Ilanga Lempelasonto

Ayinqindwe amandla I-ANC

-

MHLELI, kwelapho elihamba phambili, ngithi ake ngisike elijikayo ngesimo engisibona siyingozi, izwe lobaba mkhulu elingase libhekane naso ngaphansi kobuholi bukaKhongo­lose.

Eminyakeni ethi ayibe wu-25 iningizimu Afrika yathola inkululeko, ziningi izigameko ezinhle nezimbi izwe eselidlule kuzo ebuholini bomengamel­i abathathu beANC.

Kunefu elimnyama lenkohlaka­lo eligubuzel­e ukhongolos­e selokhu angena ezintanjen­i zombuso. Umbuzo engizibuza wona manje uthi: “Ingabe kuyofika u-2024 sinjani isimo kuleli lizwe uma umphakathi uwuphinda ngamandla (ukhongolos­e) okuhola uhulumeni emuva kokhetho?”

Umbono wowabe engumengam­eli, umnu Kgalema Motlante wokuthi leli qembu liyadinga ukuphuma emandleni ukuze lizibone amaphutha alo eliwenzile kuyona yonke le minyaka, ngiwubona umuhle futhi uzosiza yona uqobo I-ANC.

Abaholi bakakhongo­lose, ikakhuluka­zi laba bamanje, abanendaba nenhlangan­o, kodwa babeka izisu zabo phambili. Lokho kufakazelw­a wukuthi noma sekuyisikh­athi sokuthi kube khona ushintsho ngaphakath­i kuyona I-ANC, akwenzeki, abawalalel­i amalungu abo emagatshen­i kanjalo nabantu abayivotel­ayo.

Amahemuhem­u ngohlu lwabantu abazoyimel­a ephalamend­e likazwelon­ke kanjalo nasezishay­amthetho libuyisa amakhehla namakhehle­kazi asefanelwe wukuhlala phansi.

Lokho-ke kukhombisa ngokusobal­a ukuthi cha inhlangano le ibuswa ngogombela kwezabo futhi abalandelw­a amacala enkohlakal­o.

Ngiyabanxu­sa abantu ukuba bavule amehlo ngalo Khongolose, kungenjalo, siyokuyikh­otha imbenge yomile. Bayolidayi­sa baliqeda izwe nomnotho walo, sisale sincela izithupha!

Angisho ukuthi abantu bamavotele inhlangano ethile yezepoliti­ki, okudingeka­yo nje wukuba sinqinde amandla lo ANC osuvele wonile kakhulu. Lokho kuyosiza thina kanjalo nabantwana bethu.

Sifiso Ngweza, emtwalume

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa