Ilanga Lempelasonto

Bathembisa inoni elizoshisa izikhotha

Bavumbulul­e ithalente ebeligqibe­kile

- UBUYOFUNAN­I EZINGOJENI SGWILI UYINKUNZI YOHLOBO UPAPA PENNY

ayichaze ngokuthi izomangaza abaningi abazozwa okokuqala ngqa ukunotha kwephimbo likalin Dough, ahlawumbis­ele ukuthi izophuma ngephasika. Uthe liyamangaz­a ikhono lalo mculi, wababaza nephimbo lakhe athi beligqibek­ile waveza nokuthi akangabazi ukuthi abaningi bazomangal­a uma belizwa.

“Kuyona sisebenze ngokubambi­sana nomondli Ngcobo obemcathul­isa lapha nalaphaya,” kusho UDJ Merlon. Umondli waziwa ngokunonga ngephimbo izingoma azenza ngokubambi­sana nodj Merlon okubalwa kuzona ethi “Koze Kuse” nethi “Themba Lami.”

UDJ Merlon uthi ngesikhath­i ehlela ukusebenzi­sana nolin Dough, ubezitshel­a ukuthi bazokhipha kuphela i-albhamu, hhayi ukuba asayine ngaphansi kwenkampan­i.

“Ngenxa yokuthi mina ngigxile kakhulu kwi- deep house kanti yena ukwi-kwaito, kumele ngibuyekez­e indlela esizoseben­zisana ngayo ukuze kungabi khona ukushayisa­na.

“Ngibe senginquma ukuba ngingagcin­i ngokuba nealbhamu naye kodwa siqale ubudlelwan­o obuya

phambil sabe sesifika esivumelwa­neni sokumsayin­isa ngaphansi kwegreyman Music,” kusho UDJ Merlon.

Uzwakale ethokozile ngesikhath­i ekhuluma NELANGA Langesonto ulin Dough, wahamba emazwini kadj Merlon okuthi kukhona induku efihlwe emqubeni.

“Labo abathanda ulindo engubaba kavaldo, abalindele ukuthanda ulin Dough, ongumculi ngoba kukhona into ezayo, nami angisakwaz­i ukulinda.

“Ngibonga isineke sikamondli ngesikhath­i sisebenza kule albhamu nakudj Merlon ovumbulule ithalente ebengingaz­i ukuthi nginalo,” kusho ulin Dough.

Nakuba ulin Dough edunyiswe kakhulu ngama- video awenza nendodana yakhe uvaldo, UDJ Merlon uthe kulokhu bazogxila kwiciko labo ukuze banike uvaldo ithuba lokuthi akhule njengengan­e.

ayandab@ilanganews.co.za UYAZI kodwa mina ngibuye ngidideke kukhona le genge engingayiq­ondi kahle ukuthi kanti ibuye iphile mpiloni. Ngishaqeki­le ngithi ngiyazigud­lela nje kwamanye amahashaha­sha asethekwin­i ngako-albert Park ngolwesihl­anu olwedlule ntambama ngazithela kulo mculi we-gospel okuthiwa ngusgwili. Ngivele ngamangala nje ukuthi kodwa inceku enguSgwili ngiyithemb­e kangaka ifunani kodwa endaweni ehashazela­yo. Ngibe namahloni okumqhweba ngoba phela nami bengithi ngiyakhekh­eleza ngiyofuna ebengishod­a ngakho. Cha nokho angisho lutho ungaze uthi ngiyakujaj­a wesgwili, qhubeka uhambe izindlela zakho, kulungile. LOL, upapa Penny ngiyamvuma, uyindoda impela. Ukuzala izingane ezingu-25 akuyona into kanoma ngubani, idinga amadoda anamandla futhi asuthayo. Well, umzala uyakubonge­la ngendodana yakho upapa Penny Jr. Ngiyazisa nkosi yami, le ngane usuzoyifun­disa le midanso yakho emangalisa­yo. Cishe ngakhohlwa, ngicela ungisize Papa Penny ungixhuman­ise ne- stylist sakho, kukhona umcimbi obalulekil­e engiya kuwona phesheya kwezilwand­le.

Ngizobe ngiyisimen­ywa esiqavile, manje ngifuna ukushaya leli goda lakho eli- unique.

Lol!

Kuyona sisebenze ngokubambi­sana nomondli Ngcobo...

 ?? THUSO MBEDU PAPA PENNY SGWILI ?? UDJ Merlon osanda kwemukela ulin Dough ngaphansi kwenkampan­i yakhe igreyman Music, ULIN Dough odume ngelikaDad­dy kavaldo usesayine ngaphansi kwenkampan­i yomculo kadj Merlon.
THUSO MBEDU PAPA PENNY SGWILI UDJ Merlon osanda kwemukela ulin Dough ngaphansi kwenkampan­i yakhe igreyman Music, ULIN Dough odume ngelikaDad­dy kavaldo usesayine ngaphansi kwenkampan­i yomculo kadj Merlon.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa