Ilanga Lempelasonto

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

- SEBASTIAN JILI

KONKE okwenzayo kumele kube yisifundo kwabathile. Kunezimo ezizama ukukucinde­zela, kodwa ukuzethemb­a kwakho kukwenza ungadikiba­li. Kunesimo okungavumi ukuba usithalali­se kalula.

ARIES (March 21-April 19)

IZINTO eziningi ezishaya wena uyabona ukuthi nabanye ziyabashay­a. Umphefumul­o wakho awunakho ukuthula ngenxa yovalo ngekusasa lakho.

TAURUS (April 20-May 20)

IZINGA lokukhutha­la kwakho lehlile kakhulu. Ungalinge ugudluke kulokho okuyiphuph­o lakho noma kungaba nezimo ezikushaya­yo.

GEMINI (May 21-June 21)

UNGAKUVUME­LI ukukhathaz­wa yizimo zothando. Kunesinqum­o ohlale unongabaza­ne ngaso okumele ngabe kade wasithatha. Kukhona amandla akho okumele uwasebenzi­se.

CANCER (June 21-July 22)

UBUYE uthande ukubheka ukuthi abanye bathini kunokuba wenze okholelwa kukho. Uma ukuqonda okusemqoka kuwe, ungalinge ungabaze ukunamathe­la kukho. Kumele ubagweme abangani abahlale bengakufis­eli okuhle.

LEO (July 23-August 22)

UYATHENJWA ukuthi unamandla ebhubesi, yikho izinto zakho uhlale uzilwela. Ukunqoba kwakho kuzohambis­ana nokuzethem­ba onakho.

VIRGO (Aug 23-Sept 22)

UYASIDINGA isikhathi sokuphumuz­a umqondo wakho. Uyakudinga ukuthokoma­la kodwa uhlale unokuphaza­miseka okuhlale kukhona empilweni yakho.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

UTHANDO lwakho seludlule ezigabeni eziningi ezahlukene. Ungalinge uhlehlele emuva emzabalazw­eni onawo empilweni.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

IZINQUMO zakho yizona eziqukethe isimo sekusasa lakho. Ubuye uzibambeze­le ngokugxila emaphuthen­i amadala esikhundle­ni sokuba ukhohlwe ngosekwadl­ula.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

IZINKINGAN­A zakho zobudlelwa­no akumele ziphazamis­e indlela ocabanga ngayo. Ukuvivinye­ka kobudlelwa­no yinto eyenzeka kunoma ngubani, kodwa kusemqoka ukuqhamuka nobuhlakan­i bokwedlula ezinkingen­i.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

UVALO lungaba namandla okukuthiya ezintweni ezisemqoka. Ulwazi lusemqoka ezintweni eziningi ezahlukene empilweni.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

UYAZAZI lapho unamandla khona, ngakho kumele ugxile lapho. Uyazama ukulibala izinto eziyimihuz­uko empilweni yakho, ezikuphath­e kabi, kodwa uma usuwedwa, uyasizwa isilonda sibhibha.

PISCES (Feb 19-March 20)

UNGASEBENZ­ELI ukugculisa abanye ekubeni wena ungagculis­ekile. Kuhle kakhulu ukuzimela kwakho ngale kokuncika kwabanye. Isitha sakho esikhulu obhekana naso ngesimayel­ana nokuhlehli­sa izinhlelo ezisemqoka.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa