Ilanga Lempelasonto

NGIYAKUKHU­ZA THUSO MBEDU

- AYANDA BUTHELEZI

THEMBISA ulozolo lwengoma athi akangabazi ukuthi izoshisa izikhotha UDJ Merlon, osanda kusayina ulindo “Lin Dough” Sithole, obuye aziwe ngelikadad­dy kavaldo, ongowokuda­buka e-estcourt kodwa osezinze egoli.

UDJ Merlon, osanda kwemukela ulin Dough ngaphansi kwenkampan­i yakhe igreyman Music, ayisungule ngo-2015, ubabaza ithalente lalo mculi obengumrep­ha we-kwaito, ngaphambil­ini obeseqenji­ni eselafadal­ala iteddy Bears.

Kumanje laba baculi basemaphet­helweni amalungise­lelo okukhipha isingili kalin

Dough ethi “Izintombi”, UDJ

Merlon HA! Ngithi ha, ngiyasaba! Futhi angifuni nakuyikhol­wa le ndaba yokuthi uthuso Mbedu usethandan­a nodj Sbu. Thuso, ngicela ungifonele, ngidinga ukuba sihlale phansi siyixoxe kahle le ndaba. Phela uma le nto engiyizway­o iyiqiniso, ngabe ushaye into ephansi kakhulu.

Into engikhatha­zayo nje ukuthi useyingane kanti UDJ Sbu lo usemdala, kade kwasa ebona. Uyazi nawe ukuthi mina ngeke ngikukhohl­ise, UDJ Sbu akakufanel­e.

Siza girl ungithinte, futhi-ke mina ngingakuth­olela i- boyfriend e- right, ekufanele.

So, shaya ucingo sisi sikhulume, uyayazi i- number yami. ZINGANE zakwethu, umzala uyaninxusa ukuba niziphathe kahle njengoba sekungena ubusika nje. Ngiyazi ukuthi sizobona imihlolo kwabanye benu. Okokuqala nje washani lawa majezi namajazi enu ahlala kuma- suitcase.

Kungathi sekufike amakhaza bese nidonsa nigqoke ningawashi­le ngoba nizosinuki­sela. Okwesibili, angifuni ukuzwa iphunga likazamlan­dela please, u-2019 manje. Bakwethu ngiyazi ukuthi ebusika abantu abaningi abazwani nendlu yengwenya ngoba bathi kuyabanda, ngiyazicel­ela, asiyijwaye­le indlu yengwenya, sigeze nasezindaw­eni ezishisayo ngoba phela zona ziyajuluka ngisho kumakhaza.

Ngiyazi-ke abanye sebejahe kabi ukugqoka lawa majakhethi amakhulu aneziboya bese umuntu akhukhumal­e abe yimfukumfu­ku sengathi yiskabhu esikhuluph­ele.

Lol. Ngyadlala guys.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa