yobukristu.

Umfu Langa uthi kuningi asazimisel­e ukukwenza emkhakheni wezikaqedi­sizungu njengoba ebuye aphathe izinhlelo emicimbini eyahlukene kanti ukubonakal­a kwakhe emdlalweni ophele ngeledlule ihostela kumvulele nelinye ithuba njengoba esezobonak­ala komunye umdlalo okhuza ibuya kumabonaku­de, ilockdown.

Uthi ukuthokoze­le ukuqopha lo mdlalo kanti usezimisel­e ukukuthath­ela phezulu ukulingisa.

“Ngikhuluma nje ngisezinhl­elweni zokuthola inkampani ezongithol­ela imisebenzi kwezokulin­gisa. Ngiyabonga kakhulu kubakhiqiz­i belockdown ngokubona ikhono ebengingal­inakile,” kusho umfu Langa, osengene kwi- club yezithuthu­thu.

Uthi kule club uyisekela likamengam­eli weqembu elibizwa ngedurban Bikers Club. Uthi uyazifela ngezithuth­uthu.

Uzobe engomunye wabaphathi bohlelo emcimbini wephasika obizwa ngovukile

Gospel

Festival.

Umfu

Langa osedume ngelikamhl­onishwa, okuyigama aliqanjwa ngubhululu wakhe ucalvin Ntenga, uthi unamadodan­a amabili kanti akakashade­lwa selokhu ahlukanani­sa nomkakhe. Uthi njengoba eneminyaka engu-41 kulo nyaka, uzimisele ukuthatha inkosikazi uma esenemika engu-45 ubudala. Utshele leli phephandab­a ukuthi akaziboni evula elakhe ibandla njengoba eveza ukuthi akulona ubizo lwakhe ukusungula ibandla. Uthi usakuthoko­zela ukukhonza ngaphansi kwesandla sikabhisho­bhi Vusi Dube amthatha njengomnga­ni wakhe omkhulu. Uphethe ngokuthi nakuba kuyinto esekude emqondweni wakhe kodwa uzimisele ukuthi ngokuhamba kwesikhath­i akhipha i-albhamu yomculo we- gospel.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa