Bathembisa inoni elizoshisa izikhotha
Bavumbulule ithalente ebeligqibekile
ayichaze ngokuthi izomangaza abaningi abazozwa okokuqala ngqa ukunotha kwephimbo likalin Dough, ahlawumbisele ukuthi izophuma ngephasika. Uthe liyamangaza ikhono lalo mculi, wababaza nephimbo lakhe athi beligqibekile waveza nokuthi akangabazi ukuthi abaningi bazomangala uma belizwa.
“Kuyona sisebenze ngokubambisana nomondli Ngcobo obemcathulisa lapha nalaphaya,” kusho UDJ Merlon. Umondli waziwa ngokunonga ngephimbo izingoma azenza ngokubambisana nodj Merlon okubalwa kuzona ethi “Koze Kuse” nethi “Themba Lami.”
UDJ Merlon uthi ngesikhathi ehlela ukusebenzisana nolin Dough, ubezitshela ukuthi bazokhipha kuphela i-albhamu, hhayi ukuba asayine ngaphansi kwenkampani.
“Ngenxa yokuthi mina ngigxile kakhulu kwi- deep house kanti yena ukwi-kwaito, kumele ngibuyekeze indlela esizosebenzisana ngayo ukuze kungabi khona ukushayisana.
“Ngibe senginquma ukuba ngingagcini ngokuba nealbhamu naye kodwa siqale ubudlelwano obuya
phambil sabe sesifika esivumelwaneni sokumsayinisa ngaphansi kwegreyman Music,” kusho UDJ Merlon.
Uzwakale ethokozile ngesikhathi ekhuluma NELANGA Langesonto ulin Dough, wahamba emazwini kadj Merlon okuthi kukhona induku efihlwe emqubeni.
“Labo abathanda ulindo engubaba kavaldo, abalindele ukuthanda ulin Dough, ongumculi ngoba kukhona into ezayo, nami angisakwazi ukulinda.
“Ngibonga isineke sikamondli ngesikhathi sisebenza kule albhamu nakudj Merlon ovumbulule ithalente ebengingazi ukuthi nginalo,” kusho ulin Dough.
Nakuba ulin Dough edunyiswe kakhulu ngama- video awenza nendodana yakhe uvaldo, UDJ Merlon uthe kulokhu bazogxila kwiciko labo ukuze banike uvaldo ithuba lokuthi akhule njengengane.
ayandab@ilanganews.co.za UYAZI kodwa mina ngibuye ngidideke kukhona le genge engingayiqondi kahle ukuthi kanti ibuye iphile mpiloni. Ngishaqekile ngithi ngiyazigudlela nje kwamanye amahashahasha asethekwini ngako-albert Park ngolwesihlanu olwedlule ntambama ngazithela kulo mculi we-gospel okuthiwa ngusgwili. Ngivele ngamangala nje ukuthi kodwa inceku enguSgwili ngiyithembe kangaka ifunani kodwa endaweni ehashazelayo. Ngibe namahloni okumqhweba ngoba phela nami bengithi ngiyakhekheleza ngiyofuna ebengishoda ngakho. Cha nokho angisho lutho ungaze uthi ngiyakujaja wesgwili, qhubeka uhambe izindlela zakho, kulungile. LOL, upapa Penny ngiyamvuma, uyindoda impela. Ukuzala izingane ezingu-25 akuyona into kanoma ngubani, idinga amadoda anamandla futhi asuthayo. Well, umzala uyakubongela ngendodana yakho upapa Penny Jr. Ngiyazisa nkosi yami, le ngane usuzoyifundisa le midanso yakho emangalisayo. Cishe ngakhohlwa, ngicela ungisize Papa Penny ungixhumanise ne- stylist sakho, kukhona umcimbi obalulekile engiya kuwona phesheya kwezilwandle.
Ngizobe ngiyisimenywa esiqavile, manje ngifuna ukushaya leli goda lakho eli- unique.
Lol!
Kuyona sisebenze ngokubambisana nomondli Ngcobo...